UMnu uZithulele Mdadane, umsunguli weHlumakahle Agriculture yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

LiHlumakahle ibhizinisi lomlimi owujikelele kule mboni. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHULE ecabanga ukuthi uyise “uyahlupheka” ngoba wayengaqashiwe njengabanye abantu. Kepha wavuleka amehlo ngonyaka ambona ngawo edayisa izinkomo ukuze abakhokhele esikoleni nezingane zakubo.

Akusiyo nje inkungu eyathi qwebu ngebhizinisi likayise kodwa kwatshaleka nothando lwezolimo kuMnu uZithulele Mdadane, umsunguli  weHlumakahle Agribusiness Specialists and Training Institute yaseThekwini, KwaZulu-Natali.

UMdadane, oneminyaka ewu-47, uwujikelele kwezolimo njengoba kungekho inkampani yakhe engakwenzi. Itshala ngendlela “yakudala” engawasebenzisi amakhemikhali, phecelezi i-organic farming, iyadayisa, iqeqesha abalimi, ilekelela abantu ukuphatha amapulazi futhi baqhamuka nezindlela ezintsha zokulima njengomanyolo ongamanzi.

“Sibaningi ekhaya, sibawu-11. Ubaba wakwazi ukusikhokhela ukuthi sifunde ezikoleni ezazithathwa ngabaningi ngokuthi ziyabiza. Kukhona isikhathi lapho engangicabanga khona ukuthi ngeke akwazi ukusikhokhela, ubhuti wami wayese-Edgewood College, (umfowethu) omncane wayezoqala isikole sabamabanga aphezulu, nami lana ngiseSt Francis (College).

UMdadane nesivuno sesipinashi nomunye wabalimi asebenza nabo

“Wadayisa izinkomo ezimbalwa ukuze asikhokhele. Ngamangala ukuthi kanti lo muntu akahlupheki ngendlela ebengicabanga ngayo ngoba ngangicabanga ukuthi abantu abaqashiwe yibona abami kahle. Yilowo nyaka engagqugquzeleka ngawo, nakuba kuyinto engayibona ngokuhamba kwesikhathi,” kukhumbula yena.

Nakuba iHlumakahle iqashe ngokugcwele izisebenzi eziyisithupha kuphela kodwa isebenza namakhulu esifundazweni njengoba inezinhlelo lapho ibambisene khona nomasipala abahlukene njengowaseMpendle, KwaDukuza nowaseThekwini. Isebenzisana ne-Ilembe Enterprise Development neGerman Chamber of Commerce.

Omunye umsebenzi omqoka ewenzayo wukulekelela abalimi ukuthi badayise umkhiqizo wabo, okungezinye zezinto eziyinselelo enkulu kubalimi abasafufusa. 

Ukusebenza nemiphakathi ehlukene yikona okwenza kuthi cosololo kuMdadane uma ebheka umsebenzi wakhe. Nakuba kuwumsebenzi owagcina ubhuntshile ngenxa “yepolitiki” kodwa nanamhlanje usaziqhenya ngakuzuza esebenza nomphakathi waseMambwedini, KwaMaphumulo, lapho batshala futhi badayisa amazambane no-pepper. Yizwa echaza.

UMdadane akaqondi nje ezolimo kodwa futhi nesayensi yezemvelo yonke njengoba enze izifundo zeBSc in Forestry zaseStellenbosch University, ngemva kokuthola umfundaze waseMondi.

Emva kokusebenza kule nkampani wathi xinti ezimayini ngaphambi kokuqashwa wuMasipala waseThekwini, lapho esebenze khona kwaze kwaba ngu-2015. Kusukela ngalowo nyaka usebenze njengomuntu ozimele esebenzisana kakhulu noMgibe Farming kwaze kwaba wu-2019.

Uphume inxiwa ngokugcwele ngo-2020.  Wenze izifundo zezolimo i-Commercial Plant Production and Farm Management e-AGB Mathe College kanti unegunya lokuqeqesha le-AgriSeta.

Umanyolo ongamanzi owenziwa yiHlumakahle

Enye yezinto iHlumakahle eziphokophele wukukhuthaza abalimi ukuthi badle ngoludala endleleni abatshala ngayo njengoba ethi yikona kudla okunempilo futhi akuyibulali imvelo. Uthi futhi lena yiyona ndlela yokuthi abantu bakwazi ukukuthenga loku kudla njengoba ezitolo zokudla kumba eqolo. Mlalele echaza. 

Njengomuntu osesebenze nohulumeni nabalimi, kunezinto asezibonile athi zidinga ukulungiswa yizinhlangothi zombili. Uthi uhulumeni udinga ukulalela uma uboniswa ngabantu abafana naye ukuze ungenzi izinqumo ezigcina zingathelanga izithelo. Ukhalile nangabantu athi babheka ukukhangeza kuhulumeni ngisho isidingo singekho. Uthi abantu badinga ulwazi ngaphezu kwemali futhi kufanele babenecebo lokuthi bazoqhubeka kanjani uma usizo lungasekho. Yizwa echaza.

Ezinye zezinto uMdadane asezenzile wukukhiqiza umanyolo ongamanzi, athi balindele ukuthi ushintshe ezolimo. Yilo msebenzi iGerman Chamber of Commerce ebasiza ngawo. Kade emele iNingizimu Afrika ezingxoxweni ezihlanganisa amazwe awu-15 eSADC lapho bekubhungwa khona ngokudayisela i-European Union umkhiqizo wabo.

Facebook: Hlumakahleagriculture

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page