Umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago uthi izinguquko ezinhle ezenzeka eNingizimu Afrika zilethe ithemba kubatshalimali. Isithombe: Sithunyelwe

Izinguquko ezenzeka eNingizimu Afrika zigqugquzela abatshalimali – iBhange lomBuso

YINTATHELI YOMBELE 

UMBIKO wokugcina wonyaka weBhange lomBuso uveza ukuthi kuningi okuhle okunyuse ithemba labatshalimali ngeNingizimu Afrika. 

Lapha umbiko ubala ukuphuma kwezwe ohlwini lweFinancial Action Task Force lwamazwe angenamithetho eqinile yokunqanda ukushushumbisa imali nezenzo zobushokobezi i-grey list. 

Okunye okubuyise ithemba labatshatshalimali ngezwe yizinguquko ezimenyezelwe kwiSabelomali samaphakathi nonyaka i-Medium Term Budget Policy Statement nokwehla kwesikali samandla emali esuka phakathi kwango-6% no-3%, aya ku-3%. 

IBhange lomBuso lithi loku kulisizile ukwehlisa imalimboleko, kwehlisa izindleko zabantu. Lo mbiko ophume ngesonto elidlule uveze ukuthi amanani okumbiwayo, ikakhulu igolide nokuhambisana ne-platinum, kusizile ukuqinisa amandla erandi.

Imboni yezolimo kuvela ukuthi ikwazile ukwenza kahle, yize bekunezinselelo zokuqubuka kwamatele nokubiza kwezinsiza zolimo. Imvula enhle isize ukuthi kuvunwe umbila ongamathani awu-16.44 million ngonyaka wezimali wango-2024/25, okunyuse isivuno sombila ngo-28% uma kuqhathaniswa nesenkathi edlule.

Imboni yezimayini iqhubekile nokunyusa umkhiqizo wayo, okubalwa owezinto ezine-platinum, owe-manganese ore, owe-chromium ore, owamalahle nowe-iron ore. Kwehlile ukumbiwa kwedayimane kanti okunye bekumbiwa ngendlela ejwayelekile. Ukunyuka kokumbiwayo kusizile ukukhulisa imboni yezimayini kodwa kusizile nokuthi iNingizimu Afrika ikudayise ngamanani aphezulu nezokuthutha bezisebenza kangcono uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/12/kuhlukene-imibono-ngesikali-esiwu-3-samandla-emali/

IBhange lomBuso lithi ngekota yesithathu imboni kagesi, eyegesi nehlinzeka ngamanzi ayikhulanga kakhulu kodwa eyokukhiqiza ikhule ngo-0,5% neyokwakha ikhulile. 

Ukukhula embonini yokukhiqiza kwenziwe wukukhiqiza ukudla, iziphuzo, ifenisha, izimoto nezinsimbi zazo. Kubenokuphazamiseka emva kwesinqumo seMelika sokunyusa intela ekhokhiswa izimpahla ezivela eNingizimu Afrika ezidayisa khona kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi izimboni ezithintekayo zibenezinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaqhubeka, yize isimo sentela sisekhona. 

Ukwehla kokusebenza kukagesi, ngokweBhange lomBuso, kwenziwe wukwehla kokudingeka kwawo ezimbonini eziwusebenzisayo njengoba bese zizovala ngamaholidi. 

Kuvela ukuthi ukwehla kwemalimboleko kubasizile abantu ukuthi babe nemali yokuthenga, izikweletu zasemakhaya nazo zehlile kwazise bese besala nemadlana emva kokwehla kwemalimboleko. 

Ukudaleka kwemisebenzi ewu-248 000 kusizile ukuqinisekisa ukuthi imindeni inemali yokufeza izidingo zayo. Yize amandla emali enyuse amanani okudla kusukela ku-5,5% ngoJulayi aya ku-3,9% ngo-Okthoba ngenxa yokubiza kwamaveji kodwa manje isimo sesingcono. 

Nokho inyama yenkomo ibiloku ibiza ngenxa yamatele. Ukwehlisa isibalo samandla emali kusizile ukwehlisa izindleko ezibhekene nabantu futhi kulindeleke ukuthi asize ukwehlisa imalimboleko ngonyaka ozayo.

INingizimu Afrika ingenise uR67.4 billion wabatshalimali kodwa isikweletu sezwe sinyukile sisuka ku$176.5bn (uR2 961,9bn) ekupheleni kwangoMashi saya ku$180.2bn uma kuphela uJuni.

Imali efakwe ngabatshalimali bakwamanye amazwe inyuke yafinyelela kuR2 475bn ekupheleni kwangoJuni. Ukuboleka imali embonini okungesiyona eyemali kwehle ngoR53.7bn unyaka nonyaka kwabawuR157.9bn uma kubhekwa kusukela ngo-Ephreli kuya ngoSepthemba walo nyaka. 

Imali eshodayo esikhwameni sikahulumeni yehle ngoR25.bn yaba wuR231.bn ezinyangeni eziyisithupha zokuqala kwalo nyaka uma kuqhathaniswa nangonyaka wezimali ophelile. 

Isidingo sokuboleka imali sinyukile ngenxa yokuthi ngonyaka wezimali ophelile iBhange lomBuso lalikhokhe uR100bn ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule kodwa kulo nyaka alizange lifake isandla kakhulu kodwa okuhle wukuthi kwiSabelomali samaPhakathi noNyaka uhulumeni uzibophezele ukuthi uzosehlisa isikweletu. 

Kulindeleke ukuthi wandise imali ozoyisebenzisa ukulungisa nokwakha ingqalasizinda nokuletha izinguquko ezihleliwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page