‘Asafufusa adinga ukufundiswa ukuphatha imali’
WUSLINDILE KHANYILE
ABANGASHIYWA ngaphandle osomabhizinisi abasafufusa uma kufundiswa abantu ngokuphatha imali ngoba kunesandla endleleni abaphatha ngayo amabhizinisi abo nasekutheni ayaphumelela yini.
Usho kanje uMnu uBrendan Pearce, isikhulu esiphezulu seFinmark Trust, ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni i-Financial Education Summit emasontweni amabili edlule.
Le ngqungquthela ebihlelwe yiFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) eSandton, eGauteng, ixhaswe yiVisa neJohannesburg Stock Exchange kanti yesekwa yizinhlaka ezihlukene embonini yezimali nemboni yemishwalense.
U-Pearce uthe kudingeka ukuthi kubhekwe neqhaza lobuchwepheshe ukuqinisekisa ukuthi abubhebhezeli ukungalingani.
“Amabhizinisi amancane, abhalisiwe nangabhalisiwe, kufanele abambe iqhaza elikhulu futhi kufanele abalwe uma kukhulunywa ngokufundisa abantu ukuphatha imali. Kule minyaka ewu-20 edlule, isibalo sandile kanti nabantu bacwile kakhulu ezikweletini… u-41% wabantu uboleka imali ngenhloso yokuthenga ukudla,” kusho yena.
Ngokusho komNyango oThuthukisa amaBhizinisi amaNcane, ebantwini abawu-661 000 abalahlekelwa yimisebenzi ngekota yesithathu yango-2021, abawu-568 000 babeqashwe ngamabhizinisi amancane.
Umqondisi we-Public Affairs, People Cluster and Group Strategy e-Old Mutual uNkk uCeliwe Ross uvumelene noPearce ngokubaluleka kwamabhizinisi amancane.
Uthe: “Amabhizinisi amancane engabaqashi azoba neqhaza elibalulekile ngoba iningi lalabo banikazi benza izinqumo ezingaphusile. Sinesikhwama sokubasiza esifana neMasisizane Fund abakwazi ukuphatha imali kanti kukhulu okufanele kwenziwe.”
Uhlaka lokuthuthukisa izwe uhulumeni asebenzela phezu kwalo i-National Development Plan luthi u-90% wemisebenzi ewu-11 million ezokwakhiwa ngo-2030, izoqhamuka emabhizinisini asafufusa.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/08/29/akungagcinwa-icala-uma-kufundiswa-abantu-ngokuphatha-imali-umlawuli/