Umasipala utshale uR55 million ukuphucula izimakethe
YINTATHELI KAMASIPALA
UMASIPALA waseThekwini, ngaphansi kophiko lwawo lwamaBhizinisi ezokuVakasha, iziMakethe noLimo, usubeke uR55.4 million ngonyaka wezimali wango-2025/26 ukulungisa ingqalasizinda yasemakethe nenye esetshenziswa ngabahwebi basemgwaqweni.
Lezi zinhlelo zizoqale ngomhlaka-1 wangoJulayi. Zizosiza ukuseka osomabhizinisi abancane, zilungise izindawo abasebenza kuzona bese zikhulisa nomnotho waseThekwini ngokuqhubeka nokuseka amabhizinisi amancane ukuthuthukisa izimo zokusebenza nokuqhubeka ngokukhulisa umnotho wendawo.
Phakathi kwezinto ezizokwenziwa ngale mali wukulungisa ingqalasizinda yemakethe yabadayisa inyama yenhloko, ezolungiswa ngoR10m.
Lolu hlelo luhlose ukuthuthukisa izimo zokuhweba, ukuqinisekisa ukuthi ziphephile futhi zisesimweni esifanele. Kuzosebenza uR8m ozokwakha indawo enhle yabahwebi basemgwaqweni iSibusiso Mdakane Container Park.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/06/abadayisi-bacijwe-ngamakhono-okubaphumelelisa/
Kukhona noR7m ozolungisa indawo yamabhizinisi esehostela iDalton Hostel Business Hive, ozosiza osomabhizinisi ukuthi asebenzele endaweni ephephile futhi enhle.
Ngaphezu kwaloko, umasipala uzofaka uR16.17m ukulungisa izakhiwo zezimakethe ezilandelayo, iThongathi, iHammarsdale, iBangladesh neBerea. Lezi zimakethe zizobasezingeni eliphezulu, zihlanzeke futhi ziphephe kubahwebi nakumakhasimende.
Kuzolungiswa ama-air conditioning system ngoR1.2m ezimakethe ezinkulu lapho abadayisi nomphakathi abafike bathenge impahla ngobuningi. Lo msebenzi uzophela ngoDisemba futhi uzokwenza lezi zimakethe ziphephe, zihleleke futhi zihehe.
Usihlalo weKomiti lokuThuthukisa umNotho nokuHlela kuMasipala waseThekwini uMnu uThembo Ntuli uthe lezi zinhlelo ziwukuzibophezela kukamasipala ukuseka osomabhizinisi abancane nabadayisi basemgwaqweni.
“Sizibophezele ukutshala imali kulo mkhakha njengoba nibonile ezinhlelweni esezenzekile neziqhubekayo zokulungisa ingqalasizinda nezokucija abantu ngamakhono amasha,” kusho yena.
Uthi izinhlelo zikamasipala zicacisa ukuthi ufuna ukubuyisa isithunzi ezindaweni ezihweba abadayisi basemgwaqweni ukuze basebenze kahle.
“Ngokulungisa ingqalasizinda ibe ngeyesimanje, osomabhizinisi bazokwazi ukusimama bakhulise nomnotho. Umasipala awufuni kubekhona abasala ngaphandle emnothweni kodwa ufuna wonke umuntu akwazi ukuhweba kahle,” kusho uNtuli.