UMnu uSizo Tshabalala, umsunguli weTshabalala Farming, efuya izinkomo zohlobo, ilime amaveji yase-Elukwatini, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Owa’phoxa’ abazali eshintsha indlela usewumfuyi wezinkomo zohlobo

WUTHOBILE ZWANE

NGEMVA kokuphothula i-Diploma in Animal Production nokucijwa wumNyango wezoLimo, insizwa yaseMpumalanga nabazali bayo babenethemba lokuthi izothola umsebenzi ehhovisi  likaNokusho elinesihlalo esijikelezayo. Nokho izinto zahamba ngenye indlela.

UMnu uSizo Tshabalala, oneminyaka ewu-38 ubudala, wase-Elukwatini, eMpumalanga, uthi ngaphambi kokusungula iTshabalala Farming, ipulazi lezinkomo namaveji, uthi waqala ukubawusomabhizini ngokudayisa amaqanda nezingubo emgwaqweni ukuze abeke imali futhi aqonde isidingo semakethe.

Ngemva kokuphothula izifundo eTshwane University of Technology nokucijwa, uthi wakhumbula izeluleko ake wazithola phambilini zokuthi imisebenzi ayanele kubafundi abaphothule iziqu kudingeka bazenzele amathuba abo. Ngaleso sikhathi wayengayiqondi kahle leyo nkulumo kodwa emuva kwaloko waqala ukuyiqonda ngokubheka isimo somnotho nezinguquko ezenzeka emhlabeni.

“Esikhundleni sokufuna umsebenzi wasehhovisi. Ngathatha isinqumo esamangalisa wonke umuntu, ngakhetha ukungena kwezolimo. Umama wayekhathazekile kakhulu ngesinqumo sami, engibona ngigqoke izicathulo ezingcolile ezigcwele uthuli. Nokho mina ngangizimisele, ngaqala kancane,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2024/03/12/ucwaningo-azithela-kulona-lwamenza-wangena-ekufuyeni-izimbuzi-eziyivelakancane/

Uthi waqala ngamathole ayisithupha, kwathi emva kwalokho wandisa ibhizinisi ngokufuya izinkomo. Ufuya uhlobo lweBonsmara futhi uhlale efuna izindlela zokusimamisa ibhizinisi.

“Akubangalula ngiqala. Esikhathini sami sokuqala sokuzala kwezimbuzi, izimbuzi eziwu-43 zamitha kodwa ngenxa yokuthi ngangingazigomisi, eziwu-39 zafa ngenxa yokutheleleka. Kwakubuhlungu kakhulu enhliziyweni kodwa ngafunda ngokushesha,” kukhumbula uTshabalala.

UTshabalala namaBonsmara eTshabalala Farming

Ngemva kwalokho, uthi washintshela ekukhiqizeni amaqanda, ebona ithuba lapho abanye bebona ubungozi. Ngenxa yomndeni wakhe, uthi baqala ukudayisa amaqanda besuka endaweni encane esedolobheni.

Uthi leso sitolo esincane samfundisa izifundo eziningi ayengazitholi ekilasini, ezifana nokuqonda amakhasimende, ukufunda isidingo semakethe nokwakha ubudlelwano nabantu.

“Ngenhlanhla, sathola izinkontileka zokudayisela izitolo ezifana noSpar, izitolo ezincane zaseMpumalanga. Ukudayisa okuncane kwaphenduka ibhizinisi elikhulayo,” kusho yena.

Izinkinga azizange zime lapho. Ngo-2023, uthi iSpar yaqeda isivumelwano sabo sokuyidayisela. Uthi nakuba abaningi bebengadikibala, yena wayesefunde ukubaluleka kokubanezimakethe ezihlukene. Wakwazi ukuthola abathengi abasha abahlanu, kwathi ngokuhamba kwesikhathi iSpar yabuyela futhi yabangabanye babathengi babo.

“Manje nginehhoko elinezinkukhu eziwu-15 000. Ngisezinhlelweni zokwakha amanye amabili futhi ngandise amandla okubanezinkukhu eziwu-7 500 esigabeni ngasinye. Nginesifiso sokukhiqiza ama-tray amaqanda ukuze ngilawule ingxenye enkulu yebhizinisi,” kusho yena.

I-Tshabalala Farming isifuya nezinkukhu

Uthi ukwakha ubudlelwano kubenesandla esikhulu empumelelweni yakhe. Ukhumbula ngesikhathi eshoda ngama-tray amaqanda, okwacishe kwamisa ukusebenza kwebhizinisi. Uthi: “Ngenxa yobudlelwano engibakhayo nabathengi nabadayisi, omunye wanginika ukudla kwezinkukhu ngesikweletu kwaze kwaba ngikwazi ukukhokha. Ubudlelwano buyinto yonke. Abantu abaningi bakuthatha kancane lokho.”

Ngaphezu kokufuya iTshabalala Farming, isingene kwezolimo. Itshala utamatisi namazambane Wumkakhe obheke lolu hlangothi lwebhizinisi. ITshabalala Farming isiqashe izisebenzi eziyisikhombisa ngokugcwele.

UTshabalala ufisa ukubona iTshabalala yenza izinto ezinkulu. “Ngifisa ukuqasha izisebenzi eziwu-100 000, ngikhulise inkampani ibesezingeni eliphezulu, ngakhe ibhizinisi elizophakamisa imiphakathi. Ngeke ngiphumule kuze kufezeke isifiso sami,” kuphetha yena.

Facebook: Tshabalala Farming

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page