Usihlalo webhodi ye-Eskom uMnu uMteto Nyati uhleka yedwa ngomsebenzi awenze nabalingani bakhe ukuguqula isimo sale nkampani ephehla ugesi kusukela bethathe izintambo zokuyiphipha. Isithombe: Sithunyelwe

Ibhodi entsha ye-Eskom izoqhubeka nomsebenzi wokuphipha omuhle

WUBONISWA MOHALE

I-ESKOM izishaya isifuba ngokubuyisa ibhodi ebiphelelwe yisikhathi kule nkampani kahulumeni ephehla ugesi. 

Usihlalo webhodi endala futhi obuyayo ebhodini eqale ukusebenza kule nyanga uMnu uMteto Nyati uthi ngesikhathi beqokwa ngo-Okthoba wango-2022 kwakufanele baqinisekise ukuthi isimo sibuyela kwesijwayelekile e-Eskom futhi izikhulu eziphezulu ziyahlala. 

Ibhodi entsha inabantu akade bekwibhodi endala abane kanti uNyati uzoqhubeka nokubawusihlalo kwentsha njengoba ezohlala eminye iminyaka emithathu kuze kubewu-Okthoba wango-2026. 

Isikhulu esiphezulu uMnu uDan Marokane nesikhulu sezimali uMnu uCalib Cassim bazohlala bengabaqondisi. 

Abanye abasebhodini wungoti embonini yokuxhumana ngobuchwepheshe uDkt Andrew Barendse, uqweqwe lukasosayensi ekuvikeleni imvelo uDkt Kgaugelo Chiloane, ungoti kwandabazantu uNks uSharmila Govind, unjiniyela nongoti wemithetho kwezokuxhumana uDkt uDimakatso Matshoga, isazi sokubolekisa ngemali yokusimamisa umnotho uMnu uTshokolo Nchocho, isazi somthetho uSolwazi uVuyo Peach nesazi sokubolekisa ngemali yokusimamisa umnotho uNks uBajabulile Tshabalala. 

Abanye ababuyile wungoti wengqalasizinda uMnu uVuyo Goqwana, unjiniyela kagesi uDkt uTsakani Mthombeni, isazi senuzi uMnu uClive le Roux nesazi sesayensi uDkt uBusisiwe Vilakazi.

Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, kusho uNyathi uthe: “Umsebenzi wokulungisa i-Eskom ubungelula ngoba ubuthinta izwe lethu. Izithiyo beziziningi kodwa ngokuhlela nokuqinisekisa ukuthi imigomo yokuphatha iyalandelwa, sikwazile ukushintsha isimo. 

“Le nkampani ikwaze ukwenza inzuzo emva kweminyaka eyisishiyalombili ilahlekelwa yimali. Siqinisekise ukuthi silungisa indlela yokusebenza, ukuphatha imali nokuthi abaphambana nomthetho bajeza ngendlela efanele,”.

Uthe ibhodi endala ibiqinisekisa ukuthi izinselelo ibhekana nazo ngokushesha futhi ingananazi ukutshela izikhulu nezisebenzi okulindeleke kubona ngoba izwe belidinga ugesi. 

“Ukubhekana kwethu ngqo nezinselelo nokucacisa esikulindele kwabaphethe e-Eskom kuqinisekise ukuthi le nkampani inekusasa, ikwazi ukuheha abatshalimali, yenza inzuzo nomsebenzi wayo obalulekile wokuphehla ugesi,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/10/kuqokwe-usihlalo-omusha-e-eskom-uslindile-khanyile-uyabika/ 

Phakathi kwemisebenzi emihle eyenziwe yibhodi endala kubalwa: 

1) Ukuguqula isimo se-Eskom ukuze ikwazi ukubayinkampani esebenzayo, evala izikhala zomsebenzi nenezikhulu ezingasuli njalo. 

2) Ukuqinisekisa ukuthi yenza inzuzo ewuR16 billion emva kokukhokha intela ngonyaka wezimali ophele ngoMashi 31. Loku kube yizindaba ezinhle uma kuqhathaniswa nokuthi ngo-2023 yalahlekelwa wuR23bn. 


3) Ukuzanohlelo lokucubungulisisa izindleko, ukuqinisa isandla ukuqinisekisa ukuthi imali iphathwa kahle futhi kwehla izindleko.

4) Ukwehlisa izindleko zokusebenzisa i-open gas cycle turbine, indlela yokuphehla ugesi esebenzisa udizili, zasuka kuR30bn ngo-2023, zaya kuR8.5bn okulindeleke ukuthi ziqhubeke kuwona ngonyaka ozayo. 

5) Ukwandisa ugesi okhona ezweni ngonyaka wezimali wango-2024/25 wabawu-96%, usuka ku-9% ngonyaka wezimali wango-2022/23. Izinhlelo zokwandisa ugesi zaziqale ngoMashi wango-2023. Ibhodi yayifuna ukuthi kushaye uMashi walo nyaka sekukhona ugesi owu-70% ezweni. 

6) Ukulungisa ingqalasizinda yeziteshi eziyisithupha ezimqoka okuqale ngoMashi wango-2023, okusize ukungenisa ugesi owu-7 800 megawatts

Ibhodi ikwaze ukushintsha indlela izinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho eziyibuka ngayo i-Eskom njengoba ngenyanga edlule iS&P Global ibeke iNingizimu Afrika endaweni enhle ngokomnotho. Ibalule izinguquko ezenzeka e-Eskom. 

Ikwazile nokushintsha umbiko wezimali ngokuthi kwazeke ukuthi yonke imali yenzekeni. Ngale ndlela ibhodi yehlise ubugebengu, ukukhwabanisa, inkohlakalo nokuthi imisebenzi eyenziwa yizinkampani ezizimele yenziwe okwangempela. 

UMarokane sithe izinguquko ezenzeke kusukela ngo-Okthoba wango-2022 kuze kubemhlaka-30 wangoNovemba kulo nyaka bezidinga kuthathwe izinqumo ezinzima. 

Izinselelo ebezibhekene nebhodi ephumayo kubalwa eyokuhlukanisa i-Eskom ibeyizinkampani ezintathu obekushaya ngonyawo lonwabu. Isekhona nenkinga yezikweletu zomasipala njengoba ngoMashi bebeyikweleta uR94.6bn osuke kuR74.4bn ngonyaka odlule. 

Isazi sezindaba zikagesi nengqalasizinda uNks uRuse Moleshe sithe zinhle izinguquko ezenzeka e-Eskom futhi ibhodi entsha izokwazi ukuqhubeka nezinyathelo ezinhle ebesezithathiwe.

“Ebhodini entsha kukhona namalungu ebhodi endala engingabala kuwona usihlalo nabanye. Usihlalo uyaziwa ngobuholi obulungisa izinto ezinkampani. 

“Loku siyakubona njengoba i-Eskom isiyenza inzuzo. Ixube izazi zenuzi, ezisebenza ngokubolekisa imali yokusimamisa umnotho, ososayensi abavikela imvelo, izazi zakwandabazabantu nabanye abantu abanamakhono adingekayo. Le ngxubevange yamakhono izosiza kakhulu ukuphucula i-Eskom,” kusho yena.

Ubalule ukuthi i-Eskom isizoncintisana nezinye izinkampani eziphehla ugesi, ngakho kubalulekile ukuthi ibenabantu abanamakhono azoyisiza ngalesi sikhathi. 

UNks uMoleshe uphethe ngokuthi ukubakhona kukagesi kuzoqhubeka nokungenisa inzuzo e-Eskom, kusize izinkampani ukukhiqiza, kuhehe abatshalimali futhi kusimamise umnotho waseNingizimu Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page