INingizimu Afrika ithole imijovo yamatele ewu-1.5 million
WUBONISWA MOHALE
UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo uMnu uJohn Steenhuisen ugqugquzele ukubambisana phakathi kwabafuyi bezinkomo nohulumeni.
Kule nyanga uSteenhuisen uthole imijovo ewu-1.5 million yeDollvet enesivikeli esiphezulu sokuvika amatele evela eTurkey. Le mijovo ike yabambezeleka ukufika ezweni ngenxa yempi eseMiddle East ephazamise ukuhamba kwamabhanoyi nemikhumbi.
U-Steenhusen uthe banemijovo abagoma ngayo izinkomo evela eBotswana, e-Argentina, eTurkey kanti iNingizimu Afrika isiqalile ukuzikhiqizela imijovo.
“Ngihlanganile nabalimi abafuye izinkomo emakhaya nabafuyela ukudayisa nabanezinkomo zobisi. Ngiyazazi izinselelo ababhekene nazo ngenxa yamatele, yingakho ngiqinisekisa ukuthi imijovo isabalala kuzo zonke izifundazwe. Asiqhubeke nokubambisana ukuqeda amatele,” kusho yena.
Uthe uzoqhubeka nokwazisa abantu uma kufika eminye imijovo yamatele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/02/10/iningizimu-afrika-ibuyela-ekuzikhiqizeleni-imigomo-yamatele/
Khonamanjalo, KwaZulu-Natali ungqongqoshe womNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo eziseMakhaya uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa uthe imijovo evela eTurkey isifikile esifundazweni.
“Sijove izinkomo eziwu-11 429 ngemijovo yaseTurkey njengoba siseHarry Gwala kulezi zinsuku. Sizoqhubeka nokugoma izinkomo ngoba sifuna ukuqeda amatele. Siyacela nabanikazi bamadiphu bangavuseli abafuyi izikweletu uma belethe izinkomo ngoba zonke kufanele zigome,” kusho yena.
Uthi iKZN ithole imijovo ewu-560 000, kwathi ewu-160 000 bayinika inhlangano yabafuyi bezinkomo zobisi iMilk Producers Organisation eHarry Gwala.
Ziyajova izinkomo kuMasipala iGreater Kokstad naseMzimkhulu kanti nasoJozini imijovo isifikile, izosabalala kuzo zonke izindawo zesifundazwe.

