Imifelandawonye yenza abalimi babenamandla – ungqongqoshe
YINTATHELI YOMBELE
IMIFELANDAWONYE yolimo inamandla okuqeda indlala nokudala imisebenzi ezindaweni zasemakhaya.
Usho kanje ungqongqoshe womNyango wezoLimo nokuThuthukisa iziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natali uNkk uThembeni KaMadlopha-Mthethwa ngesonto elidlule.
UNkk uKaMadlopha-Mthethwa utshele abalimi abangamalungu emifelandawonye eMntabuntengayo Sportgrounds eMbumbulu, eThekwini, KwaZulu-Natali, ukuthi ukusebenzisana kubalulekile ngoba kubasiza ukuthola izimakethe nokusho amanani omkhiqizo wabo.
UNgqongqoshe wezoLimo unxusa abalimi ukuthi bazibandakanye kwimifelandawonye ukudala amathuba emisebenzi.
Imifelandawonye ibihlangene emcimbini obuhlelwe yiKZN Ezolimo movement efuna ukwakha inhlangano ezomela izimfuno zabalimi abayingxenye yemifelandawonye, okubalwa kuzo usizo lwezimali, ukungena ezimakethe nezifundo zokubacija ngamakhono ebhizinisi.
“Abalimi bafuna ukuqinisekisa ukuthi bakhuluma ngazwi linye ukuthola izaphulelo uma beyothenga okuthile nokuthi bakwazi ukudayisa imikhiqizo yabo ezimakethe ezikhokha kahle. Bakhiqize nezitshalo ezifuneka kakhulu ezimakethe. Kungalesi sizathu ngibanxusa ukuthi babeyingxenye yemifelandawonye,” kusho yena.
Uthe uma imifelandawonye idala amathuba emisebenzi uhulumeni nezinhlangano ezixhasa ngemali ziyibuka ngeso elihle futhi iyashesha ukuthola usizo eludingayo.
UNkk uKaMadlopha-Mthethwa uphethe ngokuthi ukukhuluma komlimi oyedwa wasemakhaya nomthengi akufani nokuthi abalimi abaningi bakhulume ngazwi linye uma befuna ukudayisa imikhiqizo yabo.

