I-PIC ibheka isikhulu esiphezulu esisha
YINTATHELI YOMBELE
IBHODI yePublic Investment Corporation (iPIC) isiqalile ukubheka isikhulu esiphezulu esisha esizothatha izintambo kuMnu u-Abel Sithole uma sekuphela inkontileka yakhe ngoJulayi ngonyaka ozayo.
Usihlalo wePIC uDkt uDavid Masondo, noyiPhini likaNgqongqoshe weziMali, uthe: “UMnu uSithole ubambe iqhaza elikhulu ekukhuliseni inkampani, wavusa isithunzi sayo nendlela okuphethwe ngayo eqinisekisa ukuthi iziphakamiso zeKhomishini kaMpati ziyalandelwa nokukhula kwemali yamakhasimende ePIC etshaliwe.”
I-PIC ilekelela amakhasimende ayo ngokuwakhulisela imali ngokuyitshala ezindaweni ezihlukene. Enye imali eyilawulayo yimpesheni yezisebenzi zikahulumeni. Ngenkathi kuphethe uSithole, enye yezinto ezenzekile wukuthi imali eyibhekile idlule uR3 trillion ngenyanga edlule, obekuqala ukwenzeka.
Khonamanjalo, umlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) ihlawulise uMnu uKabelo Mogale uR1 million futhi yamvala ukuthi asebenze kule mboni iminyaka eyishumi.
I-FSCA iqale ukuphenya uMogale emva kokuthola izikhalo ezithi kungenzeka ukuthi uhlinzeka ngosizo lwezimali ebe engagunyiziwe ngenkampani okuthiwa yiForexa Private Jet Injectors.
Lo mlawuli uthole ukuthi uMogale ubehlinzeka ngosizo lwezimali esebenzisa inkundla yokuxhumana iTelegram futhi eluleke abantu ngokuhweba nge-forex.
Lo mlawuli uhoxise okwesikhashana nelayisensi yeBanxso, esolwa ngokusebenzisa izikhangiso ezingelona iqiniso ukudayisa imikhiqizo yayo yemali nokuthembisa amakhasimende inzuzo ephezulu kakhulu kunokufanele ngabe iyayithembisa.
- Lolu lwazi lutholakale kwiPIC nakwiFSCA