Unebhizinisi lamafutha okupheka elingajwayelekile elokishini
WUZANDILE MAJAVU
KUSUKELA ewine uR50,000 kwiSME Toolkit yeBusiness Partners Limited ngenyanga edlule, uMnu uCalab Baloyi useqalile ukwenza izinto ezizokhulisa umkhiqizo wakhe wokupheka, amafutha iNosso-Sunflower.
UBaloyi, umnikazi wenkampani eguqula imikhiqizo yezolimo, iThemba Ntsako Projects, usanda kuhlanganyela nesikhungo esisiza amabhizinisi amancane, i-eKasiLabs. Iyisizile i-Nosso-Sunflower Oil ukuphucula umkhiqizo wayo futhi yayinika indawo yokusebenzela ukuqinisekisa ukuthi amafutha ayo okupheka ayahambisana nemigomo yeHazard Analysis Critical Control Points (iHACCP).
La mafutha emvelo akhiqizwa elokishini i-Orange Farm, eGauteng. UBaloyi usebenze umqondo waleli bhizinisi iminyaka emibili ngemva kokudilizwa ngesikhathi ubhubhane i-COVID-19 lubhokile, ekade eyi-senior sales consultant.
“Saqala sidayisa amaveji, sidayisa ispinashi ngo-2021, sidayisela abadayisa emgwaqweni kanti sagcina singene eBoxer e-Orange Farm, e-Eyethu Mall.
“Ngenxa yokuntula umhlaba, kwadingeka ngicabange izindlela zokukhulisa inkampani futhi ngingenise imali eyanele ebhizinisini, yingakho ngaqala ukukhiqiza amafutha kabhekilanga lapho singakhipha khona imbewu bese sigxila ekukhiqizeni,” kusho yena.
Uthi ubone kunesikhala emakethe yasemalokishini uma kukhulunywa ngokukhiqiza izimpahla zisuswa phansi kanti ukholelwa kakhulu ekutheni osomabhizinisi kumele bazithuthukisele imikhiqizo yabo bangagxili ekudayiseni imikhiqizo yabanye abantu.
“Ngakho-ke, ngabheka futhi ngacwaningela umkhiqizo wansuku zonke wonke umuntu awusebenzisayo kanti… sibambisene nomNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya eGauteng futhi sakwazi ukuthola ulwazi olufanele namakhono kulo mkhakha,” kusho uBaloyi.

Ubhekilanga wekhethelo iNosso Sunflower ekhiqiza amafutha ngawo
UBaloyi waqamba amafutha ngendodakazi yakhe uNtsako, okusho ukujabula, ngakho uNosso umele iNtsako Organic Sunflower Oil. “Njengamanje sinezisebenzi ezinhlanu okuhlanganisa nami. Siqala ngangingedwa ebhizinisini, ngathola ngomncintiswano wokuhlanganisa uhlaka lwebhizinisi ekhasini eliluleka osomabhizinisi abasafufusa, babebhale ngomncintiswano.
“Ngacabanga ukuthi nginombono omuhle kanti sengineminyaka engaphezu kwemibili ngiwusebenza futhi ngase ngivele ngiyithengile imishini yokucwenga amafutha kodwa bengisashoda ngezinto zokukhiqiza ezifana nembewu, amabhakede nezinto zokuzikhangisa. Ngakho, ngesikhathi ngiwina umncintiswano ngabona ukuthi manje sekuyisikhathi sokuthi ngiqedele iNosso Project futhi ngiqale ngidayise,” kusho yena.
Usebenzise imali ayiwinile ukuhlola umsoco, ukuhlolela eminye imicikilisho, ukuhlela izindlela zokuzikhangisa, ukupakisha nezinye izidingo.
Ibhizinisi likaBaloyi linamakhasimende angaphezu kwawu-80 okungamanye amabhizinisi. Uma selithole umshini omkhulu lizokwazi ukuhlinzeka amakhasimende amaningi futhi lidayisele namanye amalokishi eGauteng.
Ngesikhathi uBaloyi eqala ibhizinisi lakhe wayengenayo imali yokuqala inkampani kanti abantu abaningi babengakholwa “ukuthi insizwa yaselokishini ingasungula umkhiqizo ofana onjena”.
Nokho, ngemva kokuhlanganisa umkhiqizo omncane, wawuyisa eVaal University of Technology nasemnyangweni. Wangenela umncintiswano futhi wathola ithuba lokucathuliswa unyaka wonke.
Yilokho-ke okushintshe izinto kuBaloyi. Ebuzwa ukuthi liyayenza yini inzuzo, uthe: “Ngalo mshini esinawo sikhiqiza amathani ayisishiyagalombili ngenyanga okungenisa uR120 000 kanti inzuzo wuR31 000.”
- Facebook: Nosso Sunflower Oil
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za