Isivuno

UMnu uPfananani Nemasisi, umsunguli we-AVM Angela Farming, yaseMukuru ngaseThohoyandou, eLimpopo, elima amaveji ahlukene. Izithombe: Zithunyelwe 

Umthwebuli usekhiqiza izigaxa zamaveji ekhethelo 

KWAKUNGESONA isifiso sakhe ukubawumlimi. Empeleni, umlimi waseLimpopo wayezibona ephila impilo yokuthwebula izithombe zomshado, evakashela izindawo ezihlukene ukuzakhela ikusasa lakhe. Nokho impilo yamphendukela ngendlela ayengayilindele.

Uhlelo lokugomela amatele luyaqhubeka njengoba izinkomo zizojova ngeminye yemijovo efike ngeSonto. Isithombe: Sithunyelwe

Kufike imigomo yamatela emisha ewu-3.5 million

NAKUBA kukhona abafake ungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen enkantolo ngokucothoza kwezinhlelo zokugomela amatele kodwa uthi zihamba kahle izinhlelo zokuqeda lesi sifo ezweni.

Abalimi bomoba sebeqale uhlelo lokuhlanganisa imali uma abasenkantolo bengasitholi isisombululo ngodaba lokuvala iTongaat Hulett. Isithombe: Sithunyelwe

Abalimi abazimele bazama ukusindisa iTongaat Hulett

NGAPHAMBI kokubuyela enkantolo kwecala lokuvala iTongaat Hulett ngomhlaka-17 no-18 Juni, abalimi bomoba sebesungule inkampani ezoqinisekisa ukuthi ayivali noma ngabe isinqumo senkantolo sithini.

UNkk uNomfanelo Khanyile, umsunguli wepulazi laseHowick, KwaZulu-Natali i-Esisipho K, etshala amaveji, ifuye izingulube nezinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Washiya ebhange, wabawumlimi nomfuyi

UKUSEBENZA nabalimi ebhange kwatshala imbewu yokubawumlimi kwintokazi eyayisebenza ebhange.

Zimatasa izigayo zomoba njengoba abalimi abawu-28 000 behlahla umoba kule nyanga. Isithombe: Sithunyelwe

Abalimi bomoba bathakasele ukuqala kwenkathi yokugaya

IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubalimi abawu-28 000 baseNingizimu Afrika njengoba sekugaywe umoba owu-48% kule nkathi yokuwugaya.

UMnu uMfanzile Maseko, umnikazi we-Inkaba Farming Project yaseMooiplaas, eMpumalanga, etshala amaveji , ifuye izinkukhu, izingulube nezinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Ozifundise ukulima ushintshe isimo somphakathi

KUBANTU abaningi umhlaba wasemakhaya uyindawo yokulima ingadi encane kodwa kuMnu uMfanzile Maseko waseMpumalanga umhlaba ubeyithuba lokushintsha izimpilo zabantu bomphakathi wakhe.

UMnu uTebogo Makgatho, umsunguli we-Agrolimo Farms, yaseMeadowlands, eSoweto etshala amaveji ngendlela yesimanje. Izithombe: Zithunyelwe 

Uguqula izindawo ezingasebenzi, zibeyizingadi elokishini

INSIZWA yaseSoweto ishintsha izindawo zomphakathi zibeyizingadi zokudla nethemba emphakathini.

UNksz uKeneilwe Raphesu, umsunguli weKR Farming Enterprise yaseGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi wesifazane uzodlisela amadoda ogageni kwezolimo

INTOKAZI yaseGauteng eyayingakaze izibone iwumlimi kodwa namuhla isiphila impilo yokungungwa yizinkomo, izingulube nezitshalo kudedangendlale wepulazi.

UMnu u-Aphiwe Poyo, umnikazi weMgquba Agri Holdings Primary Co-operative Limited yaseNgcobo eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Owashiya impilo edolobheni usewumholi kwezolimo

KUYE kuthiwe umnotho usezandleni. Leyo nkulumo ayigcinanga ngokuba ngamazwi nje kowesilisa waseMpumalanga Kapa. Waqala ibhizinisi lezolimo ukuziphilisa.

Isikhulu seClover SA uMnu uJacques van Heerden, inhloko ye-Agribusiness e-Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uBrendan Jacobs, isikhulu esiphezulu seMilk Producers Organisation uMnu uFanie Ferreira nenhloko yeFleet Management e-Business and Commercial Banking eStandard Bank uMnu uJustin Thomas ngesikhathi kuthulwa imoto ezosondeza imigomo kubafuyi. Isithombe: Sithunyelwe

I-Standard Bank isebenzisana nabafuyi nemboni yobisi ukunqanda amatele

IMPI yokulwa namatele isingenwe yibhange elikhulu ngokwezimpahla elinazo e-Afrika iStandard Bank, ememezele ukuthi isisebenzisana nenkampani yemikhiqizo yobisi iClover neMilk Producers’ Organisation (iMPO) ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo sezinkomo.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo eNingizimu Afrika uMnu uJohn Steenhuisen ngenkathi evakashele eMagagula Heights, eKatlehong, eGauteng, emkhankasweni wokujova izinkomo. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ithole imijovo yamatele ewu-1.5 million

UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen ugqugquzele ukubambisana phakathi kwabafuyi bezinkomo nohulumeni. 

UNksz uNozuko Cezula, umsunguli weNozuko Farming, yaseKokstad, eningizimu yeKwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Owayeka ubuthisha usewumlimi odlondlobalayo

UKUSHIYA umsebenzi wokufundisa kwakungesona isinqumo esilula kowesifazane onothando lokulima waseKokstand ngenxa yentshisekelo yokubanepulazi. 

UMnu uSizo Tshabalala, umsunguli weTshabalala Farming, efuya izinkomo zohlobo, ilime amaveji yase-Elukwatini, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Owa’phoxa’ abazali eshintsha indlela usewumfuyi wezinkomo zohlobo

NGEMVA kokuphothula i-Diploma in Animal Production nokucijwa wumNyango wezoLimo, insizwa yaseMpumalanga nabazali bayo babenethemba lokuthi izothola umsebenzi ehhovisi  likaNokusho elinesihlalo esijikelezayo. Nokho izinto zahamba ngenye indlela.

UNksz uSophy Musabeni, umsumguli weVhegies Farm, ipulazi lamaveji ahlukene eliseGauteng naseLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Owayehlenga iziguli usephilisa abantu ngemaveji anomsoco 

OWESIFAZANE waseLimpopo owashiya umsebenzi wokubawumhlengikazi usenepulazi elilima amaveji ukuze abantu baphile impilo enhle.

Umgomo wamatele usuzotholakala nakodokotela bezilwane abazimele. Isithombe: Sithunyelwe

Odokotela bezilwane abazimele sebengabhalisela ukusabala

NJENGOBA uhulumeni uqinisa umkhankaso wokunqanda ukubhebhetheka kwamatele, lizokwanda iqhaza lemboni yodokotela bezilwane abazimele emkhankasweni weNingizimu Afrika wokulwa namatele.

Umlimi uxoxa ngohambo olwaqala ngo-2013

Umsunguli weLife4Good Farming uMnu uSbongakonke Mbongwe wasungula iLife4Good Farming ngo-2013.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo eNingizimu Afrika uMnu uJohn Steenhuisen umemezele ukuthi iNingizimu Afrika ibuyela ekukhiqizeni imigomo yamatele, ngemva kweminyaka ewu-20 yayeka. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ibuyela ekuzikhiqizeleni imigomo yamatele 

NJENGOBA iNingizimu Afrika ibhekene nokubheduka kwamatele nezinkinga ezihambisana nawo, njengokutholakala kwemigomo ngokushesha, kuntwela ezansi ngemva kokuthi isikhungo socwaningo kwezolimo sidlulisele kungqongqoshe womnyango umthamo wokuqala wemigomo yamatele seloku sagcina eminyakeni ewu-20 edlule ukuyikhiqiza.

UDkt u-Ethel Zulu, umsunguli weBee Tree Farm, ipulazi lamaveji nezinkukhu eliseCullinan, emaphethelweni asePitoli. Izithombe: Zithunyelwe

Uhlwanyela imbewu yokuthi kubenezinkulungwane zabalimi nabafuyi ngomuso 

UNGOTI wokudla okunomsoco waseCullinan, emaphethelweni asePitoli, wangena kwezolimo ngoba ebona ukushoda kwabantu besifazane.

UMnu uResego Njoro, umnikazi we-Oarabile Holdings 21 yaseVereeniging, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhamba lufuze imbiza kumlimi osemncane owenza izinto ezinkulu 

IMBEWU yokulima ibiloku ikhula kancane kumlimi waseVereeniging, eGauteng, ongene embonini yezolimo esiza uyise ngo-2018.

UMnu uThabo Dithakgwe, umnikazi weNasi Ditha Farming, ipulazi lezinkomo zohlobo eliseVryburg, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Owasiselwa wuyise inkomo usewumfuyi ophumelelayo 

NGESIKHATHI uyise emupha isipho sesithokazi esasimithi eneminyaka ewu-13, umfuyi wezinkomo waseNorth West wayengazi ukuthi sekuwukuqala kwempilo yakhe yokufuya. 

Abalimi nabantu abadayisa izinkomo esidlangalaleni banxuswa ukuthi balandele izinhlelo zokuphepha ezizonqanda ukubhebhetheka kwamatele. Isithombe: Sithunyelwe

Kwethulwe uhlelo lweminyaka eyishumi lokunqanda amatele

UKUBHEBHETHEKA kwamatele ezifundeni ezihlukene zaseNingizimu Afrika sekwenze ukuthi umNyango wezoLimo ezweni uqinise izinhlelo zokugoma imfuyo. 

UNksz u-Amahle Rilityana, umsunguli weMahle Agric Enterprise eyenza Intselo kaNtu, utshwala besiXhosa, nefuya izinkukhu zohlobo yaseYawa, eNgcobo, eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Balethela isizwe isiphuzo sesiNtu ngamakhathoni Amahle

NGAPHANDLE kweJuba, utshwala besintu buhlale budayiswa ngezikali ezindaweni ezingoluhhohho noma emajoyintini asemahontshi.

Ziyaqhubeka izinhlelo zokunqanda amatele eNingizimu Afrika eziholwa wungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni uzokwehlisa ukubheduka kwamatele ngo-70% – ungqongqoshe

UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo eNingizimu Afrika uMnu uJohn Steenhuisen uthi kulo nyaka bazimisele ukuqeda amatele ezweni.

UNkk uLusanda Moletsane, umsunguli weKhumo Ea Tsebo, ipulazi elitshala ubhontshisi omncane omhlophe eliseMidrand, eGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Wakha umcebo ngobhontshisi omhlophe umlimi wesifazane 

UMLIMI wesifazane owakhulela eMpumalanga Koloni owayengakaze acabange ukuthi uzongena kwezolimo usezakhele ikusasa kuyona ngenxa yothando olwatshalwa wunina.

UNksz uYolanda Tlale, umsunguli weYoli's Moringa Peanut Butter, yaseWelkom, eFree State. Izithombe: Zithunyelwe.

Onamaqhinga ekhishini usenza i-peanut butter emYoli nenempilo

INTOKAZI yaseWelkom, eFree State, owayefuna indlela yemvelo yokwakha umzimba yathola ikhambi elilula nelinomsoco yagcina yenze ibhizinisi.

UNksz uNtombi Mahlangu, umsunguli weBabes Wama Veges edayisa amaveji aqotshiwe apakishwe kahle yaseZithobeni, eBronkhorstspruit, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ukujika nelanga kwamphushela entweni ayesaba ukuyiqala

INTOKAZI eyayiyingcweti yobuchwephesheyaseBronkhorstspruit, eGauteng, ithi ayikaze icabange ukuthi i-Covid-19 ingashintsha impilo yayo nomsebenzi ewenzayo. 

UMnu uThanda Mchunu, omunye wabaphathi beMashamba Foods, ipulazi lezinkomo amaBonsmara eliseLubumbashi, eCongo. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi waseNingizimu Afrika uphethe ipulazi elikhulu eCongo

INSIZWA yaKwaZulu-Natali iphethe ipulazi elingamahektha awu-6 000 lezinkomo zohlobo iBonsmara eLubumbashi, eCongo.

UNksz u-Amanda Murungi, umsunguli weRenewed Steadfast, ipulazi eliseManini, eThohoyandou, eLimpopo. Izithombe: Zithunyelwe

Uphendule umhlaba womndeni ipulazi elondla abantu bendawo

NGEMVA kokufundela imisebenzi ehlukene nokusebenza edolobheni, intokazi yaseManini, eThohoyandou, eLimpopo yazizwa ikhathele emoyeni yabona kungcono ukuthi ibophe imithwalo ibuyele emakhaya.

UMnu uKabelo Lekalakala, umsunguli wePitso Ostrich Farm yaseBrits, eNorth West, efuya izintshe. Isithombe: Sithunyelwe

Umfuyi omnyama uyibambe ishisa emkhakheni wokufuya izintshe

UMFUYI wezintshe waseNorth West wadayisa imoto yakhe ukuze akwazi ukuthenga ipulazi. Inhloso yakhe kwakuwukuhlanganisa uthando lwakhe lwebhizinisi elingajwayelekile kubantu abamnyama.

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi ucacisa ngomphumela wesikali samandla emali esisha

Umlimi osekhulile ukhuthaza intsha ukuthi ibuyele emhlabathini 

ABAQALE ukulima ngoba benqena ukujika nelanga sebenebhizinisi lomfelandawonye elidayisela izitolo ezinkulu amaveji.

UNksz uDinkie Mthembu, umsunguli weDinkie Poultry yaseMpumalanga, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wezinkukhu wakhela ngamaqubu osizi lokudilizwa

ISIZULU sithi ukuwa kwenye, wukuvuka kwenye. Kwabanjalo kowesifazane waseMpumalanga owasungula ibhizinisi ngemva kobunzima bokudilizwa emsebenzini wokubawunogada.

UNksz uNokuthokoza Mathonsi, umsunguli weNokthy Foods yaseMandeni, eVutha, KwaZulu-Natali, etshala amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Ukulima wakuncela kunina oseziphilisa ngokulima

INTOKAZI yaKwaZulu-Natali ikhule ibuka ugogo wayo nonina belima njengoba isiziphilisa ngako.

Imboni yezolimo yaseNingizimu Afrika iyadlondlobala noma ikhona intela yezimpahla yaseMelika. Isithombe: Sithunyelwe

Nakuba kunonswinyo lweMelika, ezolimo zaseNingizimu Afrika zithela izithelo

EZOLIMO ziyinsika yomnotho waseNingizimu Afrika ngokudala amathuba omsebenzi nokusimamisa imiphakathi yasezindaweni ezisemakhaya.

Amabhikawozi asemalokishini asengcupheni yokuwa njengoba kukhuphuka amanani kakolweni

AMABHIKAWOZI asemalokishini aseNingizimu Afrika athwele kanzima ngenxa yokunyuka kwamanani okuthenga ukolweni noflawa, okubeka engcupheni imisebenzi, amabhizinisi amancane nokutholakala kokudla emiphakathini ehola imali encane.

Abalimi babhanana babhekene nesihlava iBanana Bunchy Top Virus. Isithombe: Sithunyelwe

Isifo iBanana Bunchy Top Virus  sibeke abalimi nemisebenzi engcupheni

UKUTSHALA ubhanana akulona nje ibhizinisi oGwini oluseNingizimu KwaZulu-Natali, kuyisisekelo sendlela abantu abaziphilisa ngayo ezindaweni zasemakhaya nokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwenele.

ISetšong Tea Crafters, inkampani yaseGa-Matlala Ramoshebo, eLimpopo, iyokhangisa ngamatiye ayo omdabu ekhethelo kwi-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eCologne, eJalimane. Isithombe: Sithunyelwe

Abenzi betiye basemakhaya baya embukisweni omkhulukazi phesheya

UHLOBO lwetiye lomdabu laseLimpopo likhangiswa phesheya lapho izinkampani zokudla nezeziphuzo zaseNingizimu Afrika zidlana imilala khona ngemikhiqizo yazo embukisweni i-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eseCologne, eJalimane. Lo mbukiso uqale mhlaka-4 kanti uphela kusasa.

Abanye babasunguli bebhizinisi elidayisa imfuyo laseThekwini iKwaBhekumndeni Livestock, uMnu uThokozani Mthethwa noMnu uThulani Zithwana. Isithombe: wuThobile Zwane

Abangani babheka umndeni ngemfuyo 

IGAMA lebhizinisi liwuchaza kahle umbono webhizinisi lemfuyo labangani laseNtshongweni, entshonalanga yaseThekwini, KwaZulu-Natali. 

UNksz uNtobeko Mafu, umsunguli weMadame Clucks A Lot Poultry yase-Edendale, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, efuye izinkukhu nelima amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Umfuyi wesifazane utshiyoza ngamandla ukuxosha indlala

NGEMVA kokuphothula iziqu zakhe i-Human Resources Management nokusebenza ePick n Pay, wabeka imali kancane kancane ngaphambi kokusungula ibhizinisi lezokulima.

UNksz uScelo Simelane, umsunguli weDemande Agriculture yaseBalfour, eMpumalanga, etshala amaveji ahlukene futhi enemfuyo. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi wesifazane omncane uqhubeka esisekelweni esabekwa ngabakubo

INTOKAZI yaseBalfour, eMpumalanga, eyagqugquzelwa wuyise ukulima isikhiqizela amaveji izitolo ezinkulu.

Inyama yenkomo ngenye yezinto ezinyukelwe ngamanani ngenxa yokubheduka kwamatele. Isithombe: Sithunyelwe

Amatele amise kabi imboni yabadayisi basemgwaqweni

EZINKABENI zamadolobha nasemalokishini abadayisi abanamatafula abanjengoNks uRitshidze Sibadali noMnu uXolani Mathe banamabhizinisi angqangqayo apheka ukudla kwesintu abaziphilisa ngawo naqhuba isiko labo.

UNksz uHlobisile Yende, umsunguli weThe Yende and Partners yaseHeidelberg, eGauteng, inkampani yezolimo. Izithombe: Zithunyelwe

Olima ngezindlela zesimanje uqhuba igama lomndeni kwezolimo

UMA kukhulunywa ngezolimo eNingizimu Afrika, kwesinye isikhathi kunabantu abafafaza inkoleloze yokuthi abantu abamnyama baqale ukubanentshisekelo yale mboni ngesikhathi okuqalwe ngaso uhlelo lokubabuyisela umhlaba ababephucwe wona ngesikhathi sobandlululo, okungelona iqiniso.  

UMnu uLehlohonolo Phakoe wePhakoe Farming yaseBethlehem, eFree State, elima umbila nefuyayo. Izithombe: Zithunyelwe

Othekele ulwazi kunina ukhulise ipulazi lakubo

UKUBONA unina owumlimi esebenza ngokuzikhandla ukondla umndeni kwenza insizwa yaseFree State yashiya ekolishi lezolimo yazokhulisa ipulazi lakubo. 

UNksz uMulalo Munyamela, umsunguli weMulalo Farms Fresh Produce yaseThabazimbi, eLimpopo, egxile ekutshaleni ubhekilanga, amaveji nokufuya. Isithombe: Sithunyelwe

Ufuye izinkomo ezingaguli njalo umfuyi owayebelwa imfuyo

UKUFAKA isicelo sokusebenzisa ipulazi likahulumeni eLimpopo kwasiza umlimi wesifazane ukuthi abalekele amasela emfuyo ayemntshontshela njalo.

Ungqongqoshe womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa nondunankulu uMnu uThami Ntuli bebhunga engqungqutheleni yezolimo ebise-Olive Convention Centre eThekwini ngesonto elidlule. Isithombe: Sithunyelwe

Undunankulu unexhala ngokuphela kwemisebenzi yezolimo eKZN 

NAKUBA imboni yezolimo eNingizimu Afrika iqashe abantu abawu-930 000 kodwa kulo nyaka sekulahleke imisebenzi ewu-24 000 kule mboni. 

UNksz uWendy Moshakga, umsunguli weSerage Holdings yasePolokwane, eLimpopo, enepulazi lamaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Owaqala ngengadi usenodedangendlale wepulazi

OKWAQALA kuyingadi encane emva kwendlu yakubo eLimpopo sekuyipulazi elingamahektha awu-20. 

UMnu uLindokuhle Mabaso, umnikazi weMabaso Agrisolutions yaseMtubatuba, KwaZulu-Natali, ekhiqiza amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Uphosa esivivaneni ukuthi kubenokudla okwenele eNingizimu Afrika

NGEMVA konyaka efunda enyuvesi, insizwa yasenyakatho yeKwaZulu-Natali yaphoqeka ukushiya abuyele kubo umlimi osephendule umhlaba wakubo ipulazi elincane.

UNksz uZintle James, umsunguli weSmeja’s Fresh Harvest yaseSterkspruit, eMakhetheng, eMpumalanga Kapa, etshala amaveji, ifuye izingulube nezinkukhu. Izithombe: Zithunyelwe

Owayefuna ukusebenza ehhovisi usewumlimi nomfuyi

NGESIKHATHI kuvalwe izwe ngo-2020 emva kokubheduka kwe-Covid-19, intokazi eMpumalanga Kapa, yazithola ihleli kubo ingazi ukuthi izokwenzani.

UMnu u-Emmanuel Mudau, umsunguli weMathuba Genetics yakwaHa-Ravele, eVenda, eLimpopo, efuya izimvu nezinkomo. Izithombe: Zithunyelwe

Umdayisi wefenisha usewumfuyi ovelele

UMFUYI waseLimpopo uthi wayenoR7 000 kuphela nesifiso sokufuya ngesikhathi eqala ipulazi lakhe ngezimbuzi ezintathu.

Iyaqhubeka imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwamatele njengoba esengena nasezinkomeni zobisi enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Kunqandwa amatele angakapakeli ezinkomeni zobisi

EMVA kokuqubuka kwamatele emapulazini ezinkomo zobisi aseMzinyathi nasoThukela KwaZulu-Natali, ungqongqoshe womNyango wezoLimo uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa uvakashele abakhiqiza ubisi ukuqinisekisa ukuthi basebenza ezimweni eziphephile.

Podcasts

Inqolobane