Lwemukeliwe uhlaka lweSabelomali eThekwini
YINTATHELI YOMBELE
ISIGUNGU esikhulu sikaMasipala waseThekwini semukela uhlaka lweSabelomali sango-2023/24 esisanda kwethulwa emhlanganweni womKhandlu.
NgokweSigaba 121 somThetho 55 wokuPhatha iziMali koHulumeni beNdawo yango-2003, minyaka yonke yezimali bonke omasipala kufanele balungise umBiko woNyaka oveza umlando wokusebenza kukaMasipala ngalowo nyaka wezimali.
Ngema kokwethula uhlala lombiko wezimali emKhandlwini kulandela ukubonisana nabantu abathintekayo ngoFebhuwari noMashi.
Ebantwini abathintekayo kubalwa umphakathi, izinhlangano zomphakathi (njengezinhlangano zomphakathi, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni nezinhlangano ezingenzi nzuzo) abaholi bendabuko, abantu abanokukhubazeka, amabhizinisi namakomiti amawodi.
Imibono neziphakamiso okuqondene nomBiko woNyaka kuyobe sekufakwa emBikweni wokuHlola iziNto osemBikweni woNyaka, oyobe usuwethulwa eKomitini leziMali zoMphakathi emhlanganweni womKhandlu ngoMashi.
Imenenja yedolobha uMnu uMusa Mbhele ithe unyaka wezimali wango-2023/24 ubewunyaka wenqubekelaphambili enkulu nokuphokophela kunzima kuMasipala.
“Nakuba bekunezinselelo ngenxa yesimo somnotho emhlabeni jikelele nasezweni kodwa uMasipala uqhubekile nokwenza umsebenzi wawo wokuhlinzeka ngezidingo emphakathini, ukuthuthukisa ingqalasizinda nokusimamisa umnotho.
“Ngalo nyaka wezimali, sibone kuphucuka izinto endleleni esisebenza ngayo jikelele, iTheku lathola u-87.56% kuyo yonke imikhakha, lisuka ku-77.03% wangonyaka wezimali odlule,” kusho yena.
- Lolu daba lukhokhelwe wuMasipala waseThekwini

