UMnu uSebogodi Malefetsa, umsunguli we-Azishenism Culture, eyenza izimpahla zokugqoka nezesikhumba yaseGoli, eGauteng. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphatha isikhwama esasidabukile esikoleni kwamnika umqondo wokwenza imikhiqizo yesikhumba 

WUTHOBILE ZWANE 

UKHULE evuselela izicathulo zakhe ezigugile zesikhumba umsunguli wenkampani eyenza imikhiqizo yesikhumba yekhethelo. 

UMnu uSebogodi Malefetsa waseKhutsong, eGauteng, uthi uthando lokwenza imikhiqizo eyinguganaboya lwamfikela esafunda amabanga aphansi emva kokugugelwa yisikhwama sokuphatha izincwadi.  Loku kumgqugquzele ukuthi asungule inkampani yezimpahla zesikhumba iSebogodi House of Leather ngo-2020.

“Isikhwama sami sokuphatha izincwadi sasibhobokile kangangokuthi ngagcina sengiphatha ngoplastiki ngoba umama wayengenayo imali yokungithengela isikhwama. Loku kwatshala umqondo wokuthi ngifune ukwenza isikhwama esizohlala isikhathi eside,” kukhumbula le nsizwa eneminyaka ewu-44.

Namuhla uMalefetsa usenza izimpahla zokugqoka, izicathulo, izikhwama, amabhande nokunye ngaphansi kwelebuli ye-Azishenism Culture. Inesitolo eMaboneng Lifestyle Centre eGoli. 

Noko uhambo lwakhe ebhizinisini aluqalanga kalula njengoba yaqala ngokudayisa oswidi ngemva kokushona kukanina ngo-2003. Unina wayenomshini wokuthunga kanti yiwona uMalefetsa ayewusebenzisa ukuthunga, nokugcine sekuyibhizinisi. 

Ibhizinisi i-Azishenism Culture uyiqale ngo-2013 eyibiza nge-Azishe ngoba wayethi akushe umsebenzi kodwa inkampani yesikhumba yabhaliswa ngo-2020. 

“Nganginekepisi ngaleso sikhathi. Yilona engaqala ngalo ukuthunga, ngase ngilandela ngedansane. Ngikhule ngiwumuntu othanda izicathulo futhi ngizithenga kakhulu. Uma sezigugile ngangingazilahli, bengizilungisa noma ngizenze zibe yesinye isitayela ngesikhumba. Kwakunzima ngaleso sikhathi kodwa angikaze ngililahle ithemba. Ngangifunda emaphutheni,” kusho uMalefetsa. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/22/inkinga-yamakhona-ezinyaweni-imnike-umqondo-wokwenza-izicathulo/

Waqala enza izikhwama ukusiza izingane zaseKhutsong ngezikhwama zokuphatha kodwa engazi ukuthi kuzobayibhizinisi elikhulayo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wayofundela imfashini eSEWAFRICA Fashion College kodwa wazishiya phakathi izifundo zakhe ngenxa yokushoda ngemali. 

Eminye imikhiqizo ye-Azishenism yaseSebogodi House of Leather 

“Ukuyeka ekolishi kwangenza ngazizwa ngiyisehluleki kodwa enhliziyweni yami ngangazi ukuthi uhambo alukapheli. Ngabuyela ekhaya nganquma ukuzisebenza ngoba vele nginekhono lokuthunga. Ngangifuna ukwenza ngesinono izimpahla zesikhumba ezinhle. Umkhiqizo wami wenziwa kuleli zwe ngesikhumba zakhona lapha ekhaya,” kusho uMalefetsa.

Uthi nakuba umkhiqizo wakhe waqala eKhutsong kodwa ukukhula kwangempela kwafika ngenkathi eseqala ukuxoxa indaba yakhe ezinkundleni zokuxhumana, nokuyinto ayeyithatha kancane. 

“Ngangicabanga ukuthi umsebenzi wami uzongikhulumela kodwa ngafunda ukuthi abantu bafuna ukwazi umuntu owenza lo msebenzi. Izinkundla zokuxhumana nazo zingisizile ngoba kwi-Facebook ne-Instagram, abalandeli bami babuka ama-video esikhumba sami noma sengisenza imikhiqizo ehlukene. Uma abantu bebuka inqubekelaphambili, bayaluhlonipha uhambo lwakho,” kusho yena.

Uthi wenza isiqiniseko sokuthi izimpahla zakhe zisezingeni eliphezulu ngoba akafuni abantu babukele phansi izinto zselokishini. 

Kwizinselelo aseke wabhekana nazo ubalule ukungabibikho kwezinsizakusebenza. Le nselelo ukwazile ukubhekana nayo ngokuthenga izinsizakusebenza kancane kancane.
ISebogodi House of Leather isinezisebenzi eziyisithupha, ezine ezisebenza ngokugcwele nezimbili eziyitoho. 

Ugqugquzele abanye osomabhizinisi ukuthi bakhulume ngamabhizinisi abo ezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu bafuna ukuxhumana kangcono nomuntu owenza umkhiqizo othile. 

“Xoxa ngohambo lwakho. Izinkundla zokuxhumana ziyasiza ukufinyelela kubantu. Khumbula ukuthi izinga lomsebenzi wakho lenza ukuthi waziwe ngaphambi kokuthi wenze imali. Osomabhizinisi baselokishini kufanele bakhumbule ukuthi banamandla futhi bangayenza imali, balethe ushintsho,” kucebisa yena. 

Ufisa ibhizinisi lakhe likhule ligcine seliqasha abantu abasha abaningi baseNingizimu Afrika.

Facebook: Azishenism Culture 
Instagram: sebogodi_houseofleather

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page