Usihlalo we-Uthungulu Investment Holdings uMnu uMusa Myeni

Isithombe: Sithunyelwe

Uthisha onentshisekelo yokukhulula ingane yomdabu, isiboshwa sepolitiki, isisebenzi somphakathi nebandla, isifundiswa nosomabhizinisi ufafaza ivangeli lokuzimela. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kwango-1994 uhulumeni wobandlululo usugobe uphondo ekucindezeleni abantu bomdabu e-Afrika, umuntu esenevoti eNingizimu Afrika, kunohlobo losomabhizinisi olwaqubuka – amaRupert amnyama.

AmaRupert amnyama, okususelwa kwizinjinga zakwaRupert, kwavela izicebi ezazikade zingosopolitiki. Kuzona kubalwa oMnu Saki Macozoma, uTokyo Sexwale noCyril Ramaphosa.

Kwakungaqali ngosopolitiki bakaKhongolose ukuthi bashiye kwezombusazwe bangene emabhizinisini njengoba nakuhulumeni waKwaZulu kubalwa owayewungqongqoshe uDkt u-Oscar Dhlomo, uMnu uSenzele Mhlungu nabanye.

Kulula ukufanisa usomabhizinisi nosopolitiki we-Inkatha Freedom Party nosomabhizinisi abakhiwe yipolitiki. Kanti phinde ushaye phansi. UMnu uMusa Myeni, usihlalo we-Uthungulu Investment Holdings, akasiye usomabhizinisi ocetshiswe yipolitiki. Uwuqweqwe lukasomabhizinisi, owangena kulo mkhakha esewumfana.

Ibhizinisi walazi ngoyise uMnu uBarnabas Myeni esewumfana. “Kwathi ngo-1969 uBaba wathenga iveni, iStawoti (iToyota Stout). Silanda injemane (utshwala obakhiwe ngelala) KwaMhlabuyalingana, kwaGegamane. Sasigcwalisa izipakupaku kule moto, sihambe sidiliva injemane noBaba ngiyafunda njalo isikole uma ngibuye eisoleni. NangemiGqibelo siyasebenza noBaba.

“Phezu kwaloko sidayisa izimbuzi noBaba. Sizilayishe ematrogweni siziyise eSiphingo (eThekwini),” kulanda uMyeni, ozalwa oBonjeni, enyakatho yeKwaZulu-Natali.

Ngenxa yemisebenzi yakhe ebandleni iSheshi, okubalwa kuyona ukhwakha isonto KwaMsane ngo-R4.6 million, ugcine ehlonishwa ngokuba wu-lay canon.

Ngemva kokuqeda isikole KwaDlangezwa, lapho ayebukhali khona ezifundweni futhi ewumthwebuli wezithombe wesikole, udlulele e-University of Zululand wenza iziqu ze-International Law ne-Political Science. Uqede oNgoye, wayofundisa KwaMhlabuyalingana.

“Ngingena oNgoye kwande ubuthisha kubantu ukuthi nxa umuntu efunda kumele umuntu ebuya azofundisa abantu bakubo. Lwase lungingena uthando lokufundisa kanti abaningi babethi angibe wummeli. Ngabuka ukuthi uma ngiba wummeli ngizomela izigebengu ezigangayo, mina ngizame ukuzikhipha, kwaba khona (into) yokuthi ngeke ngimele izigebengu, kungcono ngibe wuthisha ngiyofundisa umuntu omnyama, ingane yomuntu omnyama ukuthi ikhululeke ekhanda, i-liberation of the mind. Ngakwenza kwaba yinto ewumgomo kimi ukufundisa ingane emnyama ukuze ikhululeke,” kusho uMyeni.

Ngemva kokusha kwezwe kubhikisha izitshudeni maphakathi nama-1970, waboshelwa ipolitiki. Ngemva kokudedelwa engathweswanga cala, wathola ingqayizivele yethuba lokuyokwenza i-Master’s in International Law and Economics e-University of Geneva Institute of International Studies eGeneva, eSwitzerland.

Ubuye eGeneva wasebenza eNestle, wenza imisebenzi ehlukene njengokuba wu-salesman, waze wagcina eyi-product manager. Usuke lapho waya kwa-Urban Foundation. Kulapho ayesethimbeni elaqeda imithetho yobandlululo, libhala imithetho eyenza abantu babanemizi emalokishini.

Esaqashiwe ugcine enamabhizinisi akhe njenge-supermarket eZola, eSoweto, i-nightclub yokuqala yomuntu edolobheni eGoli namatekisi aya eWelkom, eFree State. “Ngangingenako ukuhlala. Ngisebenza kusukela ngeSonto kuze kube yisonto. NgoLwesihlanu ngithatha itekisi eGoli, ngithutha izinsizwa zakithi ezisebenza ezimayini ziya ekhaya eMtuba, ngeSonto ntambama sibuyele eGoli, ngishiye itekisi, ngithathe imoto ngivukele emsebenzini,” kukhumbula yena.

Uthi ufunde ubumqoka ngaphezu kwepolitiki. “Ngathi uma ngibuka umhlaba ngathola ukuthi umhlaba usimame kangaka nje ngamabhizinisi. Into esiyiggqokayo, into esiyadlayo, izinto esihamba ngazo zikhiqizwa ngosomabhizinisi. Ngayibuka-ke lento ngathi cha, yila kumele ngibe khona.”

“Sengibuyile ngasungula uThungulu Investment Holdings, okuyilona olwalanda iTsogo Sun ukuba sakhe iSuncoast Casino. Ngaba wusihlalo wayo iminyaka ewu-11. Sadayisa izabelo zethu ngo-2012 sadayisa eSuncoast.

Uwumsunguli weCornestone Funeral Insurance neTop Top Funeral Insurance, ezigcine zithengwe yi-Assupol.

Manje uThungulu lusemikhakheni wezokuvakasha, i-petroleum, ezokwakha, ezolimo, namanzi. Banezinhlelo ezinkulu abangeke bazikhulumele eziko okwamanje.

“Osomabhizinisi bethu kufanele banake ukukhiqiza. Ngigqugquzela loko ukuthi asingene ekukhiqizeni, kwezolimo, sikhiqize ukudla esikudlayo, asingene emabhange.”

“Into okumele yenzeke wukukhululeka komuntu omnyama. Uma umuntu omnyama engathathi imali yakhe izungeze khona la; komnyama nomnyama.

“Thina kufanele singene kwezolimo. Uhulumeni awungahambi ibanga elifishane. Akuthathwe abantwana bethu, izingane lezi zethu ziyofakwa koStellenbosch, zifakwe ePretoria (University). UNzimande (ungqongqoshe wezeMfundo ePhakeme) kube nomfundazwe oqondene nabantu abazofunda bathole iziqu.

“Akube nemali yokuthi le sifuna ukukhiqiza ososayensi kwezolimi abayinkulungwane eminyakeni emihlanu ezayo. Ukubuyisa umhlaba unike abantu bengafundise ngalutho, benganikwa imali ukuthi bawusebenze lo mhlaba, usadlala,” kusho uMyeni.

“Uma sifuna kwenzeke izinto, asibuke ukuthi ingane ekhulayo siyifundisani. Zikhula zinomqondo wokuqashwa, kuthi uma imakethe igcwele zime emiphemeni namajazi. Asibe nendlela yokuzilandela (uma zifunda), singazidedeli nje,” kuphetha yena.

Okunye ngaye:

  • Uyedwa kubo. Umfowabo amlamayo washona eneminyaka emibili;
  • Uchitha isizungu ngokubuka ama-soapie anjengeGomora, The River, The Queen, Umkhokha njll;
  • Kwakhe uke abatende ngokubenzela idada;
  • Uhlala ekakwe yizincwadi ekamelweni nasehhovisi. Uhlobo lwezincwadi azithandayo ngezomlando wakudala, i-eschatology; (isiphetho sezinto) nezenkolo ne-astronomy;
  • Uyazifela ngonyawo lwempungushe;
  • Unebhande eliluhlaza kwikarati; Uthanda ibhola, isibhakela, ikarati nebhola lombhoxo;
  • Uwumuntu ongazikhohlwa izinto azizwile noma azifunde phansi;
  • Into engaziwa ngaye wukuba nothando. Yingakho ethanda umkhuleko kaSt Francis of Assisi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page