Owayehlenga iziguli usephilisa abantu ngemaveji anomsoco
WUTHOBILE ZWANE
OWESIFAZANE waseLimpopo owashiya umsebenzi wokubawumhlengikazi usenepulazi elilima amaveji ukuze abantu baphile impilo enhle.
UNksz uSophy Musabeni waseVenda uwumsunguli weVhegies Farm, etshala amaveji ahlukene okubalwa kuwona ispinashi, ama-baby marrow, ubhontshisi, iklabishi, u-beetroot nethanga.
UNksz uMusabeni uthi kusukela emncane wayekuthanda ukulima, njalo efisa ukusebenza emasimini kodwa abazali bakhe bamkhuthaza ukuthi aqale afunde futhi athole iziqu zomsebenzi, ngakho wafundela ukubawumhlengikazi.
Ngemva kokuphothula izifundo zakhe, wasebenza iminyaka eyishumi eMediclinic Medforum. Kulapho aqala khona ukuqaphela okuthile okwakumkhathaza. Waqaphela ukuthi abantu abaningi esibhedlela bebegula ngoba bebengakudli ukudla okunempilo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/28/wenza-lula-impilo-ngamaveji-aqotshiwe-nanempilo/
Loku kwamenza wacabanga wajula ngokudla nangempilo. “Ngabona ukuthi abantu abaningi babengakudli ukudla okufanele. Ngangifuna ukusiza abantu ngokubakhuthaza ukuthi badle ukudla okunempilo,” kukhumbula yena.
Uthe noma ayesebenza ebusuku esibhedlela kodwa akazange alukhohlwe uthando lwakhe lokulima. Uthe wayesebenzisa isikhathi sakhe uma engasebenzi esibhedlela ecwaninga ngokulima online futhi onga imali yokuqala ipulazi.
Ngo-2017 wathatha isinqumo esikhulu. Waqasha isiqeshana somhlaba esingamahektha awu-15, eMapleton, eGauteng, waqala ibhizinisi lakhe lokulima. Emini wayesebenza epulazini, ebusuku ewumhlengikazi. Waqala ngamahektha amabili nje espinashi. Ngesikhathi sokuvuna wathatha isivuno esiwu-1 000 wasithumela eJohannesburg Fresh Produce Market.

Udedangendlale wepulazi iVhegies elima amaveji ahlukene kulona
Ngeshwa izinto azihambanga ngendlela ayeyilindele. Isipinashi asizange sidayiseke futhi akatholanga lutho ngesivuno ngoba imakethe yayivele inespinashi esiningi kakhulu ngalelo sonto.
Esikhundleni sokudikibala uNksz uMusabeni lokho kwabayisifundo kuyena. “Ngabona ukuthi ngangingeke ngithembele ezimakethe zemikhiqizo emisha kuphel. Ngangidinga ezinye izindlela nezitshalo ezihlukene.
Ngaqala ukungqongqoza eminyango yezitolo ezinkulu ngibuza ukuthi zingasithenga yini isivuno sami. Ezinye izitolo zazithenga kubalimi ngqo, ezinye zazidinga ukudayiselwa yizikhungo ezinemithetho eqinile. Ngabe sengishintsha isu lami ngaqala ukutshala amaveji ahlukene,” kusho uNksz uMusabeni.
Uthe ukulima amaveji ahlukene kusiza ukunciphisa ingozi yokudliwa yizinambuzane. Uma zilimaza esinye izitshalo kodwa esinye singenisa imali.

Amaveji eVhegies eselungele ukuthengwa amakhasimende
Njengoba ibhizinisi lakhe lokulima likhula, usebhekene nezinselele ezibangelwa wukuguquguquka kwesimo sezulu. Uthe uma kubusika eGauteng bubanda kakhulu kanti isithwathwa silimaza amaveji. Ukubhekana nale nkinga wanquma ukulima ezifundazweni ezimbili.
“IGoli yipulazi lami elikhulu kodwa ngisebenzisa indawo eLimpopo ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu. Ebusika iGauteng ibanesithwathwa, okuholela ekushodeni kwamaveji. Manje sengilima eGauteng naseMasisi, eVhembe, eLimpopo, ukuze ngiqhubeke nokukhiqiza amaveji unyaka wonke,” kusho yena.
Namuhla imisebenzi yakhe yokulima ihlanganisa cishe amahektha awu-150 eGauteng naseLimpopo.
Amapulazi akhe aqashe izisebenzi eziyishumi ezisebenza ngokugcwele nezisebenzi zezikhathi ezithile eziwu-40 ngezikhathi zokutshala nokuvuna.
“Ibhizinisi lami ligqugquzelwa yinjongo yokuthuthukisa indlela abantu abadla ngayo futhi kunqandwe ukugula nokudala amathuba omsebenzi, ukuqeqesha izisebenzi nokuthuthukisa imiphakathi,” kusho yena.
UNksz uMusabeni uthi ukulima kudinga isineke, ukuzithiba nokuzinikela. “Uma ufuna ukuphumelela ekulimeni, kufanele usebenze kanzima futhi utshale imali ebhizinisini lakho. Ungasheshe ujabule uma kusenesikhathi futhi uhlale ugxile ebhizinisini ungadidiseki,” kucebisa yena.
“Sifisa ukubawumkhiqizi othembekile wamaveji anomsoco eNingizimu Afrika yonke. Yilapho esikhulisa ibhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo,” kusho yena.
Facebook: Vhegies Pty Ltd
X: Vhegies Farm

