Kwethulwe umkhankaso wokufundisa abantu ukuphatha kahle imali izolo, iMoney Smart Week South Africa. Isithombe: Sithunyelwe

Uyanyelela umkhankaso wokufundisa ngokuphatha imali kahle

WUBONISWA MOHALE 

USUQALILE umkhankaso ogqugquzela abantu ukuthi babenobudlelwano obuhle nemali iMoney Smart Week South Africa (iMSWSA).

Yize leli sonto lokuphatha kahle imali lizogujwa ngomhlaka-25 kuya mhlaka-31 wango-Agasti kodwa seziqalile izinhlelo zokufundisa abantu.

Ekhuluma izolo esithangamini sokuthula leli sonto ebesi-online, usihlalo weNational Consumer Financial Education Committee uNkk uSeipati Nekhondela uthe iMSWSA yenzelwe ukufundisa abantu ngokubaluleka kokonga, ibanike amasu okugwema amaqola futhi bahlome ngamakhono azobasiza ukuphila.

“Ukubanobudlelwano obuhle nemali akuyona into eyenziwa ngabathile kodwa iyikhono elibalulekile empilweni. Ngesikhathi kusungulwa iMSWSA ngo-2018, umNyango weziMali nomlawuli wemboni yezimali babehlose ukuqinisekisa ukuthi abantu bakuleli zwe bayisebenzisa kahle imali. Sifuna inyuke imali eyongiwa ngabantu, kunciphe izikweletu,” kusho yena.

Uthe umehluko uqala kancane ngokuthi umuntu onge ingxenye yemali ayihola, akwazi ukugwema amabhanoyi namaqola futhi aqonde ukuthi ngisho uhola kancane kanjani kodwa kufanele ulondoloze ingxenye ethile.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/09/06/kuleli-sonto-sigubha-i-money-smart-week-isikhathi-sokwenza-izinqumo-eziphusile-ukonga-imali-yakho-intatheli-yombele-iyabika/

UNkk uNekhondela uthe bakhathazekile ngokwanda kwesibalo sabantu abasebenzi kodwa abagembulayo ngoba bezitshela ukuthi bazokwazi ukungenisa imali ethe xaxa.

“Siyanxusa ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika, izinhlangano ezizimele ezisiza umphakathi zifundise abantu ngokubaluleka kokubanobudlelwano obuhle nemali. Uma abantu sebazi ukuthi imali ibalulekile, uyivikela kanjani ngeke balutheke kalula ukuthi bagembule ngayo noma bayifake emabhanoyini,” kusho yena.

Usihlalo wekomiti eliphethe izinhlelo zeMSWSA uNkk uZanele Gigaba uthe indikimba yalo nyaka ithi “Financial foundations for a resilient future”, okusho ukuthi izisekelo zezimali zekusasa elimile. 

Le ndikimba uthe kusukela manje kuze kube wu-Agasti bazoba nezithangami ezihlukene zokucobelelana ngolwazi oluzosiza abantu ukonga, ukusebenzisa imali kahle nokugwema amaqola. 

Inhlangano yomphakathi i-Asisa Foundation ithembise ukuthi izoqhubeka nokufundisa abantu ngezimali ngezinhlelo zayo ezihlukene.Ibalule ukuthi inohlelo olubizwa nge-Saver Waya Waya olusiza abantu abanganakiwe yizikhungo zezimali ezinkulu ukuthi bonge, ibuye ifundise nabafundi ngokubaluleka kokonga nokugwema amabhanoyi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page