Owashiya umsebenzi usenza umlingo ngokhuni
WUTHOBILE ZWANE
INSIZWA enothando lokubaza yashiya umsebenzi wokudayisa izimoto ukuze igxile othandweni lwayo lokubaza.
UMnuz uSandile Hadebe washiya umsebenzi eMercedes-Benz eminyakeni eyisishiyagalombili edlule, wasungula inkampani ekhiqiza ifenisha yasendlini, eyemicimbi, eyamahhovisi neqashisayo iSawano Xclusiv Wood, eseVanderbijlpark, eGauteng.
“Ngasula emsebenzini nginothando olujulile lokwenza umsebenzi wezandla wokubaza. Leso siqalo esincane sesikhule saba yibhizinisi eliphumelelayo lokubaza nelokuthutha elisebenza kusuka endaweni yokugcina impahla, elisekelwa yithimba elizinikele lezisebenzi eziqashwe ngokugcwele neziyitoho,” kusho yena.

Waqala ukusebenza engakabinendawo, wathenga ukhuni, amathuluzi, wagcina eqasha indawo encane yokusebenza.
“Yonke into engangiyenza ngezandla zami yayinesandla sami, ikhono lami nokuzibophezela kwami ukwenza imikhiqizo esezingeni eliphezulu. Ngokushesha, amakhasimende aqala ukuza futhi atshela amanye ngomsebenzi wami. Ibhizinisi alikhulanga ngenxa yokukhangisa kodwa likhule ngenxa yokuthenjwa ngabantu, ” kukhumbula yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/11/11/oncelisa-amawele-unebhizinisi-lokukhiqiza-ifenisha-kanokusho-uxoxe-nozimbili-mazibuko/

Ukwanda kwama-oda kwenza ibhizinisi lafuna indawo enkulu yokusebenza, laqasha izisebenzi ezintsha. ISawano Xclusive Wood yabona isidingo sokuthutha ngoba amakhasimende edinga ukuqasha izimoto ezizowathuthela ifenisha, yatshala imali ebhizinisini ngokuthenga iveni.
Uthi impumelelo kuye ayisho nje ukudayisa imikhiqizo eminingi kodwa isho ukusekwa yithimba asebenzisana nalo. Njengamanje uqashe abantu abasha abangaphezu kwabawu-15, abasebenza ngokugcwele nabambalwa abasebenza uma umsebenzi umningi kakhulu.

“Abantu abaningi abangisebenzelayo bafika benolwazi oluncane kodwa bahamba sebenamakhono abalulekile nokuthemba ukuthi bangenza izinto zenzeke. Kubalulekile loku kimi ngoba ngiyazi ukuthi sikhula ngokuphakamisa abanye abantu. Ngifuna bazi ukuthi bangakha okuthile ngezandla zabo,” kusho uHadebe.
Uneseluleko kwabanye abafisa ukuqala ibhizinisi. “Okokuqala, awudingi izigidi ukuze uqale. Isiqalo esincane singakhula sibesikhulu ngokuqhubeka kwesikhathi. Okwesibil,i umsebenzi wakho akube yiwona okukhulumelayo. Izinga eliphezulu lomkhiqizo libuyisa amakhasimende futhi liyawagqugquzela ukuthi akukhangise.
“Okwesithathu, imali engenayo yenza ibhizinisi lakho lisebenze ngezikhathi ezinzima. Okwesine tshala imali kubantu, ithimba lakho lithwala umbono wakho liwubeke phezulu kunobungakwenza uwedwa. Okokugcina, yibanesineke. Impumelelo yakheka kancane, zethembe,” kucebisa yena.
UHadebe ufisa ukukhulisa iSawano Xclusive uphiko lwayo lokuthutha lugcine selusebenza ezweni lonke.
“Ngifisa ukuvula isikhungo sokuqeqesha intsha ngamakhono, ukusungula isizinda sezimboni zokukhiqiza ezindaweni ezihlukene nokwandisa ezokuthutha kuzo zonke izifundazwe, okuzodala amathuba omsebenzi amaningi ukuze imindeni eminingi ibenempilo engcono,” kuphetha uHadebe.
Facebook: Sawano Xclusive Wood

