Umengameli weToyota South Africa uMnu u-Andrew Kirby nongqongqoshe womNyango wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu uSiboniso Duma emva komhlangano wokudingida indaba yomshwalense wezikhukhula zango-2022. Isithombe: Sithunyelwe

Umshwalense weToyota South Africa ufuna uR6.5 billion ngomonakalo wezikhukhula

YINTATHELI YOMBELE 

NAKUBA umshwalense weToyota South Africa ufuna isinxephezelo esiwuR6.5 billion ngomonakalo owenziwa yizikhukhula efemini yale nkampani eseProspecton, eningizimu yaseThekwini, kodwa le nkampani ithi ayihlangene nalolu daba.

NgoLwesihlanu ungqongqoshe womNyango wezokuThutha KwaZulu-Natali uMnu uSiboniso Duma ubenomhlangano ophuthumayo nomengameli weToyota South Africa uMnu u-Andrew Kirby. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/21/iminyango-kahulumeni-wakwazulu-natali-yethule-izabelomali-zazo-esishayamthetho-kuleli-sonto-kuqale-undunankulu-unkk-unomusa-dube-ncube-okhiphe-imininingwane-yokuthi-ihhovisi-lakhe-lizowusebenzisa-kan/

U-Kirby uthe nakuba inkampani yomshwalense weToyota iTokio Marine & Nichido Fire Insurance ifake icala enkantolo lapho ifuna uMasipala waseThekwini, umNyango wezokuThutha neTransnet bayikhokhele uR6.5bn ngomonakalo owadalwa yizikhukhula kodwa beyiToyota South Africa abangeni kulolu daba. 

U-Kirby utshele uDuma ukuthi akukho abangakuzuza kulolu daba ngoba emva komonakalo wezikhukhula zango-2022 bafaka isicelo sokunxeshezelwa enkampanini yomshwalense wabo. 


UDuma utshele izintatheli ukuthi banobudlelwano obuhle neToyota South Africa futhi uyakuthakasela ukuthi uKirby nesekela lakhe uMnu uNigel Ward babeka phambili impilo yabantu baseKZN naseNingizimu Afrika. 

“I-Toyota izibophezele ukuthi izosebenza eNingizimu Afrika futhi itshale imali eningi ukuphucula ifemu yayo. Sivumele ukuthi akukho okuzongena phakathi kwethu njengoba inkampani yomshwalense ifake udaba enkantolo,” kusho uDuma. 

Uthe iToyota ibalulekile emnothweni waseKZN nowaseNingizimu Afrika futhi bayajabula ukuthi ibambisene nohulumeni ukusimamisa umnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page