Izosebenza ukulungisa ingqalasizinda, enjengechweba laseThekwini, nokuphucula umnotho imali ebolekwe kwiWorld Bank. Isithombe: Sithunyelwe

Sizothuthukisa ingqalasizinda ngo$1.5 billion – iNingizimu Afrika

WUBONISWA MOHALE 

UMNYANGO weziMali uthi u$1.5 billion obolekwe kwiWorld Bank uzosiza iNingizimu Afrika ukudala amathuba emisebenzi nokuphucula nengqalasizinda.

Umnyango uqinisekise ukuthi uthole le mali kuleli sonto kanti inhloso yayo wukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ilungisa futhi iphucule ingqalasizinda, okuzodala inqwaba yemisebenzi futhi kusimamise umnotho. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/17/iningizimu-afrika-iya-kwiwef-ishayela-phezulu/

Esitatimendeni umNyango uthe le mali izosiza ukuletha izidingo kubantu, ukufukula umnotho emikhakheni ebalulekile, ukuphucula ezokuthutha nengqalasizinda. Izosetshenziselwa ukuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukukhulisa umnotho ngokunciphisa umonakalo kwimvelo. 

Umnyango uthe imibandela yalesi sikweletu ikahle kakhulu ngoba iNingizimu Afrika inikwe iminyaka ewu-16 ukusikhokha kanti inzalo yaso ngeke isinde uma iqhathaniswa nezinye izindlela zokuboleka imali. 

Uthembise ukuthi uzosebenzisana neWorld Bank ukwenza isiqiniseko sokuthi imali yenza ehlelelwe kona. 

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe nakuba siqonda ukuthi izwe linezinselelo zengqalasizinda edinga ukuphuculwa nokuvuselela izinto kodwa aseneme ngokuthi iNingizimu Afrika ihlale iboleka imali. 

“Lesi sikweletu bekufanele senziwe ngenxa yokuthi ayikho imali eyanele yokuphucula ingqalasizinda, imisebenzi iyadingeka njengoba izigidi zabantu zingasebenzi. Kufanele izwe lethu likwazi ukuncintisana namanye ngoba njengamanje asikwazi ukuncintisana kahle namanye amazwe futhi umnotho awukhulu,” kusho sona.

UDumisa uthe u-60% wemali engenayo usetshenziselwa ukuletha inhlalakahle kubantu, kubalwa ezempilo, imfundo nezibonelelo zikahulumeni, okusho ukuthi yimali engangenisi nzuzo. 

“Loku kwenza uhulumeni ungabinemali eyanele yokwenza izinhlelo eziphucula umnotho. Kuyakhathaza noko ukuthi minyaka yonke siyaboleka, isikweletu siloku sikhula ngama-trillion. Kufanele siwuyeke lo mkhuba, imali yenze okufanele ukuze nomnotho uzokhula,” kusho yena. 

Inhloko yomNyango wezoMnotho e-University of Pretoria uSolwazi uNicola Viegi uthe kufanele kubenemali yokulungisa ingqalasizinda futhi ukusebenzisa lesi sikweletu esinemibandela engacindezeli izwe kuzosiza. 

“Akuyona imali eningi lena ebolekiwe uma ubheka ukuthi isikweletu seNingizimu Afrika siwu-R6tr. Imali esiyibolekile iwu-S$ 1.5bn, imali elingana noR25bn.

“Okubalulekile wukuthi le mali isebenze kokufanele ngoba uma imoswa izokhulisa isikweletu. Uma ilungisa ingqalasizinda ebalulekile, izokwazi ukukhulisa umnotho, okusho ukuthi izobakhona imali yokukhokhela isikweletu,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page