Izivakashi eziza eKZN zizongenisa uR13 billion ngamaholidi kaDisemba
YINTATHELI YOMBELE
UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi balindele izivakashi eziphakathi kuka-1 million no-1.1m ezivela kwezinye izifundazwe zaseNingizimu Afrika neziwu-34 000 ezivela kwamanye amazwe ngala maholidi kaDisemba.
UZondi usho kanje ngesonto elidlule ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wezokuvakasha eLa Clef Boutique Hotel maphakathi neKwaZulu-Natali. Ithimba likahulumeni wesifundazwe nelikamasipala uhlola umsebenzi wokulungisa umfuziselo kamengameli wokuqala waseNingizimu Afrika lapho aboshelwa khona, iNelson Mandela Capture Site eHowick.
“Ukufika kwalezi zivakashi silindele ukuthi kungenise imali ewuR13 billion ezizothenga ngayo. Emnothweni waKwaZulu-Natali kuzongena uR3.8bn. Lezi zibalo yizona eziphezulu esezike zabakhona ngemva kwe-Covid-19,” kusho uyena.
Uthe ngoJanuwari kuya ngoMeyi eThekwini kufike izivakashi ezingaphezu kwango-2.8m ezivela kwezinye izifundazwe ezweni neziwu-186 00 ezivela phesheya. Zingenise uR5bn. Ngamaholidi kaDisemba uthe balindele izivakashi eziwu-1.3m eThekwini.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/13/bahleka-bodwa-abemboni-yokuvakasha-kubuya-izivakashi/
Uthi balindele nezinye kwezinye izifunda njengaseMhlathuze, kwiLembe, eMgungundlovu, eHarry Gwala nasoGwini oluseNingizimu.
Ubalule ukuthi isibalo sezivakashi ezivela kwamanye amazwe siyakhula njengoba ziwu-8.9m ezivakashele eNingizimu Afrika zivela kwamanye amazwe ngonyaka oodlule.
“Siyakhula nesibalo sezivakashi ezivela emazweni awomakhelwane baseNingizimu Afrika njengoba sifinyelele ku-15.6%. Izivakashi ezifika ngemikhumbi nazo ziyanyuka, njengoba kuzoza imikhumbi yokuvakasha ewu-66 kusukela manje kuze kubengoJuni ozayo. Le mikhumbi ithwala abantu abawu-110 994 abasebenzisa imali yabo eNingizimu Afrika.
“Sikulungele ukwamukela izivakashi zakuleli zwe nezivela ngaphandle. Kuningi okuzozithokozisa KwaZulu-Natali kusukela enyakatho, kuya oGwini oluseNingizimu naseziNtabeni zoKhahlamba. Abanikazi bezindawo zezivakashi bathi sebeqalile ukubekisa indawo yokuhlala abantu,” kusho uZondi.
Uthe kuphephile eKZN ngoba amaphoyisa azobe etshalwe yonke indawo futhi kukhona namakhamera aqaphe ezokuphepha. Amaphoyisa asebophe abantu abawu-3 739 ngaphansi kohlelo lokulwa nobugebengu olubizwa nge-Operation Shanela.
Ilungu lebhodi yeKZN Tourism Authority nomgqugquzeli wesifunda saseMgungudlovu uNksz uBunny Bhoola uthe uhamba kahle umsebenzi wokulungisa iMandela Capture Site futhi izivakashi zizojabulela ukuhamba ezindleleni ezintsha ezilungiswayo, kuzobanendawo yokupaka eyanele neyokuxoxa ngomlando wakhe. Umsebenzi uzophela maphakathi noDisemba.
UNksz uBhoola uthe ukulungisa ingqalasizinda yokuvakasha kuzoheha izivakashi, abenzi bamafilimu futhi kwandise namathuba omsebenzi.
Usihlalo webhodi yeKZN Tourism and Film Authority uDkt uSibusiso Ndebele uthe ezokuvakasha aziyona nje into eyenziwa ukuzijabulisa kodwa ziyinsika ebalulekile yomnotho ngoba zidala amathuba emisebenzi, zigqugquzele abatshalimali ukuthi bafake imali yabo ezweni futhi zenze nabantu ukuthi baziqhenye ngokubangabaseKZN naseNingizimu Afrika.
UNkk uKate Kelly weMidlands Meander Tourism Route uthe indawo yangakubo igabe ngamagugu okuvakasha aqhakambisa amasiko nobuhle bendawo.
Uthe bakhangisa ngawo wonke amadolobha amancane nezigodi ezivakashini ezihambela le ndawo.
UZondi uphethe ngokuthi abatshalimali balungisa ingqalasizinda emahhotela aseSouthern Sun, okuzoba wuR1bn olwandle lwaseThekwini. Uthi kuzozanengqalasizinda yeClub Med Resort ezovula ezinyangeni eziyisithupha kanti abantu sebeqalile ukubekisa.

