UMnu uTito Mboweni, oshone ngempelasonto, uzokhunjulwa ngokungawudayisi umzabalazo wabantu baseNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Usebenzele izwe kwaze kwasekugcineni

KUSASA kuzongcwatshwa owabawumphathi wokuqala omnyama weBhange loMbuso uMnu uTito Mboweni eTzaneen, eLimpopo. UMboweni, oshone ngempelasonto edlule, uzongcwatshwa ngokwesigaba sesibili semingcwabo kahulumeni.  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/14/umboweni-ufukule-umnotho-waseningizimu-afrika/

Kuze kwasekugcineni uMboweni eyile nto abantu abamnyama ababefisa futhi bekholwa wukuthi iyokwenzeka mhla sekuphethe uhulumeni wentando yabantu – umholi oqotho, oneqiniso, olwela isithunzi somuntu omnyama, owazi umsebenzi, ongancethezi futhi ongaphatha noma ngabe kuphi. 

Makhulu futhi maningi amaphupho abantu abamnyama baseNingizimu Afrika ababenawo ngesikhathi kuqala ukuphatha uhulumeni wentando yabantu ngo-1994. Okukhulu kwakuwukuthi “impilo izoba ngcono”, njengokusho kwesiqubulo se-ANC, inhlangano abayinika igunya lokulawula uhulumeni wentando yabantu. 

Izinto zabangcono ekuqaleni kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi, uhulumeni owaqala uthembisa lukhulu, wanezinto eziningi ohlehlela emuva ngazo. Yize imbangela yezinye izinselelo ezisekhona zibangwa wukujula komonakalo owenziwa wubandlululo kodwa eziningi zidalwa yindlela abaholi abaphathe ngayo – abaholi be-ANC.

Kubo konke ububi nobuthaka bayo i-ANC, into eyodwa engakaze ilenze iphutha ngayo, ngaphandle kwesonto elilodwa okwaqokwa ngalo uMnu uDes van Rooyen akuthi abewungqongqoshe womNyango weziMali), wukuqoka abantu abangakulungele ukuphatha eminyangweni nasezinhlakeni eziqondene ngqo nomnotho.

UMboweni, owaphatha iBhange loMbuso ngo-1999 kuya ngo-2009, ungomunye walaba baholi abathi uma bephathiswa imali yezwe, wakwenza ngokuthembeka loku kwaze kwafika isikhathi sokuthatha umhlalaphansi. 

Ephethe emNyangweni wemiSebenzi ngisho nangesikhathi ephethe oweziMali kunzima kubheduke i-COVID-19, uMboweni akazange antshontshe futhi akaze asolwe ngokuphula umthetho.  

Loku akusho ukuthi zonke izinqumo azenze esaphila zazilungile. Kukhona abakholwa wukuthi iBhange loMbuso alenzi okwanele ukusiza abantu. Kukhona futhi nabathi imithetho elawula ukuqasha abantu eNingizimu Afrika ingenye yezinto ezinqinda ukukhula kwamabhizinisi asafufusa. Nokho ziningi izinqumo ezinhle kunezimbi. 

UMboweni uthe ephezulu futhi ewumholi ezingeni lomhlaba kodwa wehlela ezingeni labantu abaphethe ngezindlela ezihlukene. Bangaki abaholi bakahulumeni abathi uma beshonile bakhunjulwe ngokuthi bebekhonze ufishi osethinini nomleqwa?

Ubehlonishelwa nokukhalipha kwakhe, ubaziwa nangokubhampa uma ethanda futhi ubezihlonipha. 

Ubezithanda izinto ezinhle futhi ubengaba wumzimb’ oqinile, njengokusho komunye wabangani bakhe uSolwazi uBonke Dumisa, kodwa futhi abebeke bamenywe emicimbini yakwakhe bathi ubengathintwa ngokwenza imicimbi emnandi futhi enazo zonke izinto ezikhonzwe ngomntakabani. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/16/umngani-wami-umboweni-ubekhaliphile-ethembekile-ewumzimb-oqinile/

Mhlawumbe akantshontshanga ngoba yize ebethanda izinto kodwa ubengesona isigqila sazo nokungakho ebezifela ngezicathulo zakhe ezitshekile, okuthiwa zineminyaka ewu-28 ezigqoka.  

INingizimu Afrika iyabonga ukuthi uMboweni abengomunye wabaholi okuthe ngisho sekunenkululeko bangakhohlwa wukuthi izifiso zabantu abamnyama kwakuyiziphi. Usivikele isithunzi somuntu omnyama kwaze kwabasekugcineni.  

Ushiye emhlabeni amadodana amathathu uTumelo, uPule noBaptzi. Akwehlanga lungehli, ududuzeke umndeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page