UNksz uMems Ramaila, umnikazi we-BeeAfrican ekhiqiza uju eBrits, eNorth West. Izithombe: Zithunyelwe

Ukufuya izinyosi kwaziletha kuyena ezihlalele 

WUTHOBILE ZWANE

UKUVAKASHELWA yiqulu lezinyosi akuzange kumsabise uNksz uMems Ramaila onepulazi eBrits, eNorth West. Esikhundleni sokusaba uNksz uMems Ramaila wabona loku njengophawu nethuba lokuqala ibhizinisi. 

Uthi ngo-2019 wasungula ibhizinisi elizinikele ukufuya izinyosi nokusimamisa imiphakathi. Wazithola esefuna ukwazi ukuthi izinyosi zisho ukuthini ngokwesiko lase-Afrika. Wafunda ukuthi izinyosi zimele ingcebo, ukuhlakanipha nokuphila kahle. Loku kwamenza wanquma ukushintsha isikhathi sokuvakasha kwezinyosi sibe yibhizinisi eliphumelelayo.

Uthi wayengenalo ulwazi ngokufuya izinyosi, wayazi ukuthi kuzoba nenselelo kodwa wayezimisele ukuphumelela. “Ngangingazi lutho ngokufuya izinyosi  kodwa ngangifuna ukusebenzisa izinyosi ukufundisa abantu ngokubaluleka kwazo,” kusho yena.

Ngosizo lochwepheshe benhlangano engenzi nzuzo esebenza namabhizinisi amancane iPUM Netherlands uthi ibhizinisi lakhula. Bakhiqiza uju, bakhe izidleke zezinyosi, izingubo zokuvikela abafuyi bezinyosi nemikhiqizo yokunakekela isikhumba eyenziwe ngoju.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/01/31/baphokophele-ukufinyelela-e-afrika-yonkana-abasebhizinisini-lobisi-noju-ngokufuya-izinyosi-omunye-wabo-uxoxe-notebogo-mokwena/

Eminye yemikhiqizo yeBeeAfrican

Uthi leli bhizinisi akulona nje elokwenza imikhiqizo yoju kodwa limayelana nokusiza abantu. I-BeeAfrican yasungula izinhlelo zokufuya izinyosi ezindaweni ezinjengeMarikana, ihlinzeka ngamathuba omsebenzi futhi ifundisa abantu, ikakhulu abantu besifazane nentsha ukuthi bangaziphilisa kanjani ngokufuya izinyosi. 

“Sifuna ukubakhombisa ukuthi bangaphila ngokufuya izinyosi futhi banakekele imvelo kanyekanye,” kusho uNksz uRamaila . 

Yize ephumelele emkhakheni wezolimo kodwa akaqalanga kulo mkhakha. “Ngiwummeli osephenduke i-organisation development practitioner futhi ngiyi-research associate e-University of Johannesburg Centre for Ecological Intelligence,” kusho yena. 

Uthando lwakhe lokusimama nentuthuko lusize i-BeeAfrican ibeyibhizinisi elingakhiqizi uju kuphela kodwa isikwazi ukudala amathuba omsebenzi nokuvikela imvelo. 

Namuhla useqashe izisebenzi ezine eziqashwe ngokugcwele nezisebenzi eziyishumi zezikhathi ezithile. 

Uma ebheka phambili, uthi inkampani ihlose ukudlondlobala yenze umehluko emphakathini, ihlomise abantu futhi iqhubeke nokukhulisa umkhakha wokufuya izinyosi.

Facebook: BeeAfrican_SA 

● Instagram: @mems_rams

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page