UNksz uNtombi Mahlangu, umsunguli weBabes Wama Veges edayisa amaveji aqotshiwe apakishwe kahle yaseZithobeni, eBronkhorstspruit, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Ukujika nelanga kwamphushela entweni ayesaba ukuyiqala

WUTHOBILE ZWANE 

INTOKAZI eyayiyingcweti yobuchwephesheyaseBronkhorstspruit, eGauteng, ithi ayikaze icabange ukuthi i-Covid-19 ingashintsha impilo yayo nomsebenzi ewenzayo. 

UNksz uNtombi Mahlangu, eneminyaka ewu-33, waseZithobeni, eBronkhorstpruit, uthi ngo-2020 emva kokubheduka kwe-Covid-19 wazithola esehleli ekhaya engenasiqiniseko ngekusasa lakhe. 

“Ngazithola sekufanele ngiqale ibhizinisi engangisaba ukungena kulona lokudayisa amaveji. Ngabhalisa inkampani yami iBabes Wama Veges ngoba vele ekhaya kunengadi yespinashi neminye imifino esiyidlayo. Kusukela nge-Covid-19 ngiyatshala bese ngidayisa. Izinto engingakwazi ukuzitshala ngizithenga ezimakethe,” kusho yena.

Uthi akagcini ngokutshala engadini yakubo kwazise unenye indawo engaphansi kwehektha atshala amaklabishi namanye amaveji kuyona.

UNksz uMahlangu uziqhayisa ngendlela iBabes Wama Veges ephatha amakhasimende ngayo nangendlela agqoka ngayo uma eyodayisa. Uthi ugqoka kahle. 

Uthi waqala ngokuhlanganisa i-combo yamaveji ebiza uR50 esiza abantu ukuthi badle amaveji anomsoco ngemali ephansi ngesikhathi kuvalwe izwe. Waqala edayisa isipinashi, utamatisi, u-anyanisi, amazambane, ukherothi, u-green beans nopelepele, athi amaveji okulula ukuwakhiqiza noma unengadi encane.

Amaklabishi akhephuzelayo eBabes Wama Veges 

“Ngesikhathi ngiqala ngangingenasiqiniseko ngento engiyenzayo, ngangifunda ukuthi amakhasimende adingani. Iphakethe lethu lamaveji axubile elibiza uR50 lalihamba ngokushesha. Yilona elangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke nebhizinisi,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/04/owayengeneme-emsebenzini-usewumnikazi-wemakethe-engqangqayo/

Njengabanye osomabhizinisi abancane, uNksz uMahlangu wabhekana nezinselelo, okubalwa kuzona ukuswela imali eyanele yokuqala umsebenzi, ukuncintisana nabadayisi abaziwayo nokuthenjwa ngamakhasimende.

Ukubhekana nalezi zinselelo wenza izinto ngendlela entsha. Esebenzisa iselula, waguqula ikhasi lakhe leFacebook labayinsiza ebalulekile yokuzikhangisa. Ngokuqhubeka kwesikhathi udumo lwakhe lwanda wathola amakhasimende eza ngqo navela ezinkundleni zokuxhumana.

Amaveji apakishwe eBabes Wama Veges 

UNksz uMahlangu usebenza yedwa kodwa uma edinga usizo ucela usizo lwabakubo ukuthi bayomthengela isitoko kwabanye abadayisa amaveji nangokulima nokuvuna. 

Uhlose ukuhlanganisa amakhono akhe obuchwepheshe nokulima ngokusebenzisa ubuchwepheshe ukusimamisa umsebenzi, ukuqapha ukukhiqiza nokufinyelela izimakethe ezinkulu.

UNksz uMahlangu ufisa ukukhulisa iBabes Wama Veges, ukwandisa ipulazi lakhe, afake izitshalo ezintsha nemfuyo. Uhlela nokubheka amanye amathuba embonini yezolimo angangenisa imali futhi adale namathuba omsebenzi emphakathini wangakubo. 

Facebook: babes_ wama _veg

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page