Engosini lapho sixoxa khona nosaziwayo ngemali, namhlanje sinomlingisi uFundiswa Zwane, oseke walingisa kwi-Generations, Imbewu: The Seed neminye. Unebhizinisi leziqholo iCamagu by Fundi Zwane
Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo. Ngisemncane abazali bami babenomusa ngendlela ababengeseka ngayo kwezezimali.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange?
Ngavula i-akhawunti yami yokuqala ngenkathi sengizohamba ekhaya ngiphikelele enyuvesi.
Uma ucabanga ngemali ebuncaneni noma ekukhuleni, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda?
Ngikhumbula ngifundiswa ukuthi imali iyabekwa futhi isetshenziswa ngobuhlakani. Ngaphinde ngafundiswa ukuthi imali yinto okumele iphathwe ngokwethembeka. Umama wazama ukusifundisa loko ngokuhlale enza isiqiniseko sokuthi sibuyisa ushintshi uma sikade sithunywe esitolo ngabantu abadala.
Uqale nini ukusebenza kanti wawuhola malini?
Ngaqala ngenkathi ngithola indawo yami yokuqala yokulingisa ngisenza unyaka wami wesibili enyuvesi. Angisakhumbuli ukuthi ngakhokhelwa malini ngoba kwakuyisikhathi lapho engangingakahlakaniphi khona ngokwanele ukwazi kabanzi ngezezimali.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Imali isingenze ngakwazi ukwenza izinto ezisho lukhulu kimina nezinto ezizongikhulisa.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ngenkathi ngisemncane ngangivame ukuba budedengu kakhulu uma kuziwa ekuthengeni izimpahla zokugqoka. Nokho ngiyajabula ngoba wumkhuba engakwazi ukuwuyeka. Kodwa-ke kwakubalulekile kimina ukuthi ngedlule kulokho ngize ngikwazi ukugcina sengibona ukuthi imali yami ngifuna ingisebenzele kanjani empilweni kunokuba budedengu ngayo.
Wake walutheka ngokungena ‘ebhanoyini’?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ukuthi imali kumele uyibeke, uyitshale bese uyisebenzisa ngokucophelela.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingayehlukanisa phakathi, ngithenge ngayo umhlaba enye ngithenge ngayo amasheya.