Intokazi yaseLimpopo yenza ushokoledi onamacimbi
WUTHOBILE ZWANE
AKEKHO owake wacabanga ukuthi amacimbi angangena kushokoledi kodwa usomabhizinisi wesifazane waseLimpopo wenza ushokoledi noncamnce ngawo.
UNkk uWendy Vesela-Ntimbani, wasePhalaborwa, uthi inhloso yakhe yokusungula iMatomani wukwenza ukudla kwamacimbi kutholakale kalula futhi kukhange, ikakhulu kubantu abangakaze bakuzwe.
IMatomani yenza ushokoledi onamacimbi, impuphu yamacimbi, ama-cracker nawo amacimbi uqobo. Uthe, igama elithi matomani lisho amacimbi ngesiTsonga.
Amandla eMatomani alele ekuhlanganiseni amagugu, amasiko nezinto ezintsha zokudla zesimanje. Amacimbi anomsoco wemvelo onamaprotheni, i-fibre, i-iron namaminerali abalulekile, okuyizakhamzimba.
“Sifake amacimbi kushokoledi ukuze abantu badle amasonja entweni abayijwayele noma ehehayo. Uma uthatha ushokoledi wethu awuboni amacimbi kodwa ubona ushokoledi omnandi yize siwafakile,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-34.

Amanani emikhiqizo aqala kuR89 kuya kuR899 futhi atholakala nakuTakealot nase-Amazon kodwa unezinhlelo zokungena ezitolo ezinkulu zakuleli zwe.
Uthe ukhule evuna amacimbi nabazali bakhe eLimpopo. Yiloku okwamkhuthaza ukusungula ibhizinisi elimxhumanisa nendabuko yakhe egxile ekudleni okunomsoco. Imatomani uyisungule ngoNovemba wango-2021 ngemali yesikhwama sempesheni yakhe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/08/04/uthando-lwamabhizinisi-lwenze-waqala-iwayini-noshokoledi-okuthi-yena-uxoxe-notebogo-mokwena/
UNkk uVesela-Ntimbani uneziqu ze-Master of Business Administration zaseWits Business School neze-Chemical Engineering zase-University of Johannesburg ezimsiza ukuphucula ibhizinisi lakhe.
Umkhiqizo wakhe wokuqala kwakuyimpuphu yamacimbi ayihlola kubasubathi nengoti bokudla okunomsoco ukuze athole ulwazi olwanele ngomsoco okuyona. Loku kwamsiza ukukhiqiza impuphu enambithekayo nokuyipakisha ngendlela ehlelekile.
Ebhizinisini uNkk uVesela-Ntimbani useke wabhekana nezinselelo ezinjengokuswela usizo lwemali, ukungafinyeleli kalula ezimakethe, izindleko zezinsizakusebenza, ikakhulu imishini, nokufundisa abathengi ngomkhiqizo ongajwayelekile.
Uthi kuzo izinselelo uphumelele ngokugxila eqophelweni eliphezulu lokukhiqiza esebenzisa izithako zemvelo nokuqondisisa izimakethe ezithile, okuhlanganisa abagijimi beComrades Marathon neJoburg 947 Bike Race.
IMatomani isiqashe izisebenzi eziwu-21 kanti ngesikhathi sokuvuna idala imisebenzi ewu-50. Ufisa ukwandisa amathuba omsebenzi ngokuqhubeka kwesikhathi.
IMatomani isebenzisana nemiphakathi yasezindaweni ezisemakhaya eLimpopo, lapho ethola amacimbi khona. Ihlinzeka ngamathuba omsebenzi, ukuqeqesha namathuba okuhweba kubantu bendawo. Uthi ukufukula le miphakathi kuyinto enkulu emsebenzini wakhe.
Eluleka abanye osomabhizinisi, uthi ibhizinisi lidinga umuntu aziphathe kahle futhi asebenze kanzima. “Uma kukhona ongakwenzi, akekho omunye ozokwenza futhi nezimpelasonto azikho. Kufanele uqale ngothando, ugxile emsebenzini wakho, uqonde amakhasimende futhi ungalokothi wehlise izinga,” kucebisa uNkk uVesela-Ntimbani.
Facebook: Matomani
Instagram: matomani_za

