Ukuxazulula inkinga yakhe kwamholela ebhizinisini lesikhumba
WUTHOBILE ZWANE
KWABANINGI ukunakekela isikhumba kuyingxenye yendlela yokuphila abayilandela nsuku zonke kodwa kwintokazi yaseLwamondo, eVenda, bekuyisikhathi esinzima ngenxa yokuthi ibinesikhumba esomile.
UNksz uThabelo Phidza, umnikazi weGlowing Queens Cosmetics, uthi ukhule enesikhumba esome kakhulu, wayehlale ezama imikhiqizo engamsiza kule nkinga.
“Ngangisebenzisa izinto zokugcoba ezijwayelekile kodwa zazingasichachambisi isikhumba sami ngendlela efanele. Ngisho ngiya ezitolo kwakufanele ngiphathe amafutha okugcoba esikhwameni ngoba ngangazi ukuthi isikhumba sami sizokoma ngemva kwamahora ambalwa,” kukhumbula yena.
Le ntokazi ithi ekuqaleni yayingacabangi ukuqala ibhizinisi kodwa yayizama ukuxazulula inkinga yayo yesikhumba. Ukungagculiseki ngezinto zokugcoba ezitholakala ezitolo kwaholela ekutheni iqale ukucwaninga izithako ezihlukene, ibhale phansi konke ekufundile.
UNksz uPhidza wayeze asebenzise uGoogle ukwandisa ulwazi lwakhe njengoba ayefuna into ezonothisa isikhumba sakhe futhi isikhanyise ngokwemvelo. Ukuzimisela ukuthola isixazululo, wathenga izithako zemvelo ezingenamakhemikhali anobungozi, waqala wazama ukuzixubela.
“Ngangifuna umkhiqizo othambile wokugcoba ozosiza isikhumba sami. Emva kokusebenzisa engangizixubela kona, imiphumela yayibonakala. Isikhumba sami sacwebezela nabantu baqala ukunginaka ukuthi kukhona okuhlukile ngesikhumba sami, ” kusho uNksz uPhidza.
Emva kwaloko uthi wayenconywa ngapha nangapha. Abangani, umndeni, ngisho nabantu abangamazi bembuza ukuthi ugcobani.
“Ngangibatshela ukuthi akuyona into yasesitolo kodwa yinto engizithakela yona. Yilapho isidingo sayo saqala ukukhula. Ngabona ithuba nganquma ukwenza amasampula, nganika omakhelwane nabangani. Izincomo zazizinhle kakhulu abantu bebona umehluko esikhunjeni sabo namabala amnyama afiphala uma begcoba imikhiqizo yami ehlala isikhathi eside, ” kusho yena.
I-Glowing Queens, eyasungulwa ngo-2020, isinhlinzeka ngemikhiqizo okuhlanganisa amafutha okugcoba, i-lotion yomzimba, ama-scrub, i-serum nensipho, konke okugunyazwe ukuqeda iminyama nokuqeda izisihla.

Omunye wemikhiqizo yeGlowing Queens Cosmetics isilungele amakhasimende
Uthi ekhuthazwa ngabantu wethula ngokusemthethweni ibhizinisi lakhe futhi waqala ukukhangisa ku-Instagram. Manje imikhiqizo yakhe isidayiswa nakwiTakealot.
UNksz uPhidza uthi njengoba wayengenasizo lwemali eqala ibhizinisi, imali ayeyithola ngokudayisa imikhiqizo yakhe wayitshala ebhizinisini. Uthi wayesebenzisa inzuzo yokudayisa ukuze aqhubekele phambili nebhizinisi. “Ekuqaleni ngasebenza mahhala ngoba ngangazi ukuthi kufanele ngiqinisekise ukuthi ibhizinisi likwazi ukuzimela.”
Uthi ukungena embonini yokunakekela isikhumba kunezinselelo ngoba kukhulu ukuncintisana. Kumsizile ukuthi ubazi ukuthi udinga isu elinamandla. Uthi wafunda ngamabhizinisi afana nelakhe, wabona ubuthakathaka bawo, yena wenza kangcono ngokugxila kokudingwa ngamakhasimende.
“Amakhasimende ayathanda ukuthi wenze impilo yawo ibe lula. Ayakuthanda ukuxhumana nathi nokulandelelwa ukuthi imikhiqizo iwaphethe kanjani. Ngiqinisekisa ukuthi amakhasimende ami azizwa ebalulekile. Loko kwenza abuye njalo futhi alethe nabanye abantu,” kusho yena.
UNksz uPhidza unezisebenzi ezimbili ezibheke ezokuphatha nokukhiqiza. Uthi abantu abaningi bayangabaza ukuqala ibhizinisi ngenxa yokungabibikho kwemali. Ubona ukuthi ukulinda isikhathi esikahle sokuqala ibhizinisi noma usuthole usizo kuyiphutha.
“Qala ngokuncane onako. Uma usizo lwemali ungalutholi, qala ngemali encane. Ibhizinisi lidinga ukuziphatha kahle. Ngasebenza iminyaka emibili nengxenye ngaphandle kokuthola inzuzo. Ngangazi ukuthi ibhizinisi lami libalulekile,” kusho uNksz uPhidza.
Ugqugquzela abantu abasha ukuthi abashintshe umqondo ngokuqashwa, bacabange nokuzisebenza.
Ewumuntu oneziqu zomthetho, zase-University of South Africa, uthi wanquma ukumisa iziqu zakhe ukuze akhe igama lomkhiqizo wakhe.
“Ukuthi ufundile akusho ukuthi kufanele uqashwe. Ungakwazi ukwenza okuthile ngamandla akho uqashe abanye. Sike safakwa ekhanda ukucabanga ukuthi isikole simayelana nokuthola umsebenzi kodwa kungabayindlela ekusiza ukuvula ibhizinisi,” kucebisa uNksz uPhidza.
Uthi u-95% wamakhasimende akhe ngabesifazane. Unethemba lokuthi uzoqhubeka nokwandisa umkhiqizo wakhe, akwazi ukusiza abantu emphakathini.
Ezinhlelweni zakhe kubalwa ukudala amathuba emisebenzi engeziwe nokuseka izinhlangano ezingenzi nzuzo.
● Instagram: Glowing Queens Cosmetics
● TikTok: Glowing Queens Cosmetics

