Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa kodwa kwakumele ngiyisebenzele ukuze ngiyithole.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa. Kwakuvame ukuba wuR1 noma uR2 wokuthenga esikoleni.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa wugogo, ngoba ngikhule abazali bengasekho emhlabeni.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa. Ngangihlala nogogo (owayenza) isiqiniseko sokuthi uma ubaba nomalume bethumele imali esuka eThekwini ngiyayithola.
Usemncane wawuphiwa imali?
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa eyokuphatha esikoleni. Ngangiyinikwa kanye nge(sonto) kuthiwe angiyisebenzise (isonto) lonke.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa ngisafunda amabanga aphansi. Waphela umbuso sengenza amabanga aphezulu.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngihlale kakhulu nobaba ngikhula. Imali waqala engipha njalo ekuseni uma ngiya esikoleni. Ngangiphatha uR1.50 nomphako. Ngokuqhubeka kwesikhathi wangibuza ukuthi kunganjani ngidle isihlanu, ngibeke ishumi zonke izinsuku, ngavuma. Leyo mali yayihlala esikoqokoqweni esasinengidi evulwa wuye. (Wagcina) esenginika imali yesonto lonke, ethi kumele ngifunde ukudla ngizibekele kungashayi uLwesihlanu ngingasenamali.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyiphiwa imali ngoba ngangihlala ehostela ngisafunda e-boarding school , ngakho kwakuphoqa ukuthi ngiyiphiwe imali.
Bengiyithola imali kodwa bengiyisebenzela ngokwenza kahle. Bekufana nomklomelo wokungigqugquzela ngoba bekuyivelakancane ukuthola imali ikakhulukazi kimina nezingane zakwethu esikhuliswe wumzali oyedwa sibathathu.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa imali. Ngangingeve nginenhlanhla yokuphiwa imali. Ngiyile ngane ethandekayo kuthi noma yikuphi lapho (engangiqhamuka) khona kwakuvele kusuke umuntu angiphe imali. Nganginenhlanhla futhi yokuyicosha.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyithola imali ngisemncane. Kwakuba wuR2 noma wuR2.50 ngosuku. Lokhu ngikukhumbula ngoba mina nabangani bami sasiwubeka lowo R2.50 ukuze sithenge i-burger noma uphaya ekupheleni (kwesonto).
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngingathi yebo futhi cha. Kwakuncika ekutheni ngangiyidingela ini imali. UMama wayecophelela kakhulu kwezezimali futhi ubehlale esifundisa kusukela sisebancane ukwenza imali ngoba ngaleyo ndlela sasizokwazi ukuphatha kahle lelo (senti) nalelo senti.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa imali futhi-ke ngenhlanhla enkulu umuntu esakhula imali encane yayinkulu. Uyabona nje ngoR2 wawungathenga izinto eziningi (kanti) yiyona mali enkulu leyo engangiyinikwa uma ngicela imali ekhaya.
Usemncane wawuphiwa imali?>
Angikhumbuli kahle. Loko kusho ukuthi noma kungenzeka ukuthi ngangiphiwa kodwa kwakuyinto engajwayele ukwenzeka. Nokho abazali bami babengithengela yonke into engangiyidinga. Sasingaswele ekhaya.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngangiyithola impela kanti yileyo ndlela engaba nabangani abaningi ngayo. Umama wayewumhlengikazi kanti uR2 enganginikwa wona ngisesesikoleni samabanga aphansi wawuyimali enkulu. Ngangikwazi ukuthenga izinto ezimbili ngesikhathi sekhefu, ngiphinde ngithenge futhi uma sekuphume isikole. Isiqeda, ama-chips, isixavathi, imvuthu, iyobo, i-ice block nokunye okuningi. Konke kwakubiza u-50c ngaleso sikhathi.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo. Ngangiphiwa imali ngoba ngangingakuthandi ukudla. Umama wayengipha uR5 noma uR2 uma ngiqeda ukudla. Ubaba wayevame ukungipha imali eningi, ikakhulukazi ngenkathi sengenza uGrade 7. Wayenginika imali ethi ayibe la kuR1 000. Ngiyakhumbula nje ukuthi ngelinye ilanga umama wanginika imali ngaqala ngayo ibhizinisi, ngithengisa ugwayi, ngaphinde ngenza imali ngokulanda izingane enkulisa, abazali balezo zingane babengikhokhela uR5 (ngesonto).
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo. Ngangiphiwa ngabazali. Ubaba nje wayengipha ngaso sonke isikhathi.
Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, nganginikwa imali kusukela ngifunda amabanga aphansi ngaze ngafika emabangeni aphezulu. (Ngenza) amabanga aphansi nganginikwa uR5, kwathi sengifunda amabanga aphezulu ngaqala nganikwa uR10.
Usemncane wawuphiwa imali?
Lutho! Ngangingayiphathi ngisho nasesikoleni; kangangokuthi ngisho nabangani engagcina ngijwayelana nabo esikoleni ababenjengami, mina nabo sasingenayo imali njengezinye izingane esikoleni.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Lutho mntakababa, sasingaphiwa nhlobo imali ekhaya. Uma kuthuke kwaqabukela kwaba khona isihlobo esingiphe imali, ngangiyibeka ngiyisebenzise ukuthenga izimpahla zokugqoka esikoleni.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha. Ngangiye nginikwe uR2 uma ngingasiphethe isikhaf’tini esikoleni.
Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Yebo. Ngisemncane abazali bami babenomusa ngendlela ababengeseka ngayo kwezezimali. Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange? Ngavula i-akhawunti yami yokuqala ngenkathi sengizohamba ekhaya ngiphikelele enyuvesi. Uma ucabanga … Read More
Usemncane wawuphiwa imali noma cha? Ngenxa yokuthi umama ubesebenza emajalidini ehlala kude nami, kwangiphoqa ukuthi ngisheshe ngizifunele amatoto. Ngaleyo ndlela umama wayebhekana nezidingo zesikole, engingabala kuzona umfaniswano wesikole nokunye. Ngagcina … Read More
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent