Abalimi baseNingizimu Afrika kufanele balungiselele izimo zokubhoka kokushisa ngenxa ye-El Niño njengoba izibikezelo zezulu zixwayisa ngobungozi bokushisa ngo-2026 nango-2027. Isithombe: yiPixabay

Abafuyi abaqaphele ukuphepha kwemfuyo yabo kuloku kushisa okubhokile – ungoti

WUTHABISO MOFOKENG

UNGOTI wezinkomo zobisi nemfuyo usenxuse abalimi abasafufusa baseNingizimu Afrika ukuthi baqinisekise ukuthi imfuyo yabo iphephile njengoba kubhoka ukushisa ngenxa ye-El Niño.

UNks u-Audrey Magagula uxwayise abalimi baseNingizimu Afrika balungiselela ukubhekana nezinguquko ezinkulu esimweni sezulu njengoba i-El Niño enamandla amakhulu iqhubeka nokubanamandla ePacific Ocean.

Izazi zesimo sezulu nososayensi zixwayisa ngokuthi lokhu kungaholela emvuleni engaphansi kokujwayelekile nesivuvu sokushisa okungajwayelekile, okungadala izinselelo ezinkulu kwezolimo, emfuyweni nakwingqalasizinda yamanzi ezweni.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/09/15/abalimi-abahambisane-nesimo-sezulu-esishisayo-umnyango-wezolimo/

Ugcizelele ukuthi ukulungiselela kusenesikhathi kungcono futhi kushibhile kunokulahlekelwa yimfuyo, wabalula ukuthi ukushisa kakhulu kungaphazamisa ukuzala kwemfuyo, indlela edla ngayo, ukukhiqizwa kobisi  nenzuzo yepulazi .

Ukubhekana nenselelo yokushisa, uNks uMagagula ululeka abalimi ukuthi kufanele baqinisekise ukuthi imfuyo inamanzi okuphuza ahlanzekile napholile ngaso sonke isikhathi kanti kufanele kubekhona nomunye umthombo wamanzi okugada ingozi. Uthe abalimi kufanele balungisele imfuyo umthunzi owanele, kungaba ngaphansi kwezihlahla noma ezindaweni ezakhiwe, baqinisekise ukuthi imfuyo enjengezinkukhu nezingulube ihleli endaweni engena umoya owanele.

Ukuze imfuyo iqhubeke nokuzala kahle, abalimi kufanele bayiphe ukudla okunomsoco bagcine ukuyifaka emsebenzini ekuseni kakhulu noma ntambama sekupholile ukugwema ukuyikhathaza.

Izimpawu ezimqoka zokukhandlwa wukushisa wukuhefuzela, ukugxaza amathe, ukuvilapha, ukujama isikhathi eside, inhliziyo emnyama nokukhiqiza ubisi oluncane. Kwesinye isikhathi uma kukubi kakhulu, imfuyo ingawa noma ife.

UNks uMagagula ugcizelele Isidingo sokuthi abalimi kufanele bahlelele izimo eziphuthumayo njengokunqamuka kukagesi, ukufa kwemishini nokushisa kakhulu. Unxuse zonke izinhlaka ezisemkhakheni wezolimo ukuthi zibambisane ukuvikela impilo yemfuyo nokuqiniseka amapulazi ayaqhubeka nokusebenza isikhathi eside.

Lolu daba  luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page