Okufanele ukuqaphele uma unyula impesheni kwi-two-pot system – abeluleki

NGENYANGA esanda kudlula kuhlangane unyaka kusukela iNingizimu Afrika yethula umthetho ogunyaza abantu ukuthi banyule ebhodweni impesheni yabo yize singakafiki isikhathi somhlalaphansi, phecelezi i-two-pot retirement system, kanti njengoba abantu beqhubeka nokukhipha imali, kunezeluleko eziqhamuka eLiberty naseStandard Bank. 

Kuphele amahlathi okucasha esikhwameni sempesheni ebesigweva nemali yesisebenzi esashona

ISIKHWAMA sempesheni semboni yezinsimbi  iMetal Industries Provident Fund siyayelelwe yiphini lomXazululi wezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop ukuthi sikhokhele umndeni wesisebenzi esashona imali yaso yempesheni efanele. 

Umbiko weB20 uqhubeka nokubukela phansi abamnyama – iBlack Business Council

INHLANGANO emele osomabhizinisi abamnyama iBlack Business Council (iBBC) isinxuse uhulumeni ukuthi ungawamukeli umbiko weB20 ohlanganiswe yiBain neMcKinsey, izinkampani ezimbili ethi zibandakanyeka ekugwamandeni amandla ombuso okucekele phansi umnotho wezwe nezinye izinhlaka zikahulumeni.  

Usimeme umnotho wezwe ngekota yesibili – iStatistics SA

UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhuphuke ngo-0.8% ngekota yesibili yango-2025. Izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa izolo ziveze ukuthi izimboni ezibe nesandla esikhulu kulokhu ngezokukhiqiza, izimayini nezohwebo kanti nabathengi balekelelile njengoba inyukile kancane indlela abathenge ngayo. 

OwaseNtshonalanga Kapa uhlabane ngoR200 000 kwi-Kasi SME Summit 

IBHIZINISI lokuthutha izimpahla ngamabhayisikili KwaLanga, eNtsholanga Kapa, iCloudy Deliveries liwine umklomelo owuR200 000 obuyingxenye kaR500 000 obubangwa wosomabhizinisi kwiKasi SME Summit yalo nyaka. 

Ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi ufuna kubuye amandla abahloli abagada ukuxhaphaza izisebenzi ngemali yempesheni

EMVA kokubona ukuthi baningi abaqashi abangayifaki imali yezisebenzi zabo ezikhwameni zempesheni ezifanele yize beyidonsa emholweni yabo, ungqongqoshe womNyango wemiSebenzi uthi ufuna ukushintsha umthetho wezisebenzi ukuze abahloli bakwazi ukuphoqa abaqashi ukukhokha le mali.

I-Sassa izoqinisa ibhawodi ukuze izibonelelo zikahulumeni ziholwe ngabafanele

ZIYAQINA izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imali kahulumeni iya kubantu abaswele ngempela njengoba inhlangano ekhokha izibonelelo iSouth African Social Security Agency (iSassa) imemezele ukuthi bazogingqa izithupha, bathathe nezithombe abahlomuli ekuqaleni kwangoSepthemba. 

Isikhulu sesikhungo sempesheni yezisebenzi zikahulumeni simisiwe kusaphenywa

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana umise emsebenzini isikhulu esiphezulu sesikhungo esengameli impesheni yezisebenzi zikahulumeni iGovernment Pensions Administration Agency (iGPAA). 

Inkantolo iyalele Ithala ukuthi lisebenzisane nomlawuli

KULOKOZA inhlansi yethemba kubantu abangakwazi ukuthinta imali yabo esebhange Ithala emva kokuthi amajaji eNkantolo ePhakeme KwaZulu-Natali enqume ukuthi leli bhange kufanele lisebenzisane nomlawuli ukwenza uhlelo lokubuyisela abantu izimali zabo. 

Yize imboni yezimoto ibhekene nentela yaseMelika kodwa akhona amanye amathuba – izingqapheli

IMBONI yezimoto eNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo zohwebo nokuphazamiseka kwezindawo edayisa umkhiqizo wayo kuzona, okubalwa nentela yaseMelika ewu-30% yezimoto nezinsimbi zazo ezisuka kuleli zwe. 

ITheku lizophucula ingqalasizinda yekomkhulu leToyota ngoR450 million 

UKUGQUGQUZELA izimboni ukuthi zihlale eThekwini, imeya yalo masipala uMnu uCyril Xaba ithi bazotshala uR450 million ukulungisa ingqalasizinda eProspecton, eningizimu yedolobha.

INingizimu Afrika inemali eyanele yokusiza ezimweni eziphuthumayo – uKganyago

PHEZU kokuthi umnotho emhlabeni jikelele ungakhuli ngendlela efanele ngenxa yezimpi eziphakathi kwamazwe ahlukene nentela ekhokhiswa izimpahla ezidayisa eMelika kodwa umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi akufanele abantu baseNingizimu Afrika babenexhala.

I-Standard Bank ibeke eqhulwini ukuphucula i-Afrika – uTshabalala

IBHANGE elikhulu kunawo wonke e-Afrika ngokwezimpahla iStandard Bank linengqungquthela egqugquzela ukuxhasa i-Afrika ngezimali ukuze ibe nengqalasizinda esezingeni eliphezulu.

Uhulumeni nezinhlelo zokusiza amabhizinisi azoshaywa yintela yaseMelika 

UNGQONGQOSHE womNyango wezangaPhandle uMnu uRonald Lamola nowomNyango weziMboni, uHwebo nokuNcintisana uMnu uParks bamemezele ngoMsombuluko ukuthi uhulumeni unezinhlelo zokuvikela amabhizinisi akuleli zwe azothikanyezwa yintela yaseMelika ewu-30. 

I-NEF igubha iminyaka ewu-11 yesikhwama esixhasa abesifazane 

NJENGOBA iNingizimu Afrika igubha iNyanga yaBantu Besifazane, iNational Empowerement Fund (iNEF) iyaziqhenya ngesikhwama sayo esixhasa abantu besifazane esineminyaka ewu-11 iWomen Empowerment Fund (iWEF). 

Amaspaza anemishini yokugembula azolahlekelwa yizimvume

UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, iMvelo nezokuVakasha eLimpopo uMnu uTshitereke Matibe uthi imishini yokugembula ekumaspaza intshontsha imali kahulumeni ngoba abanikazi bawo baphula umthetho. 

Kuphasisiwe ukuhlangana kweMultichoice neCanal+

IKHOMISHINI eyengamele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika iCompetition Commision iphasise ukuhlangana kwenkampani yokusakaza ezweni iMultiChoice edume ngeDStv nenkampani yaseFrance yokusakaza iGroupe Canal+ SAS, eyaziwa ngeCanal+.

Amaphaphu aphezulu kosomabhizinisi abancane abadayisa izimpahla eMelika

KULE nyanga umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump umemezele ukuthi intela yezimpahla zaseNingizimu Afrika ezidayisa ezweni lakhe izoba wu-30% uma kuqala u-Agasti.

Abakhokhintela basakholelwa ekubambeni ulayini ukuze basizwe wumuntu eSars 

NAKUBA iSouth African Revenue Service (iSars) izama ukusebenzisa izindlela zobuchwepheshe ukuqoqa imininingwane yentela kodwa kusekhona abakhokhintela abakholelwa wukuya emahhovisi ayo.

Kufanele kubenemali yokugada ingozi – iphini likangqonqoshe wezimali

KUBALULEKILE ukuthi kubenemali ezovikela amazwe uma kunezimo eziphuthumayo ezishaya umnotho. Lisho kanje iphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt David Masondo.

Iyakhanya indlela embonini kagesi ngenxa ye-Operation Vulindlela 

UMBIKO omusha ngohlelo lokuguqula isimo somnotho nenhlalo eNingizimu Afrika i-Operation Vulindlela uveza ukuthi izinhlelo zokuphehla ugesi zihamba kahle njengoba zonke ezazihlelwe kwi-bid window 5 seziphothuliwe. Lezi zinhlelo zizongenisa ugesi owu-288MW kulo nyaka. 

Njengoba iNingizimu Afrika izilungiselela intela yaseMelika, uhulumeni kufanele ungenelele ngokushesha, kuloba uBusi Mavuso 

ISIMEMEZELO esenziwe wuhulumeni waseMelika sokukhokhisa izimpahla eziningi eziqhamuka eNingizimu Afrika intela ewu-30% siyakhathaza kakhulu.

Sekutholakale ezinye izimoto ezinobuhixihixi

KUNGAKAPHOLI maseko ikhomishini evikela amalungelo abathengi iNational Consumer Commission (iNCC) izwakalise ukukhathazeka ngezimoto ezidinga ukubuyiselwa egaraji nakuba zisezintsha, izinkampani ezakha izimoto sezicele ukuthi kubuyisewe amaRange Rover Evoque namaMercedes-Benz egaraji. 

Kuvaleleke izimali zestokfela nezamabhizinisi e-Ithala – amakhasimende

UJULAYI yinyanga yokonga imali kodwa izinhlelo zokonga zabantu abalondoloza imali ebhange Ithala ziphazamisekile njengoba kunamacala asezithebeni zenkantolo ngekusasa laleli bhange.

Abantu baseNingizimu Afrika basebenza bazebagobe – ucwaningo

UCWANINGO olusha olwenziwe yiSanlam ngomhlalaphansi luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele basebenze bazebabeneminyaka ewu-70 kuya kwewu-80 ukuze bakwazi ukongela impesheni.

Ingqophamlando yama-medical aid yamakhosi aKwaZulu-Natali

UKUBONA amakhosi engabinemali eyanele yokuzinakekela futhi noma egula engakwazi ukuthola usizo olusezingeni elifanele kwenze ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natali uMfu uThulasizwe Buthelezi wathule isikhwama semphesheni ne-medical aid yamakhosi.

Wu-10% kuphela wabantu abazimisele ukuthatha umhlalaphansi – ucwaningo

ZIJIKILE izinto uma kukhulunywa ngomhlalaphansi eNingizimu Afrika njengoba ucwaningo olusha lomhlalaphansi lweFNB luveza ukuthi wu-10% kuphela wabantu baseNingizimu Afrika abazimisele ukuthatha umhlalaphansi ngokugcwele uma sebeneminyaka ewu-60. 

Umasipala uklomelise osomabhizinisi abavelele

UMASIPALA waseThekwini uklomelise amabhizinisi aheha izivakashi futhi aqhakambisa leli dolobha emcimbini i-4th Annual Durban Tourism Awards.

Umshwalense weToyota South Africa ufuna uR6.5 billion ngomonakalo wezikhukhula

NAKUBA umshwalense weToyota South Africa ufuna isinxephezelo esiwuR6.5 billion ngomonakalo owenziwa yizikhukhula efemini yale nkampani eseProspecton, eningizimu yaseThekwini, kodwa le nkampani ithi ayihlangene nalolu daba.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page