Amadayimane ngenye yemikhiqizo engenisele iNingizimu Afrika uR192 billion ngo-Okthoba. Isithombe: Sithunyelwe

Uhwebo lwango-Okthoba lungenise uR15.6 billion eNingizimu Afrika 

YINTATHELI YOMBELE 

ININGIZIMU Afrika yenze uR15.6 billion owengeziwe ngokuhwebelana namanye amazwe ngo-Okthoba. Loku kuvele ezibalweni ezintsha zohwebo ezikhishwa yiSouth African Revenue Service.

Ngo-Okthoba iNingizimu Afrika idayise izimpahla kwamanye amazwe ngoR192.2bn, yathenga izimpahla ezibiza uR176.6bn okuhlanganisa ukuhweba neBotswana, ne-Eswatini, iLesotho neNamibia. 

Imali esingenile eyengeziwe ngokuhweba kusukela ngoJanuwari kuze kubewumhlaka-31 wango-Okthoba kulo nyaka iwuR142.7bn kanti incane kuneyenziwe ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule ewuR148.1bn.  

Imali engene ngokudayisa izimpahla ewuR192.2bn inyuke ngo-7.4% uma iqhathaniswa noR178.9bn owawusungene ngo-Okthoba wangonyaka odlule. Imali esetshenziswe ngokuthenga izimpahla kwamanye amazwe inyuke ngo-7.3% isuka kuR164.5bn ngonyaka odlule iba wuR176.6bn.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/10/01/iningizimu-afrika-ingenelwe-wur4-0-billion-ngokudayisa-izimpahla-phesheya/

Ukudayisa izimpahla kwamanye amazwe kunyuke ngoR5.2bn, okuwu-2.8% kusuka kuR187.0bn kuya kuR192.2bn phakathi kwangoSepthemba no-Okthoba walo nyaka. 

Ukuthenga izimpahla kwamanye amazwe kunyuke ngo-7.2% noma uR11.8bn njalo ngenyanga ngesikhathi esifanayo. 

Izimpahla ezingenise imali kakhulu yigolide, idayimane ne-aluminium. Izimpahla ezithengwe kwamanye amazwe wu-oyela ongahluziwe, amafutha ahluziwe nezinsimbi ezihlukene. 

Imali engene ngoSepthemba isuke kuR21.8bn, yaba wuR22.3bn emva kokulungisa ama-voucher. okusho ukulungisa amaphutha okungenzeka abesemaphepheni ezimpahla ezidayiswa kwamanye amazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page