Kuleli sonto kuKUSAZIWAYO NEMALI sinethulela uDudu Busani-Dube, umlobi wezincwadi nentatheli. Udume ngezincwadi eziwuchungechunge iHlomu The Wife, Zandile The Resolute noNaledi His Love. Zisanda kulanywa yiQunga ne-Mess
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Cha. Ngangiye nginikwe uR2 uma ngingasiphethe isikhaf’tini esikoleni.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?
Ngayivula ngoFebhuwari wango-2004 mhla ngithola umsebenzi wami wokuqala wobuntatheli e-Independent Newspapers. Kwakuyi-savings account eStandard Bank.
Uma ucabanga ebuncaneni noma ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali?
Engikwaziyo wukuthi sasingenayo imali etheni ekhaya ngikhula. Ngakho kwakungekho okutheni engangingakufunda kubazali. Kodwa-ke ngoba esikoleni samabanga aphezulu, e-boarding school, abazali babevunyelwe ukuvakasha kanye ngenyanga, umama wayenginika uR20 uma evakashile, okwakumele ngiwusebenzise inyanga yonke. Ngafunda lapho-ke ukonga imali.
Waqala nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho?
Ngaqala ngo-2004 ngiyi-intern, ngihola uR3 500 ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga i-cellphone, i-DVD player yasekhaya nezingubo zokugqoka, yaphela.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukuthenga umhlaba, ukutshala imali, ukuzijabulisa nokusiza (ekhaya).
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Alikho elikhulu ngaphandle kokubolekisa ngemali (abantu) abangayibuyisi.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Hhayi, cha! Ngagcina ngaleli likaWhatsApp likaR1 000. Ngathola imali, ngayeka.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Iseluleko engasithola ngilalele umsakazo sathi uma wakha ibhizinisi kufanele ube nesineke, wazi ukuthi kuzomele imali oyitholayo uyitshale ebhizinisini ukuze likhule.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ngingawusebenzisela ukukhulisa inkampani yami iHlomu Publishing (Pty) Ltd, okuyibhizinisi elishicilela izincwadi.
Ungabeluleka uthini abanye ababhali ngokuphatha imali?
Ngingathi sebenzisa imali ukwenza imali eningi. Uma kubukeka kusolisa, ungayifaki imali kukona.

