Benza oncamnce abathinta abantu abamnyama emanonini
WUSIZAKELE NDULI
UKUPHOXWA yizinga eliphansi lama-snack abawathandayo besebancane kwenza abantu abasha ababili baseSoweto, eGoli, eGauteng, banquma ukuqala inkampani ekhiqiza ama-snack i-AmaShwamShwam.
“I-AmaShwamShwam yinkampani emele abantu baselokishini, ihambisana nabantu abaningi abamnyama,” kusho uMnu uLesedi Tshabalala, oneminyaka ewu-24, oqale le nkampani nomlingani wakhe uNksz uTsholofelo Mongwenyane, ona-22.
UTshabalala utshele iVutivi News ukuthi baqala ngebhizinisi le-atchaar iLefelo Food, ngo-2022. Ngonyaka olandelayo, kwafika uMnu uMbongeni Fakude, oneminyaka ewu-26, obambe iqhaza elikhulu ekusunguleni kwabo ibhizinisi elisha.
Ngosizo lwakhe, bakwazi ukuvula indawo yokukhiqiza ama-snack, baqala ibhizinisi labo lesibili ngezinhlobo ezimbili zama-snack abo i-cheese ne-sweet chillie, loko kwenza bakwazi ukuqasha izisebenzi eziyitoho ezinhlanu. “Ukuqala ibhizinisi elinje kunemigudu elandelwayo futhi akulula.
“Saqala ngokubuka ama-video eYouTube ngaphambi ngokuxhumana nezisebenzi zezinkampani ezenza ama-snack ezasisiza ngolwazi lokuqala leli bhizinisi,” kulanda uTshabalala.
Besaqala ibhizinisi, bebekhiqiza ama-snack awu-800 ngesonto kodwa manje izinto sezishintshile njengoba sebenendawo yokusebenzela eKya Sands, lapho benza khona umkhiqizo wama-snack ofika ku-2 500 ngosuku.
Ama-snack e-AmaShwamShwam anambitheka ngezindlela ezihlukene
Manje inkampani yabo isidayisa umkhiqizo wama-palette awu-30 ama-snack ngenyanga emazweni awu-16 aseNingizimu ye-Afrika.
UTshabalala uthi enye yezinselelo ababhekana nazo yinkinga yobugebengu, okwenza bayeka ukudayisela izitolo. “Kuke kwanesigameko lapho omunye wabashayeli abadiliva umkhiqizo wethu nesisebenzi sethu esidayisayo abadutshulwa khona yizigebengu ezazizama ukubabamba inkunzi. Ngenhlanhla, kwasiza ukuthi kwakuneveni yamaphoyisa eyayiqaphile endaweni,” kusho yena.
Laba balingani bake babhekana nenkinga yokuqina kwemithetho yokuhweba, okwenza kwanzima ukusabalala kahle ukudayisa umkhiqizo kwabo. “Siqine kakhulu isandla somthetho wokudayiselana umkhiqizo wokudla,” kusho uTshabalala.
Uthi basebenzisa imali yabo ukufukula ibhizinisi labo emva kokuzama izikhawu behluleka ukuthola usizo lwemali yebhizinisi.
Bahlela ukusabalalisa umkhiqizo wabo eGauteng yonke bese bewufaka eTakealot nasezitolo ezi-online. “Sinezinhlobo ezihlukene zama-snack neminye imikhiqizo yokudla esifuna ukuwengeza ngakho emkhiqizweni wethu,” kusho yena.
UTshabalala ukhuthaza osomabhizinisi ukwenza izinhlelo zokudayisela abantu imikhiqizo yabo ukuzidayisela bona ngokwabo, okubasize ngokwandisa umkhiqizo abawudayisayo.
“Sinohla lwabantu esisebenzisana nabo ukuthenga umkhiqizo wethu esihlela ukulwethulela umphakathi. Labo bantu basisiza ukufinyelelisa umkhiqizo wethu kubathengi,” kusho uTshabalala, engeza ngokuthi bamatasa nokwenza sesimweni esihle sokukhipha lolu hla.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za