Wenza imigexo enomlingo wokuhlanganisa izihlobo ezidukile nemindeni yazo
WUTHOBILE ZWANE
INSIZWA yaseBloemfontein, eFree State, ithi isifo sokukhohlwa sikagogo wayo sayinika umqondo webhizinisi elizomvikela nabanye abantu abanezifo ezibeka impilo yabo engozini.
UMnu uKabelo Makhetha, oneminyaka ewu-24, wasungula i-Owa Jewellers, eyenza imigexo enobuchwepheshe obuphephisa abantu abanezifo ezenza impilo yabo ilengele engozini.
UMakhetha uthi ugogo wakhe wayekhohlwa aze akhohlwe ngisho igama lakhe futhi ejwayele ukulahleka. “Ukulahlekelwa wumqondo kwenza umuntu angakwazi ukuchaza ukuthi ungubani. Bengifuna ukwenza okuthile okuzomphephisa (ugogo wami),” kusho yena.
UMakhetha, oneziqu ze-Advanced Diploma in Studio Art, egxile ekwenzeni ubucwebe, zaseCentral University of Technology, usebenzisa ikhono lakhe lokwenza ubucwebe ukwenza umgexo ohlukile i-CareLink pendant.
UMakhetha wayengomunye wethimba le-Enactus lasenyuvesis elaliyomela iNingizimu Afrika kwi-Enactus World Cup yango-2022 ePuerto Rico. Uwine i-2025 TEA Kasi Pitching Challenge kanti i-Owa Jewellers isesigabeni samanqamu se-2025 MTN Digital Innovation Challenge.

Umgexo we-Owa Jewellers onobuchwepheshe obuhlenga abantu abanesifo sokukhohlwa
Uthi ngale kobuhle bawo, lo mgexo unamandla njengoba unemininingwane yomuntu owugqokile okuthi uma ifakwa kwi-scan iveze imininingwane yomuntu neyosizo oluphuthumayo aludingayo.
Uthi i-Owa Jewellers ayagicini nje ngokwenza nje imigexo esiza abantu abagulayo. “Abazali bayisebenzisela izingane zabo. Kulula ukuthi zaziwe ukuthi zingobani uma zehlelwa yinkinga. Imindeni iyisebenzisela abantu ebathandayo abanezifo ezihlukene zomqondo. Elinye ikhasimende langitshela ukuthi, ‘loku kusinika ukuthula’. Yilapho ngabona khona ukuthi umsebenzi wami ubalulekile,” kusho uMakhetha.

UMakhetha owumpetha weTEA Kasi Pitching Challenge wango-2025
Uthi uhambo lwakhe ebhizinisini olwakudala, njengoba ekhule ebuka uyise edayisa amaveji nokunye ukudla emgwaqweni. Uthi naye ugcine esezenzela ubucwebe ngezingcingo nezinye izinto ayehambe ezicosha.
“Ubaba wayewusomabhizinisi nakuba yena wayengazibizi ngaye. Ngangivame ukumsiza ngokudayisa amaveji kanti yileyo ndlela engangithola imali yokuzibheka ngayo. Kuyena ngafunda ukuphanta, ukuqala izinto nokuzimela,” kukhumbula uMakhetha.
Uthi ukusungula i-Owa Jewellers kufike nezinkinga ezijwayelekile kosomabhizinisi abasebasha abaningi. Kuzona ubala ukuswela imali, izinsizakusebenza, njengoba imishini yokukhiqiza ubucwebe ibiza, nengcindezi yokuzisebenza efunda.
UMakhetha uthi akavumanga ukuthi lezi zinselelo ziwise ibhizinisi lakhe kodwa waphikelela yize kwakunzima.
Iseluleko sikaMakhetha kubantu abafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Bambelela entweni oyithandayo noma oyenzayo. Ungalindi ukunconywa ngabanye abantu. Zibheke futhi ukholelwe ohambweni lwakho. Noma yini esengqondweni yakho ngebhizinisi ingenzeka uma ukholelwa emandleni akho.”
Njengoba esasebenza yedwa okwamanje, uMakhetha uthi ufisa i-Owa Jewellers igcine isiqasha abanye abantu.
Facebook: OWA Jewellers
Instagram: @owajewellers_pty.ltd

