Umbiko weKhomishini yokuNcintisana uletha ithemba emaziko ezindaba
IMBONI yezinkampani zezindaba, ezinjengoMbele, izuze lukhulu kuleli sonto emva kokushicilelwa kombiko okhishwe yiKhomishini yokuNcintisana ebiphenya ukuthi izinkampani zobuchwepheshe zibenamuphi umphumela emsebenzini wazo.
Lolu phenyo olwaqala ngo-2023 lubizwa nge-Media and Digital Platforms Market Inquiry.
Into obelugxile kuyona wukubheka ukuthi izinkampani ezinjenge-Alphabet, abanikazi beGoogle neYoutube, iMeta, abanikazi bakaFacebook, uWhatsApp, i-Instagram neThreads, i-X, ebibizwa ngeTwitter, neTiktok kubenasiphi isandla ekuweni kwamaziko ezindaba.
Ikhomishini ithole ukuthi ukudlondlobala kwalezi zikhondlakhondla kubenesandla esikhulu ekuthwaleni kanzima nasekuweni kwamaziko ezindaba futhi yizona esezihlomula kakhulu ngemali yezikhangiso njengoba ukusabalalisa izindaba ezishicilelwa ngamaziko ezindaba kuzisiza kakhulu ekuheheni abantu.
Esinye isibonelo saloku nje wukuthi ngo-2022 iMeta yangenisa phakathi kukaR8 billion noR9bn ngezikhangiso eNingizimu Afrika kuphela.
Ngale kwemali yezikhangiso, nendlela ubuchwepheshe obusetshenziswa ngayo, kutholakale ukuthi yonke into ivuna lezi zikhondlakhondla njengoba zishintsha nendlela izinto ezenziwa ngayo noma nini noma kanjani.
Kuhlaluke nokuthi ziyenzelela futhi uma kuqhathaniswa indlela eziqhakambisa ngayo izindaba ezishicilelwa yizinkampani zezindaba zakwamanye amazwe kunezaseNingizimu Afrika.
Kucace ukuthi amaziko ezindaba ashicilela izindaba ngezilimi zesintu, njengoMbele, acwaseka kakhulu kunezinye ngoba ubuchwepheshe balezi zinkampani abuzikhathaleli nhlobo lezi zilimi.
Ukuzama ukulungisa isimo, iKhomishini yokuNcintisana yenze iziphakamiso ezimbalwa, okukhona kuzona ukuthi kufanele kunxeshezelwe amaziko ezindaba ngoR300 million kuya kuR500m iminyaka emithathu kuya kwemihlanu, kufanele lezi zinkampani zikhiphe imininingwane ethe xaxa ngabantu abakhonze amaziko ezindaba ukuze izinkampani ezikhiqiza izindaba zizokwazi ukwenza izinqumo ezingcono ngabantu ezibabhalelayo, kufanele futhi lezi zinkampani zibambisane namaziko ezindaba ukuqinisekisa ukuthi ezikusabalalisayo kuyiqiniso futhi kunemali okufanele ziyikhokhele izinkampani ezigada umsebenzi wamaziko ezindaba iPress Council neBroadcasting Complaints Commission of South Africa nokuthi kubenezindlela eziningi zokungenisa imali ngama-video ashicilelwa kuYouTube.
Yiziphakamiso nje lezi kanti ayikho indlela yokuthi ikhomishini iziphoqe lezi zinkampani ukuthi zikwenze konke loku okushiwoyo kodwa kunethemba lokuthi wonke umuntu uzoqhubeka nokubambisana ukulungisa izinto.
Kuyaziwa futhi ukuthi akusho ukuthi zonke izinto sezizohamba ngononina ngamaziko ezindaba kodwa kuzolekelela ukulungisa isimo kancane ngoba awukho umbuso wentando yabantu ophumelelayo uma abezindaba bengakwazi ukwenza umsebenzi wabo kahle.