Odokotela bezilwane abazimele sebengabhalisela ukusabala
WU-AZWIDOHWI MAMPHISWANA
NJENGOBA uhulumeni uqinisa umkhankaso wokunqanda ukubhebhetheka kwamatele, lizokwanda iqhaza lemboni yodokotela bezilwane abazimele emkhankasweni weNingizimu Afrika wokulwa namatele.
Iqoqo lomgomo wokuqala oyinkulungwane lifike ngoMgqibelo e-OR Tambo International Airport livela e-Argentina, lapho likhiqizwa khona yiBiogénesis Bagó.
Ungqongqoshe womNyango wezoLimo uMnu John Steenhuisen ubalule ukuthi imihlambi yemfuyo yomphakathi iyingxenge yomkhankaso oseqhulwini wokugoma imfuyo mahhala.
U-Steenhuisen uthe: “Imihlambi yomphakathi iyingxenye yomkhankaso kanti iseqhulwini. Ngeke ikhokhiswe mali ngoba lesi yisifo esilawulwa wuhulumeni, ngakho sizoyihambisa emiphakathini.”
Ukungena ohlwini lokugoma kudingeka udokotela ozimele abhalise futhi ahambisane nemithetho ebekiwe.
“Kunefomu okufanele igcwaliswe wodokotela abazimele. Kufanele bazibophezele ekubhaleni yonke imininingwane. Konke ukugoma kufanele kubhalwe phansi ngoba sidinga leyo mininingwane futhi kufanele kuhlolwe emva kwaloko,” kusho yena.
Wengeze ngokutthi uma sekugonyiwe kufanele kubikwe ezikhungweni zendawo ukuqinisekisa ukuthi ziyalandela izilwane ezigonyiwe futhi ziyahlolwa. Le mininingwane izosiza iNingizimu Afrika uma isifaka isicelo kwiWorld Organisation for Animal Health sokugcwalisa ukuthi asephelile amatele.
Ungqongqoshe ubalule ukuthi kuzotshalwa ezinye izingcweti zemfuyo eziwu-100 nodokotela bezilwane ukulekelela umsebenzi kahulumeni, ikakhulu ezindaweni ezisengozini enkulu.
U-Steenhuisen uthe: “Sizogoma ngokubaluleka kwezindawo lapho kudlange khona amatele, noma ngabe eyomphakathi noma yipulazi elizimele. Uma sifika kuleyo ndawo, sizogoma zonke izinkomo ezikuyona.”
Ubalule ukuthi izindawo okudlange amatele kuzona yiKwaZulu-Natali, iFree State, iNorth West nezinye izindawo zaseMpumalanga.
“Zonke izifundazwe zizothola kuleli qoqo,” kusho ungqongqoshe. Uthe elinye iqoqo lizofika ngenyanga ezayo.
“I-Biogénesis Bagó izokhipha imigomo ewu-5 million ngenyanga, ezokwengezwa kwesiyithola eBotswana naseTurkey kanti futhi ukuzikhiqizela eyethu kuyaqhubeka, njengoba i-OBP (i-Onderstepoort Biological Products) ikhiqiza ecela emithamweni ewu-300 000 ngesonto.”
Uhulumeni uhlose ukuthi kuthi kuphela lo nyaka kube sekugonywe imihlambi yezwe ewu-80% kanti ekugcineni ihloso wukugoma zonke izilwane ezikhona.
U-Steenhuisen ugcizelele ukuthi abafuyi kufanele babike zonke izigameko zokutheleleka kwemfuyo yabo ukuze kuzosukunywa.
“Siqaphela ukuthi kunabantu abaningi abangakubiki ukubheduka kwamatele. Asikwazi ukufika sizogma uma singazi. Uma abafuyi bebona izimpawu kufanele babike ezikhungweni zemndayo zemfuyo nasemakhosini,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi: “Odokotela bezilwane abaseduze namadolobha kuyacaca ukuthi yibona abazogomela amakhasimende abo.”
Loku kubenza babengodokotela nabalingani bahulumeni emkhankasweni wokunqanda ukubhebhetha kwalolu bhubhane.

