UMnu uVakele Njikita,umsunguli weKusasa Lamazizi Agric and Farm Enterprise yaseTonti, eNtabankulu, eMpumalanga Kapa, etshala amaveji, ifuye izingulube. Izithombe: Zithunyelwe

Ukufeyila esikoleni kwamholela kwezolimo nokufuya

WUTHOBILE ZWANE

UKUNGAPHASI ezinye izifundo kuMatikuletsheni kwabayisibusiso kwinsizwa yaseMpumalanga Kapa. Kwaholela ekutheni le nsizwa eneminyaka ewu-33 ingene kwezolimo, lapho idlondlobala khona usuku nosuku.

Namuhla uMnu uVakele Njikija waseTonti, eNtabankulu, unepulazi Ikusasa Lamazizi Agric and Farm Enterprise elingamahektha awu-1.5 elitshala iklabishi, amazambane, ubhontshisi nespinashi afuye nezingulube kanti usedayisela izitolo ezinkulu isivuno sakhe. Udayisela iBoxer Superstore nezitolo zendawo. Uthi useke wahambisa amaklabishi awu-350 kanyekanye.

Ngemva kokubheda kwezinto esikoleni waqala ukulima ngo-2021. Ngonyaka olandelayo wabuyela esikoleni wayobhala kabusha uMatikuletsheni. Yingaleso sikhathi afunda ezolimo, athola ukuthi  yisona sifundo asithanda kakhulu. Uthi: “Yilapho ngaqala khona ukuthanda kakhulu ezolimo. Ibhizinisi ngalibhalisa ngokusemthethweni ngo-2021.”

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/05/ozifundise-ukulima-ushintshe-isimo-somphakathi/

UNjikija uthi ngo-2021 wathola usizo lomNyango wezoLimo, waqala nokufuya izinkukhu. Nokho, lelo bhizinisi alizange lihambe kahle, wase egxila ekulimeni amaveji.

Udedangendlale wepulazi le-Ikusasa Lamazizi Agric and Farm Enterprise

Uthi ukuqala nokukhulisa ibhizinisi lezolimo akulula, ikakhulu uma ungenayo into yokuthutha yakho. “Uma ngithutha izinto ngisebenzisa amatekisi kanti kwesinye isikhathi ngiqasha imoto. Loku kubayinselelo uma sekufanele ngihambise izinto ngesikhathi noma ngifuna amakhasimende amasha,” kusho yena.

Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi kufanele baqale benze ucwaningo ngemakethe ngaphambi kokuqala ibhizinisi. “Noma kuthiwa utshala amaveji asezingeni eliphezulu kangakanani, ngaphandle kwemakethe ethembekile kufana nokuthi awenzi lutho. Gxila kuloko kakhulu ngoba iyona nselelo esibhekana nayo kakhulu,” kusho yena.

Ikusasa Lamazizi aligcini ngokutshala, lifuya nezingulube

Ikusasa Lamazizi selinesisebenzi esisodwa kanti uNjikija ufisa ukuqasha abanye abantu njengoba ibhizinisi likhula. Ufisa ukuthola ithuba lokudayisa amaveji, ikakhulu ezikoleni nasezibhedlela.

“Sicela uhulumeni usisize ngoba amaklabishi siyawatshala emiphakathini yethu nokunye, uzame ukusisiza ukuze nathi sikwazi ukuziphilisa sigcine sesihambisa amaveji ezindaweni ezihlukene,” kusho yena.

Ufisa ibhizinisi likhule lifinyelele kwezinye izindawo nezitolo, likwazi ukuthola amanye amakhasimende futhi lakhe amathuba omsebenzi emphakathini.

Facebook: Ikusasa Lamazizi Agric and Farm Enterprise Pty Ltd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page