I-Cosatu ifuna izinyunyana eyazixosha zibuyele ‘ekhaya’
YINTATHELI YOMBELE
UMENGAMELI womfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) uNksz uZingisa Losi unxusa izinyunyana ezaqembuka kuyona ukuthi zibuye ekhaya.
ULosi ubekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka ewu-40 yalo mfelandawonye owasungulwa ngo-1985, obuseGoli, eGauteng, ngoMgqibelo. Unxuse ukuthi iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa), iFood and Allied Workers’ Union (iFawu) neSouth African Football Players’ Union (iSafpu) zibuyele kwiCosatu.
“Yisikhathi sokuthi izinyunyana zihlangane, zikhulume ngazwi linye. (Asiphelele) kulo mcimbi ngoba iNumsa ayikho, iFawu nayo ayikho neSafpu. Zonke lezi zinyunyana sifuna zibuyele ekhaya,” kusho yena.
Uthe iCosatu izilwela njalo izisebenzi ngoba azisaxhashazwa njengoba kwakwenzeka ngesikhathi sobandlululo. Ubalule ukuthi amahora asetshenzwayo aqondile futhi kunomthetho ocacisa kahle ukuthi izisebenzi zisebenza amahora amangaki nokuthi emva kwaloko yikuphi okufanele kwenzeke.
Izisebenzi zesifazane ezikhulelwe sezithola ikhefu lezinyanga ezimbalwa ukuze zikwazi ukukhulisa izingane kanti namadoda asethola ikhefu uma omama bezingane beyobeletha.
Uthi eminyakeni embalwa bakwazile nokuqinisekisa ukuthi izisebenzi ezihola kancane zihola imali engconywana eqala kuR3 500 ngokohlelo i-National Minimum Wage.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/19/kufunwa-abatshalimali-abazovusa-imboni-yamathayi-egqeberha/
Ubalule nokuthi isibonelelo sabantu abangasebenzi ngabe asikho ukuba iCosatu ayizange ithi kufanele sibekhona emva kokubheduka kwe-Covid-19.
Mayelana nokuncipha kwamalungu ezinyunyana eNingizimu Afrika iphini lokuqala likamengameli weCosatu uMnu uMichael Shingange lithe kunzima ukukhulisa isibalo samalungu ezinyunyana njengoba ingekho imisebenzi.
Uthe kudala zaqala izingxoxo zokuncenga iNumsa neFawu ukuthi zibuyele kwiCosatu futhi namanje zisaqhubeka.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNumsa enamalungu angaphezu kwawu-300 000 asebenza embonini yensimbi, yaxoshwa kwiCosatu ngo-2014 emva kokunqaba ukuseka i-ANC okhethweni. Loku kwakuphambene nesinqumo seCosatu njengoba idlelana ne-ANC.
Unobhala jikelele weSouth African Federation of Trade Unions uMnu uZwelinzima Vavi, naye owaxoshwa kwiCosatu ngo-2015, uthe iNumsa neFawu zingaphansi kwabo futhi azikaze zifune ukubuyela emuva.
“Kuwukuganga ukuthi kunezingxoxo eziqhubekayo zokubuyisela iNumsa kwiCosatu. Le nyunyana yaziphumela yakha ikhaya elisha. Yebo siyahambisana nokuthi izisebenzi zikhulume ngazwi linye, kubenokubambisana phakathi kwezinyunyana kodwa eyokubuyela ‘ekhaya’ asihambisani nayo,” kusho yena.
Izolo iNumsa ayithandanga ukuphawula ngalolu daba njengoba umkhulumeli wayo uNkk uPhakamile Hlubi-Majola ethe bamashela eHhovisi likaMengameli uCyril Ramaphosa ukuze aseke ikhwela labo lokuhlenga izinkampani ezincibilikisa insimbi. Uthe kuyimanje iSamancor Glencor ne-Almar Investments ifuna ukudiliza izisebenzi eziwu-7 000.
Uthe: “Sifuna uhulumeni ukhokhise izinkampani ezincibilikisa insimbi u-62c ngehora ngogesi eziwusebenzisayo ukuze zikwazi ukwenza inzuzo nokudala imisebenzi. Simatasa nokulwela amalungelo ezisebenzi okwamanje.”
Ugqongqoshe womNyango kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa uthe uzokwehlisa amanani kagesi ezinkampani ezincibilikisa insimbi abe wu-87.7c ngehora ukuhlenga imisebenzi esengcupheni.
Isazi sepolitiki esifundisa ngepolitiki nangobudlelwano bamazwe eNyuvesi yaKwaZulu-Natali uMnu uZakhele Ndlovu sithe isikhathi sezinyunyana sesiyaphela ngoba udumo lwazo namandla ezazinawo eminyakeni edlule alusafani.
“Sehlile isibalo samalungu ezinyunyana ezweni lonke. Inkinga iyaphela imisebenzi futhi izinkampani eziningi manje azizifuni izinyunyana. Sekunzima ukuthola amalungu ezinyunyana njengoba izisebenzi zingasaqashwa ngokugcwele. Akuyisizi-ke iCosatu nokudlelana ndawonye ne-ANC neSACP ngoba kunokungaboni ngaso linye. Kumanje iSACP ifuna ukuzimela yodwa okhethweni,” kusho yena.

