Asingadididiswa wumsindo nge-VAT, indaba inosopolitiki
UKUHLEHLISA ukuthula iSabelomali kuleli sonto kwenzeke ngoba ngaso sonke isikhathi osopolitiki abanandaba namuntu ngaphandle kwezinhloso zabo. Noma bangadweshulana manje, bampongoloze bonke, bajahe ukutshengisa ukuthi babakhathalele kangakanani abantu baseNingizimu Afrika kodwa iqiniso wukuthi bayafana bonke.
Bonke sebebone loku njengethuba lokucosha amaphuzu, kwazise nalu nokhetho lohulumeni bendawo lusemome. Ukuba abakwenzayo abakwenzeli bona, ngabe akufikanga nalapho kufanele kuchitshiyelwe khona ngokunyusa intela ebanjwa ezimpahleni, phecelezi i-value-added tax (i-VAT).
Manje sonke sesinake ukuthi iSabelomali asithulwanga nokuthi bekunesiphakamiso sokunyusa i-VAT ngo-2 percentage points esikhundleni sento okuyiyona okufanele sigxile kuyona ngempela, ukuthi uhulumeni awukabi nesisombululo sokukhulisa umnotho.
Umqulu onemininingwane ngeSabelomali awunalutho oluphathekayo oluveza kahle ukuthi yiliphi iqhinga uhulumeni azolisebenzisa ukukhulisa umnotho nokuthi izinselelo ezindala zokungaphathwa kahle kwemali zizolungiswa kanjani.
Ngisho uma sesithulwa iSabelomali mhlaka-12 wangoMashi kungathiwa asisekho isiphakamiso sokunyusa iVAT, akukho okutheni okuzoshintsha ngesimo somnotho wezwe ngoba sekuyiminyaka manje kuphilwa ngokupatanisa.
Kunezinqumo ezinzima okufanele zithathwe, ikakhulu eziqondene nendlela imali emoswa ngayo kuhulumeni nokuthi imvamisa izigilamkhuba azithathelwa zinyathelo ngaloku ngoba kunezinyunyana ezingathintwa ezivikela izigangi.
Yize sekuqalile ukwamukeleka kancane ukuthi kufanele kusetshenziswane nemboni ezimele, ikakhulu ezimbonini ezithinta kakhulu umnotho njengekagesi, ukuthutha izimpahla ngezitimela namachwebana ekwengameleni ingqalasizinda yamanzi kodwa lo msebenzi uhamba ngonyawo lonwabu.
Uma kubhekwa indlela amanye amazwe e-Afrika okulindeleke ukuthi akhule ngayo kulo nyaka, iNingizimu Afrika yilona zwe elizokhula kancane njengoba i-International Monetary Fund ithe izokhula ngo-1.5% kodwa amanye amazwe kubhekwe ukuthi akhule ngo-2.8% kuya phezulu. UmNyango weziMali uthi ulindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.8% eminyakeni emithathu ezayo.
Asingakuvumeli ukuqhubeka sididiswe wosopolitiki nezinhloso zabo. Abagxile ekukhuliseni umnotho, into ezoxazulula izinkinga eziningi ezikhona futhi iphucule impilo yabantu ngoba ukukhula komnotho kuhambisana nokudala imisebenzi.

