Ucwaningo olwenziwe yiPietermaritzburg Economic Justice and Dignity lukhombisa ukuthi amanani egrosa akhalisa abantu besifazane. Sithunyelwe

Abesifazane bayabalisa ngokubiza kokudla

WUTHOBILE ZWANE

NAKUBA ucwaningo olusha olubheka amanani egrosa luveza ukuthi yehlile kodwa basakhala abantu besifazane. Bathi indlela okunzima ngayo kunezinto abangasazithengi ngoba imali iphelela ezandleni.

Ucwaningo olubheka amanani okudla olwenziwe yiPietermaritizburg Economic Justice and Dignity (iPMBEJD), luveze ukuthi igrosa enokudla okuwu-44 okudliwa yimindeni eminingi eNingizimu Afrika isibiza uR5 443.12. Okusho ukuthi yehle ngoR23.46 emalini ebibiza yona ngoMeyi kodwa uma iqhathaniswa nendlela eyayibiza ngayo ngoJuni wangonyaka odlule kusho ukuthi inyuke ngoR190.36.

Ucwaningo lwenziwa kubantu besifazane abathenga igrosa yomndeni eSoweto, eMlaza, eKhayelitsha, eMgungundlovu, eMtubatuba, eSpringbok naseNtshonalanga Kapa.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/19/inyama-yenkomo-iphambili-ekunyuseni-amanani-okudla-ucwaningo/\

Phakathi kokudla okwehlile kubalwa amazambane, ehle ngo-11%, kubewubhanana, owehle ngo-8% nesinkwa esinsundu, esehle ngo-3%. Kolunye uhlangothi ukudla okunyukile wu-anyanisi, onyuke ngo-9%, inyama yenkomo, enyuke ngo-5%, izingingila nenyama yenkukhu, okunyuke ngo-4%. 

Isimo sinzima emindenini enabantu abahola ngesikali se-National Minimum Wage, okusho iholo elincane elinqunywe wumthetho, njengoba behola uR4 606.40 ngenyanga, okusho ukuthi igrosa ibiza ukudlula umholo wabo.

Ngokocwaningo lweCongress of South African Trade Unions, isisebenzi esisodwa sondla abantu abane kuya phezulu. Ngenxa yokukhokhela ugesi, ukubeka imali yokugibela lezi zisebenzi zisala noR1 963.43 wokuthi zenze ezinye izidingo. 

Impilo ibanzima njengoba ucwaningo luthi ukudla kwabantu abane kubiza uR3 809.26, ngenyanga, okwenza imindeni eminingi ingabi nemali eyanele yokuthenga ukudla okunomsoco. 

UNksz uNosipho Mhlongo waseMlaza,  eThekwini, ongumama wabantwana abane uyakhala ngamanani aphezulu okudla. Uthi ubekwazi ukuthenga igrosa ngoR3 000 athole yonke into kodwa manje sekushintshile. 

“Kudala bengikwazi ukuthenga yonke into engiyidingayo ngoR3 000 kodwa manje igrosa yami isibiza uR3 500, nakhona angiyitholi yonke into engiyidingayo ngoba ukudla kunyuka nyanga zonke,” kubalisa yena. 

UNksz uBajabulile Khanyile waseMgungundlovu uthi yena kukhona izinto angasazithengi ngoba ziyabiza.

“Ijusi, ama-noodles, i-turkey noshukela angisakuthengi nhlobo ngoba kuyabiza. Ngifisa ukube kuthiwa amaholo ethu ayanyuka ematohweni uma ukudla kuzonyuka kanje. Kusazoba nzima,” kusho yena.

Umdidiyeli wezinhlelo ePMBEJD uMnu uMervyn Abrahams ufakazele ukuthi abantu besifazane bayakhala ngokubiza kokudla. 

“Njengoba sike sabona kuqala amanani okudla ayaqhubeka nokukhuphuka nyanga zonke, okwenza kubenzima emindenini eminingi, ikakhulu enabantu abahola kancane, ngoba kunokudla abangakwazi ukukuthenga. Bathenga okuyisidingo kakhulu njengempuphu, irayisi, amafutha nezishebo ezimbalwa,” kusho yena.

Uthe kunzima kakhulu ukuthi abantu besifazane bathenge ukudla okunomsoco, okudliwa yizingane njengoba kubiza uR970.89 ngenyanga kodwa isibonelelo sezingane siwuR560 kuphela.
Izinto zokuhlanza ezibalulekile njengensipho, i-toilet paper nama-sanitary pad, ziyabiza. Le mikhiqizo ibiza ngaphezu kukaR1 000 ngenyanga futhi ibanga nokudla kwisabelomali somndeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page