Umfuyi waseNingizimu Afrika uphethe ipulazi elikhulu eCongo
WUTHOBILE ZWANE
INSIZWA yaKwaZulu-Natali iphethe ipulazi elingamahektha awu-6 000 lezinkomo zohlobo iBonsmara eLubumbashi, eCongo.
UMnu uThanda Mchunu waseMdlovana ungomunye wabaphathi beMashamba Foods enekomkhulu e-Uganda. Ukubizwa wumngani owayedinga usizo epulazini kwamenza wathanda ukulima nemfuyo esafunda u-Grade 11.
“Ngathi ngifika epulazini engangiyosiza umngani kulona ngabona izinkomo, ngazithanda. Lowo mzuzu wangenza ngafaka isicelo sokufundela ezolimo eNelson Mandela University. Ngafunda unyaka, ngase ngiya eCedara College of Agriculture ngathola i-National Diploma in Agricultural Management.
“Njengoba sengiseLubumbashi kukhona umuntu engangifunda naye owanika abanikazi beMashamba Foods imininingwane yami. Ngahamba ngiyokwandisa ulwazi njengoba sengingomunye wabaphathi bale nkampani,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/30/abangani-babheka-umndeni-ngemfuyo/
Namuhla uphiko lweMashamba Foods, oluphethwe wuMchunu, lukhiqiza inyama yenkomo, lunamadlelo, lulima umbila nesoya.

ECongo uMchunu uthakasela ukwenza izinto nokusungula izinto ezintsha. “Imakethe yase-Afrika inkulu futhi ayisetshenziswa. Ukubalapha kungikhulisile. Ngiyezwa ukuthi ulwazi lwami luyakhula.”
Uthi ukuqala ibhizinisi kunezinselelo abale kuzona usizo lwezimali, ukufinyelela emakethe, izinsizakusebenza nokwenza amakhasimende athembe umlimi omusha nezinto ezintsha.
Ufisa ukubona abalimi abaningi abasebasha abamnyama beqonda ibhizinisi elenziwa kwezolimo. “Abantu abaningi banothando kodwa abayazi imakethe. Inyama yenkomo ifunwa kakhulu ngaphambi kokuthi ukhiqize noma yini, udinga ukwazi kahle ukuthi ikhokha malini,” kusho yena.
Uthi ukubona umsebenzi wakhe ushintsha impilo yabantu kumjabulisa kakhulu. Useqashe abantu abangaphezu kweshumi abasebenza ngokuphelele futhi usafisa ukuvula amanye amathuba omsebenzi entsheni.
Iseluleko sakhe kubalimi nabafuyi sithi: “Funa ulwazi yonke indawo, ngena ezinhlelweni eziqeqesha abalimi, funda, yakha ubudlelwano nochwepheshe bemboni, ungafihli uma usungenile,” kusho uMchunu.
Uthi ukuqondisisa umkhakha okuwona kunezithelo ezinhle futhi kwenza ungadlali abantu. “Uma osomabhizinisi abamnyama beqonda konke ngemboni yenyama yenkomo bayasuka esigabeni sokutshelwa ukuthi umkhiqizo wabo uzobayimalini kodwa bazisholo bona emakethe ukuthi bafuna ukudayisa ngamalini,” kusho yena.

