UMnu uNelson Shangase, umnikazi weSneaker Wash yaseMbumbulu eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, eshaya into eneNkosi phakathi ekuhlanzeni amateku. Izithombe: Zithunyelwe

Ucwaningo olunzulu luyisisekelo sokuchopha amateku

WUTHOBILE ZWANE


NGESIKHATHI insizwa yaseMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ithola ukuthi ngeke ikwazi ukuqhuba izifundo ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, yayingaphelelwa yithemba noma ibhuquze ekhaya kodwa yasungula ibhizinisi lokuhlanza amateku elishintshe impilo yayo.

Ekhula uMnu uNelson Shangase, umsunguli weSneaker Wash, ehlanza amateku, wayenezifiso eziningi ngempil. Ubale ukuthi wayefuna wummeli, intatheli, umbhali wama-script, uthisha wesiNgisi, umdlali webhola lombhoxo noma i-accountant. 

“Ngaqeda uMatikuletsheni ngo-2019 kodwa ubaba okwakufanele angifundise washona. Ngasekuqaleni konyaka ngathola ithuba lokubuyela esikoleni kodwa isicelo sami sosizo lwemali sangaphumelela,” kusho le nsizwa eneminyaka ewu-23.

Ngemva kokungayitholi imali yokufunda uShangase waqhamuka neqhinga lokuthi uzoyenza kanjani imali. Wazifundisa ukunakekela amateku ngokuya ezitolo afunda ngemikhiqizo yokuwanakekela nangezinhlobo ezihlukene zamateku. Wazifundisa ukuwawasha esesebenzisa ulwazi aluthole ngocwaningo alwenze ezitolo eziwadayisayo.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/25/wenza-impilo-ibelula-kwabanqena-ukuwasha-amateki/

Uthi wayengenawo amateku kodwa wayehlanza akamzala wakhe ukuzijwayeze nokuzihlola ukuthi usewenza kahle yini lo msebenzi.

Ngo-2021 wabhalisa ibhizinisi ngokusemthethweni ebona isidingo sokuwashela abathanda amateku kodwa abangasitholi isikhathi sokuwanakekela.

Uyazicacela umehluko phakathi kwamateku angcolile nathintwe yisandla seSneaker Wash 

“Baningi abantu abathanda amateku futhi abafuna ukuwanakekela kahle kodwa abangasitholi isikhathi sokukwenza. Ibhizinisi ngiliqale ngisatohoza ngihlala KwaMakhutha (ilokishi eliwumakhelwane). Bekuyinto engiyenza ngezimpelasonto noma uma ngithola isikhathi. Umphakathi ubungiseka, angibanga nezinkinga,” kukhumbula uShangase.

UShangase uthi into ayithandayo ngomsebenzi wakhe wukusebenza ngezandla nokusiza ukwakha izwe nomnotho ongcono.

“Lo mkhakha uyakhula futhi ngihlela ukuqasha abantu abaningi ngalo msebenzi. Ngelinye ilanga ngifuna kube nomuntu othi ‘Ngingakwazi ukukhokhela ingane yami imali yesikole ngoba ngihlanza amateku’. Yingakho ngifuna ukufundisa abanye, ikakhulu abantu abafana nami (abafuna amasu okwenza imali) ukuze sikwazi ukuthuthukisana,” kusho yena.

Indlela amatasa ngayo, uthi ngosuku uhlanza amateku angaphezu kuka-25 kanti uthi uqinisekisa ukuthi akuxubeki mibala nasayizi. Okwamanje ubengakaqashi muntu kodwa ulekelelwa ngabakubo uma ematasa kakhulu.

Uthi amakhasimende akhe ngabantu abathanda amateku abo futhi abangathandi ukungcoliswa noma ikanjani. Izinsuku abamatasa ngazo yizimpelasonto, lapho abantu besuke bengasebenzi.

“Angigcini kumateku kuphela. Ngihlanza namabhuzu ngiwabuyisele esimweni,” kusho uShangase.

Uthi into ehlukile ngebhizinisi lakhe wukuthi uyaqinisekisa ukuthi abantu ubanika ngesikhathi amateku.

Uthi iningi lamakhasimende ulithola ezinkundleni zokuxhumana, lapho ezikhangisa khona. Uthi ubuye ayowashela osaziwayo, okubalwa kubona uDJ Sox.

Nokho kunezinselelo aseke wahlangabezane nazo. Kuzona ubala abantu abafuna ukwenzelwa umsebenzi ngesikweletu nabaphuza ukulanda amateku, okumqedela indawo yokuwabeka kodwa uyakwazi ukubhekana nale nselelo. 

Ukuthandwa kwesandla sikaShangase kwenza amateku agcine eklele kanje eSneaker Wash

Iseluleko sakhe kumuntu ofisa ukuqala ibhizinisi uthi aqale manje, angangabazi. “Ukucabanga kaningi kugcina sekuholela ekutheni ungenzi. Qala loko ofuna ukukwenza, okunye uzokufunda usuphakathi ukuthi kwenziwakanjani,” kucebisa uShangase.

Usenefiso sokubuyela esikoleni ukuyofeza isifiso sakhe. Izifiso zakhe ngebhizinisi wukuthola indawo eseduze nabantu ngoba baningi abafisa ukuletha amateku eSneaker Wash kodwa bakhale ngokuthi usebenzela kude.

Facebook: Sneaker Wash

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page