I-Durban Car Terminal iphule irekhodi layo lonyaka ngokuphatha izimoto eseziqediwe ukwakhiwa ezingu-531 755 esikhathini esiyizinyanga eziwu-12 esiphele ngoMashi. Umkhiqizo oxubile wenze izibalo zezimoto ezingeniswe ezweni zibe wu-53% ezibalweni zonke okufaka kakhulu izimoto ezincane. Kube ngu-34% ezibalweni zonke kusuka ngonyaka odlule. Kusuka ngoSepthemba iDurban Car Terminal izophatha izimoto zakwaFord iRanger. Nezinhlobo ezihlukene zeChery neJAC zizokwenza ukuthi kunyuke umthamo wezimoto.

IBHANGE loMbuso limemezele izinguquko ezikhundleni eziphethwe ngamaphini omphathi walo. UNksz uFundi Tshazibana useyisikhulu esiphezulu sophiko iPrudential Authority, isikhundla azosiphatha kuze kuphele inkontileka yakhe ngoJulayi wango-2024. UMnu uRashad Cassim uzobheka uphiko iFinancial Markets and International Cluster. UMnu uKuben Naidoo uzophatha iFinancial Stability and Currency Cluster. Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe lezi zinguquko zihambisana nendlela okwenziwa ngayo emhlabeni njengoba ethe kumqoka ukuthi amaphini akhe akwazi ukuyenza yonke imisebenzi.

IKHOMISHINI yokuNcintisana iphasise ukuthi iHIS Holding Limited ithenge ama-tower awu-5 713 kwiMTN SA. Lezi zinkampani sezizoba yizimbangi njengoba kukhona ama-tower engawadayisanga iMTN SA. Imibandela ebekwe yikhomishini ithi iMTN SA ayivumelekile ukudiliza eminyakeni emibili yokuqala idayisile futhi kumele ithuthukise amabhizinisi amancane ngoR60 million njalo ngonyaka kuze kuphele iminyaka ewu-10. I-IHS kumele ifinyelele kuLevel 4 weBBBEE ezinyangeni eziwu-18, kuthi eminyakeni ewu-4 ibe isikuLevel 1.

U-TRANSNET ukhiphe imiphumela yezimali yokuphela konyaka ophele mhla ka-31 ngoMashi 2021. Ngonyaka wezimali wango-2021 uTransnet ulahlekelwe yimali ewu-R8.4 billion, ikakhulu ngenxa yomphumela omubi weCOVID-19 nezinye izindleko ezingalindelekile emsebenzini okukhona kuzona izindleko ezingavamile zokubheka ezemvelo ezibe wuR1.2bn, imali yokucuphela izindleko zokumangalelwa ewuR3.6bn nezokukhinyabezeka eziwuR1.6bn. Ukube azibanga khona lezi zindleko, uTransnet ubuzolahlekelwa wuR3.8bn.

I-Transnet SOC Ltd neSpecial Investigating Unit basithakasele isigwebo seSpecial Tribunal lapho iyalele khona isisebenzi sakudala saseTransnet uMnu uHerbert Msagala ukuthi abuyisele uR26.4 million kule nkampani. I-Special Tribunal ithole ukuthi uMsagala wayekhokhelwa yinkampani eyayenzela uTransnet umsebenzi, i-IGS Consulting Engineers (Pty) Ltd, ngenkathi eqashwe eTransnet. Lesi sigwebo siqinisekisa ukuthi izikhulu ezithinteka ekukhwabaniseni ngenkathi zisebenza eTransnet aziphunyuli

Izikhulu zeTransnet bezihlangane nezikhulu zeMinerals Council SA noNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnu uPravin Gordhan ukuxoxa ngezinselelo ezikhona ekusebenzisaneni kwabo. Bavumelane ngokuthi ukuzama ukulungisa isimo kuzosungulwa amakomidi azobhekelela imikhiqizo ehlukene, bazobonisana kangcono uma kufanele kube khona izindawo ezivalwayo ukuze zilungiswe. Okunye bazosebenzisana ukuzama ukuvuselela izinto uma kukhona umzila ophazamisikile nokubhekana nenkinga yokuntshontshwa kwezintambo zojantshi

Ngemuva kokuqokwa kukaMnu u-Unathi Kamlana ngo-Ephreli waba wukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) noNks u-Astrid Ludin njengelinye lamaphini kakhomishana, uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana useqoke uNks uFarzana Badat noNks uKatherine Gibson njengamaphini kakhomishana. Lezi zikhundla ngezeminyaka emihlanu. UNks uBadat usebenza eSwitzerland, lapho ewumeluleki omkhulu wenqubo kwi-International Association for Insurance Supervisors. UNks uGibson ubeyilungu leTransitional Management Committee eFSCA kanti uke wasebenza emNyangweni wezeziMali.

Inzuzo yeNedbank inyuke ngo-148% yafinyelela kuR5.3 billion ngesigamu sokuqala konyaka esiphele ngoJuni 30 uma iqhathanisa nohhafu wokuqala wango-2020. Nokho ithe le nzuzo ingaphansi ngo-24% uma kuqhathaniswa nesigamu sokuqala sango-2019. Leli bhange lithe kuselukhuni ukuqagula ukuthi kuzokwenzakalani emnothweni kodwa lithe selilindele ukuthi umnotho wezwe ukhule ngo-4.2% esikhundleni sika-5% ngenxa yokucekela phansi impahla nokutapa ngenyanga edlule nokuvalwa kwezwe ngokwesigaba sesine ngenxa yeCOVID-19

I-SA Corporate Real Estate ithe umonakalo owenzekile ezakhiweni zayo ngenxa yezibhelu zangenyanga edlule ulinganiselwa kuR558.2million uma kuhlanganiswa nemali ebalahlekele ngoba ingangenanga. Ithe umshwalense enawo kwiSasria uzokwazi ukuzikhokhela zonke lezi zindleko ezilingana no-3.1% wenani layo yonke impahla abanayo. Bathe ngaphandle kwaseValue Centre eSpringfield, eThekwini, lapho umonakalo waba mkhulu khona, zonke ezinye izindawo sezivuliwe. Ezinye zizovulwa ngokuphelele ngo-Okthoba nonyaka. Ukulungiswa kweValue Centre eSpringfield, eThekwini, kulindeleke ukuthi kuphothulwe ngo-Okthoba 2022.

Ngemva kwezibhelu zokutapa nokucekela impahla phansi, iFNB iqale ukuletha ama-ATM namagatsha angomahambanendlwana KwaZulu-Natali naseGauteng. Iqale eDalton naseHarding eKZN kanti amanye azoyiswa eVosloorus, eSebokeng, eDiepkloof nase-Orange Farm eGauteng. UNksz uLee-Anne van Zyl, isikhulu esiphezulu seFNB Points of Presence, sithe: “Izinhlelo zethu eziphuthumayo bezibheke kuma-ATM ukusiza imiphakathi nabahola isibonelelo seSASSA kanti sizovula namagatsha angomahambanendlwana maduze. Sisebenzisana namanye amabhange, sizoqinisekisa ukuthi amakhasimende asebenzisa ama-ATM ethu awakhokhi inhlawulo yeSaswitch. Sikholwa wukuthi le mizamo izosiza imiphakathi ngenkathi siqhubeka nokuvuselela ingqalasizinda ecekelwe phansi.”

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page