IMeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba incokola nezivakashi ngamaholidi asehlobo abeyimpumelelo enkulu. Isithombe: Sithunyelwe

Abehlabahlosile amaholidi asehlobo eThekwini

YINTATHELI YOMBELE

BEZIBUYA eThekwini ngezinsuku zamaholidi asehlobo njengoba bekunemicimbi ehlukene ebithe chithi saka kuzona zonke izindawo. 

Izinkulungwane zezivakashi zitheleke ogwini lwaseThekwini zizothokozela amaholidi asezingeni lomhlaba ezingasoze ziwakhohlwe.

ITheku belivakashelwe ngabantu abezoshaywa wumoya, baye izindawo zokudla bazikhiphe, bathokozele impilo yasebusuku, ubumnandi nezindawo zokulala ezithokomele ezihlinzeka yonke into umuntu ovakashe kuleli dolobha angayijabulela  ngesikhathi eseholidini. 

Imicimbi edumile, okubalwa iFact Durban Rocks, iWoz’ eDurban Picnic, uMhlanga Beach Festival, i-All White Elegant Party neminye, idonse izivakashi ezivela kulo lonke izwe zatheleka eThekwini ukuzothamela imicimbi yobumnandi ehlukene. 

Ngokusho kwabahlelela amaholidi, okunye obekuhamba phambili ngamaholidi amabhishi, ama-swimming pool ahlanzekile, izindawo eziphephile nokubekwa phambili kwezokuphepha kwezingane. 

Zonke izingane ezivakashele emabhishi aseThekwini bezifakwa amabhande esihlakaleni abhalwe imininingwane yabazali ukuqinisekisa ukuthi kubalula ukuzithola uma kwenzeke zadukelana nabazali bazo. 

Abagada izingane bebezisiza uma sezidukelene nemindeni kungakapheli amahora angu-24.

ITheku lenze yonke imizamo ukuqinisekisa ukuthi kuphephile futhi abantu bayawathokozela amaholidi abo. Emabhishi aseThekwini angu-25, angu-21 abevulelwe ukuthi kubhukudwe ngesikhathi samaholidi. 

Ngokwezibalo, cishe bawu-1 million abantu abavakashele amabhishi aseThekwini ngamaholidi. Abahlengi basemabhishi basebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukubhukuda okuphephile nokulandelwa kwemithetho yasebhishi. 

Akekho umuntu ogwilizile ngezikhathi zokubhukuda ezisemthethweni emabhishi aseThekwini.

  • Lolu daba lukhokhelwe wuMasipala waseThekwini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page