Baqeda ububha emphakathini ngezinkukhu
WUTHOBILE ZWANE
IZINTOKAZI ezimbili zasoGwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natali zinebhizinisi lezinkukhu zenyama nezamaqanda ezifisa ngalo ukunika umphakathi ithuba lokuqala ukudayisa amaqanda abekwe yizinkukhu zabo.
UNksz uNtwenhle Linda benoNksz uSlondiwe Nxumalo, abaphathi benkampani iQandalami ngaphansi kweLanginhlanhla Projects, badabuka eMangethe, eMandeni, eKZN, banepulazi lezinkukhu zamaqanda eziwu-10 152.
Bathi banothando olukhulu lokuqeda ububha emphakathini wabo. Ngepulazi labo bafuna kudaleke imisebenzi.
Inkampani yabo isiqashe abantu abayisikhombisa ngokugcwele, kubenabafundi abasuke bezoqeqeshelwa umsebenzi.
UNksz uNxumalo uthi le nkampani iqale ngo-2020 ngesikhathi se-COVID-19 bebheka ukuthi yini abangayenza ukusimamisa umphakathi njengoba babehleli ekhaya.

Izinkukhu namaqanda okukhiqizwa eQandalami
“Sabuka ukuthi ngoba besesiqalile ukufuya izinkukhu zenyama, sabona ukuthi kungani singenzi amaqanda sibone ukuthi kungahamba kanjani. Siyazi ukuthi iqanda alibizi kakhulu uma uliqhathanisa nenkukhu. Sibonile ukuthi abantu bazokwazi ukulithenga, kwaba wukuqala kwethu ibhizinisi elisiza umphakathi, nathi sense inzuzo,” kusho yena.
UNksz uLinda uthi osomabhizinisi bayakwazi ukufaka izicelo zokuthola usizo olubalekelela ukusimamisa amabhizinisi abo ezikhungweni ezihlukene.
“Thina sakwazi ukufaka isicelo sokuthola usizo kwi-Agri-Business Development, yasilekelela ngakho konke esasikudinga. Phakathi kwezinselelo esinazo njengoba sifuyile singabala ukuguquguquka kwesimo sezulu nokucima kukagesi, okubenomphumela omubi,” kusho yena.
Ubalule ukuthi ukucima kukagesi bekubathikameza kodwa njengoba ibhizinisi likhula bazothenga ama-solar panel nezinye izinsiza.
Bathi bafisa ukuthi ekuhambeni kwesikhathi babenezinkukhu eziwu-100 000. “Esikufisayo wukuthi sikhanyisele abanye abantu abamnyama nabancane njengathi ukuthi ibhizinisi liyenzeka. Uma bebona thina, bazobona ukuthi nabo bangakwazi ukubanebhizinisi eliphumelelayo. Asifuni ukugcina ngokudayisa amaqanda kuphela kodwa sifuna ukubanezinkukhu zenyama esizozidayisela abafuna ukuqala ibhizinisi nezitolo,” kusho yena.
Bathi eminyakeni emihlanu bazibona benebhizinisi elisimeme futhi beneminye imikhiqizo.
“Okwamanje sisebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa, ikakhulu u-Facebook, abantu nabo bayasikhangisa ngokutshela abanye ngoba umkhiqizo wethu bayawuthanda. Besifisa ukuthi izinga lethi liphakame sibekhona ko-TikTok, nako-Instagram, sibe abantu abasha abasezingeni ngokuzikhangisa,” kusho uNksz uLinda.
FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/21/ahamba-ubuthaphuthaphu-amaqanda-owaqala-enesizungu/
UNksz uNxumalo uthi basamangele ngendlela umphakathi obeseka ngayo njengoba amaqanda ethengwa ubuthaphuthaphu.
“Kwenziwa ukuthi siwuphatha kahle umphakathi wethu futhi uyasiseka kakhulu ezintweni eziningi. Siyafisa ukufaka umkhiqizo wethu ezitolo, kubewukukhula kwethu,” kusho yena.

Izisebenzi zeQandalami
Ukhuthaza intsha ukuthi ingaphelelwa amandla. Uthi uyazi ukuthi abaningi bafuna imisebenzi futhi imisebenzi ayitholakali kalula ezweni.
“Nakhona ukubeka isenti phezu kwesenti, noma ungathenga izinkukhu ezimbili, uzithenge komunye umuntu uzidayise lezo zinkukhu ngemali ethe ukuthi xaxa uqhubeke. Kubalulekile ukuthi usukume, isizo lwemali nezinye izinsiza zikuthole ngendlela. Uwena okufanele uqale,” kusho yena.
Uthi intsha ingalahli ithemba, ingabuki ukuthi umakhelwane wenzani futhi ingadikibaliswa abanye abantu ukuthi baqala ibhizinisi kodwa alangaphumelela.
UNksz uLinda uyale intsha ngokuthi uma isaqala ibhizinisi, iqale yenze ucwaningo, ibuze kwabaphambili abanolwazi ngoba yiyona ndlela okuphunyelelwa ngayo.
“Into noma ungayifunda encwadini kodwa kubalulekile ukuthi uye kubantu bakukhombise ukuthi kwenziwa kanjani. Thina siyalivula lelo thuba lokuthi abafundi abasafunda, ikakhulu abadinga ukuqeqeshwa bazosilekelela, babone ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani ngento abayifunda esikoleni,” kusho uNksz uLinda.
- Facebook: Qandalami Eggs
- Instagram: Qandalam

