Udoti uyisisekelo sebhizinisi lezinto zokwakha ezonga imvelo
WUTHOBILE ZWANE
UNKSZ uZimkitha Duze waseKimberley, eNyakatho Kapa, wabona ithuba lapho abanye bebona udoti khona, waqala ibhizinisi ngemali encane nemishini emincane.
Le ntokazi yasungula i-Uuka Bricks, eyenza izitini nama-blocks ngeplastiki namabhodlela okulahliwe, ngemva kokwenza iziqu zezifundo zemali e-University of Cape Town, yize kwaphoqa ukuthi iziyeke ngenxa yezinkinga zemali. “Ekubuyeleni kwami ekhaya, ngijika nelanga nsuku zonke, ngabona ezinye zezinkinga ezazibhekene nomphakathi wangasekhaya, okubalwa kuzona ukuntuleka kwemisebenzi entsheni nemfucuza eyayigcwele ezindaweni ezihlukene,” kukhumbula yena.
Wazibuza ukuthi ngabe le mfucuza ingaba yingxenye yesixazululo yini ezinkingeni umphakathi obhekene nazo. “Ngaqala ukucwaninga ngezindlela zokusebenzisa uplastiki ekwenzeni izinto zokwakha. Kwaholela ekutheni ngiqale i-Uuka Bricks, ibhizinisi elisebenzisa oplastiki abalahliwe ukwenza izinto zokwakha ezifana nama-eco-bricks nama-blocks.
UNksz uDuze uthi: “Igama lebhizinisi lithi Uuka, lisho ‘ukuvuka’ ngesiXhosa, okuyigama elihambisana nesifiso sami sokubona abantu nemiphakathi besukumela izinkinga ababhekane nazo.”
I-Uuka Bricks iqoqa oplastiki namabhodlela lapho kulahlwa imfucuza khona, emigwaqweni bese bayazihlanza, oplastiki bagaywe babeyizicucu kanti amabhodlela nawo ayagaywa ngaphambi kokusetshenziswa ukwenza izinto zokwakha.
Izitini ze-Uuka Bricks ziwuR5 sisodwa kanti i-pallet eyodwa enezitini eziwu-200 iwuR1 000. Ama-pallet amabili awuR2 000, amathathu awuR3 000 kanti ama-pallet amahlanu anezitini eziwu-1 000 awuR5 000. Izitini zestokwe ziwuR3,50 kanti i-hollow block iwuR12.

I-block elenziwe ngeplastiki namabhodlela okugayiwe le-Uuka Bricks
UNksz uDuze uqale ibhizinisi kancane esebenzisa imishini esetshenziswa ngezandla. Manje usefuna ukwandisa ukukhiqiza ukuze ibhizinisi likwazi ukufinyelela ezimakethe ezinkulu.
“Sisebenza kanzima ukuthola imishini ezishintshayo nemishini yokusebenza efana ne-hydraulic nokuthuthela endaweni enkulu futhi evulekile eseduze nalapho kwakhiwa khona ukuze senze umsebenzi omningi,” kusho yena.
Uthi ukukhula kwebhizinisi akufanele kugcine ngokwandisa ibhizinisi kuphela kodwa kufanele kudale namathuba emisebenzi. Useqashe izisebenzi eziwu-14 ngokugcwele.
Le ntokazi esiyenza iziqu i-BCom in Financial Management e-University of South Africa kulo nyaka waqokwa kwiFuture 54 Honouree, uhlelo oluqhakambisa abantu besifazane abenza umehluko kwezobuholi, amabhizinisi nasekusunguleni izinto ezintsha.

UNksz uDuze uyaziqhenya ngama-blocks onga imvelo
Eluleka abafisa ukusungula ibhizinisi, uthi kufanele bakhe ibhizinisi elinenzuzo nelinenhloso yokubhekana nezinkinga zomphakathi. “Zithembe ngezifiso zakho. Akufanele ulinde ukuthi ubenako konke okudingayo ngaphambi kokuthi uqale. Sebenzisa onako, lapho ukhona bese uqala. Zonke izinselelo ozobhekana nazo zizokufundisa okuthile okubalulekile,” kululeka yena.
Uthe ukubanombono omuhle webhizinisi akusizi uma usomabhizinisi engakwazi ukuphatha imali nokwenza ibhizinisi lime.
“Kubalulekile ukubanezinhlelo eziqinile, imigomo yebhizinisi nokugcina nokuphatha izimali ngendlela efanele. Kubalulekile nokuba nethimba elikholelwa kumbono webhizinisi futhi elikwazi ukusebenza ndawonye uma kunezinselelo.”
UNksz uDuze uthi ufisa ukubona intsha nabantu besifazane bethola amathuba emsebenzini wokuqoqa imfucuza, ukuyihlela nokuyisebenzisa ukwenza izinto zokwakha.
Ufisa ukubona i-Uuka Bricks isetshenziswa ukwakha izindlu, izikole, izikhungo zomphakathi neminye imisebenzi yengqalasizinda ezindaweni ezihlukene eNingizimu Afrika. Ngokuhamba kwesikhathi ufisa nokuthi ibhizinisi lingene kwamanye amazwe ase-Afrika.
Facebook: Uuka Bricks
Instagram: @uukabricks

