UNksz uNelia Ngulube, uwumsunguli weYaya's Rusks, inkampani eyenza ama-rusk yaseGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Umzanyana usenebhizinisi lama-rusk ekhethelo

WUTHOBILE ZWANE 

ISIZULU siqinisile uma sithi ingane engakhali ifela embelekwini. Kubenjalo nakumzanyana waseGoli owayenezinkinga zemali wazidela amathambo wacela umqashi wakhe ukuthi amnyusele umholo. Esikhundleni sokuthi umqashi wakhe amnyusele imali, wamnika icebo lebhizinisi.

UNksz uNelia Ngulube, owaziwa ngelikaYaya, usesebenze iminyaka ewu-16 enakekela izingane. Uthi ngo-Ephreli walo nyaka waxoxela umqashi wakhe ukuthi uyasindwa njengoba engenamali eyanele yokwenza izidingo zomndeni wakhe. 

“Esikhundleni sokuthi umqashi wami athi uzonginyusela imali, wavele wangibuza umbuzo engingawulindele. Wangibuza ukuthi kungani ngingadayisi ama-rusk engijwayele ukubabhakela wona? Ngabona ukuthi kufanele ngizame kodwa ngangingenathemba lokuthi azothengwa ngenxa yokuthi kunezinhlobo ezidumile ezitolo,” kusho yena. 

Nakuba ayemanqika kodwa wasithatha leso seluleko kanti manje usewumnikazi weYaya’s Rusks ekhula mihla namalanga.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/12/12/unamaphupho-amakhulu-ongenisayo-embonini-yokudayisa-isinkwa-uxoxe-notebogo-mokwena/

Uthi ukwenza ama-rusk wafundiswa yisalukazi ayesisebenzela eCraighall Park, eGoli, kanti ngokuhamba kwesikhathi uzifundise ukuwanonga ngezinye izithako ukuze ahluke. 

“Umqashi wami lona engimsebenzela manje uNkk uKate Wilkinson wangenzela ikhasi lami enkundleni yokuxhumana i-Instagram. Vele uwumuntu osebenza ngokukhangisa ezinkundleni zokuxhumana. Ubefaka ama-video nezithombe zami ngibhaka. Emva kwamasonto ambalwa ngathola abalandeli abawu-10 000 nama-oda amaningi. Manje sengidayisa amaphakethe awu-60 kuya kwawu-100 ama-rusk ngesonto,” kusho uNksz uNgulube. Iphakethe eliwu-500g leYaya’s Rusks liwuR120.  

Ama-rusk eYaya’s Rusks esanda kuphuma kuhhavini 

Nakuba liselisha ibhizinisini kodwa uthi useyavuna njengoba esekwazi ukondla umndeni wakhe futhi onge imali ebhange. Usekwaze nokuzithengela uhhavini wokubhaka. Ufisa ukuthenga imoto ngokuqhubeka kwesikhathi.

Ama-rusk eYaya’s Rusks esepakishiwe kahle

Yize ibhizinisi lakhe likhula kodwa uthe akakacabangi ukuyeka ukubawumzanyana ngoba yinto ayithandayo futhi uyasithola isikhathi sokuqhubeka nokugada amawele aneminyaka emibili.

“Uma amawele engiwaphathayo eselele ngisebenzisa leso sikhathi ukubhaka, kwazise alala isikhathi eside. Ngiyakwazi ukuqeda ama-oda engisuke ngiwatholile. Ngaleyo ndlela ngiyakwazi ukwenza umsebenzi wami wokugada izingane futhi ngiqhubeke nebhizinisi lami,” kusho yena.

Iseluleko sakhe kwabafisa ukubawosomabhizinisi sithi: “Qala kancane, ungakuyeki okholelwa kukho. Ungesabi ukucela usizo ngisho noma kubonakala sengathi izinto ngeke zenzeke, qhubeka ngoba icebo liyazakha.”

Okwamanje usebenzisana neMama Mac’s, ibhizinisi elenza futhi amabhiskidi nama-rusk, elimsiza ukusabalalisa awakhe. Ufisa ukubanebhikawozi ngelinye ilanga, andise izinhlobo zama-rusk futhi adale nemisebenzi. 

Facebook: Yaya’s Rusks

Instagram: @yaya_rusks

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page