Ikomiti elengamele ukusebenza kwezimali zomphakathi lizophenya ngokuxhaphaza imali kwiRoad Accident Fund. Isithombe: Sithunyelwe

I-Road Accident Fund izophenywa ngokungaphathi kahle imali

WUBONISWA MOHALE 

IKOMITI elengamele ukusebenza kwezimali zomphakathi iStanding Committee on Public Accounts (iScopa) lizosungula ikhomishini ezophenya ngokuxhaphaza imali esikhwameni esinxephezela abantu abalimele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (iRAF).

Ikhomishini kulindeleke ukuthi iqale umsebenzi emva kuka-Agasti kanti izobheka ukungaphathi ngendlela kwiRAF, ukuxhaphaza imali, izindaba ezithinta ukukhipha amathenda nokunye. 

Usihlalo weScopa uMnu uSongezo Zibi uthe imibandela yokusebenza kwekhomishini izokhishwa namuhla ngoba umsebenzi uzoqala emva kwekhefu lango-Agasti. 

“Asikwazi ukwenza umsebenzi wethu kahle wokulandela ukusebenza kwezimali zomphakathi uma izikhungo zikahulumeni zingasiniki imininingwane eyiqiniso. 

“Sikhathazekile ukuthi iRAF ayifuni ukusitshela ukuthi imali iyitshale kuphi nokuthi ibekelweni. Sikhathazekile ngokungavalwa kwezikhala zabaholi okubalwa i-chief claims officer, inhloko yokusebenza kwalesi sikhwama, inhloko yezomthetho, i-chief corporate support officer nenhloko yokuphatha abantu,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/24/i-raf-isinxephezele-abantu-ngor45-6-billion/

Uthe sekukaningi abantu bekhala ngokungalandeli umthetho kwiRAF njengoba kusolakala ukuthi kumoswe uR1 billion ngokungalandeli imithetho yokuthenga izimpahla.

Esitatimendeni, iRAF ithe isibonile isinqumo seScopa sokusungula ikhomishini ezophenya izinsolo zokungaphathi kahle nokumosa imali kulesi sikhwama.

Ithe iyasihlonipha futhi izibophezele ekubekeni konke obala njengoba ihlale yenza kodwa kufanele abantu bazi ukuthi iRAF ayikaze ibesesimweni esihle sezimali seloku yasungulwa ngo-1946. Sekubekhona amakhomishini ahlukene okubalwa eyeJaji uMelamet ngo-1992, eyathola ukuthi iRAF isasebenza ngenxa yokuthi njalo ngonyaka uhulumeni unyusa intela kaphethroli. 

Isitatimende siqhube sathi yize iRAF inezinselelo kodwa kunezinguquko ezinhle, okubalwa kuzona izindlela ezihlukene zokuxhumana nayo, lapha kubalwa ukushaya ucingo, ukuthumela i-SMS, i-email, ukungena kwi-website, u-WhatsApp nasezinkundleni zokuxhumana, osekusize abantu abangaphezu kuka-1 million

Ithe into ezokwenza ukuthi iRAF isebenza kahle wukubuyezeka imithetho engamele ukusebenza kwalesi sikhwama.

Khonamanjalo, inkantolo ithe akukho okuphambene nomthetho ekumisweni kwesikhulu seRAF uMnu uCollins Letsoalo, omiswe emsebenzini ngoJuni 3.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page