UNksz uPaulina Ramusi, umnikazi weNtema Investments yaseBatlokwa, eLimpopo, enefemu yokuthunga. Izithombe: Zithunyelwe

Ifemu ishintshe indawo yembubhiso, yabuyisa ithemba kubantu bendawo

WUTHOBILE ZWANE 


ESIGODINI esicwebile iMangata, saseBotlokwa, eLimpopo, isitolo esasidayisa utshwala sesiphenduke ifemu ethunga umfaniswano wesikole, izingubo zokuzivikela nomfaniswano wezinkampani zonogada. 

Le ndawo ibigcwele ubugebengu kodwa manje sekunefemu kaNksz Paulina Ramusi, iNtema Investments eqashe abantu abawu-19 abasebenza ngokugcwele nabawu-15 abayitoho. 

Lapho kwakukleliswe khona amabhodlela otshwala sekubekwa izindwangu ezihlukene zokuthunga imifaniswano nemvunulo yesintu.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/19/lugcine-lumnqobile-ubizo-lwemfashini-aqala-ukulizwa-esemncane-osezisebenza-kule-mboni-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

UNksz uRamusi, owayewuthisha we-Mathematics neSayensi, uthi wathatha isinqumo sokuvala isitolo sotshwala, ifa lakhe, wasenza ifemu ezothuthukisa abantu bangakubo.

“Emva kokubona ukuthi isitolo esidayisa utshwala sicekela phansi impilo yabantu, nganquma ukusivala. Ngangifuna ukwakha okuzoletha umehluko, kube yinto ezoletha isithunzi nethemba kubantu,” kusho yena.

Isitolo sotshwala esiphendulwe wuNksz uRamusi ifemu yokuthunga

Uthi yize ayenesifiso sokwenza umehluko kubantu kodwa wayengenazo izinsiza ezifanele. “Ngafaka isicelo sokuthola usizo lwebhizinisi. Ngaba nenhlanhla umNyango wezoHwebo, iziMboni Nokuncintisana, ngesikhungo sawo i-Industrial Development Corporation, wanginika usizo lwemishini efanele umsebenzi engiwenzayo. Yandisa umthamo wokukhiqiza wenkampani, okuyinto ebalulekile ngoba kuyasisiza ukudala amathuba omsebenzi,” kusho uNksz uRamusi.

Uthi ukusekwa wuhulumeni ngaphansi kohlelo lokuvuselela imboni yendwangu i-Clothing Textile Footwear Growth Programme kuyasiza ukuguqula umnotho wasemakhaya, ukudala amathuba omsebenzi nokuqeda ububha. Ngokomnyango, lolu hlelo seluxhase osomabhizinisi abasafufusa ngemali engaphezu kukaR1.4 billion kusukela ngo-2022.

Ubalule ukuthi inkampani yakhe iqashe kakhulu abantu abangenamakhono, iziqu noma ulwazi lomsebenzi. Ngaloku kokubili ukuqeqeshwa ezikhungweni zokukhiqiza izingubo, lezi zisebenzi sefunde ubuchwepheshe bokwandisa umkhiqizo. 

“Ukuqeqesha kubalulekile. Asigcini ngokunika abantu umsebenzi kodwa futhi sibahlomisa ngamakhono azobasiza impilo yabo yonke,” kusho yena.

Eluluka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthe: “Uma uqala ibhizinisi sengathi ungenza ucwaningo kuqala, ubenesiqiniseko sokuthi ibhizinisi oliqalayo lizobawusizo emphakathini futhi lihluke.”

UNksz uRamusi ufisa ukuqhubeka adale amathuba omsebenzi emphakathini ngokukhulisa ibhizinisi ngenxa yokudingeka komkhiqizo wakhe eMangata nakwezinye izindawo eBotlokwa.

  • Facebook: Paulina Ramusi 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page