Sezimenyezelwe zonke izinhlelo zokuphuma kwemali yabantu ebivaleleke eThala. Isithombe: Sithunyelwe

Seluphumile usuku lokuphuma kwemali eseThala

WUBONISWA MOHALE 

NGEMVA kokuthi umGcinimafa ekhiphe uR2.2 billion ozokhokha imali yabantu, imali yamakhasimende ebivaleke eThala izoqala ukuphuma ngoMsombuluko. 

Esitatimendeni esithunyelwe yiBhange lomBuso lithe umGcinimafa uxoxisene nohulumeni waKwaZulu-Natal ngezinhlelo zokukhokhela amakhasimende imali yawo. 

Zizoqala ngoMsombuluko mhlaka-8 wangoDisemba izinhlelo zokukhipha imali kodwa ababeke imali eThala bazoqala ngokuthi kuqinisekiswe imininingwane yabo ukuze imali izokhokhelwa abantu abafanele. Ukuqinisekisa imininingwane yamakhasimende kuzothatha izinsuku ezimbili.

I-First National Bank (iFNB) iqokwe ukwengamele umsebenzi wokukhokhela amakhasimende eThala imali yawo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/12/01/sekulindwe-usuku-lokuthi-kuphume-imali-yabantu-ebhajwe-ethala/

Abantu abazokhipha imali yabo ebivaleleke eThala kufanele baqale bavule ama-akhawunti eFNB bese emva kwaloko bakhethe ukuthi bafuna ukudlulisela imali kwamanye amabhange noma bayahlala eFNB. Alikho igatsha leThala elizokhokhela abantu imali yabo. 

Amakhasimende eThala azothintwa yiFNB. Kufanele aqale athole le mininingwane ngaphambi kokuya emagatsheni aseFNB ukuqinisekisa imininingwane yawo. Kuzothunyelwa i-SMS enemininingwane yezinto ezizodingeka uma sekuqinisekiswa ukuthi ikhasimende yilona ngempela yini, okubalwa umazisi, incwadi enekheli lomuntu nobufakazi ne-akhawunti yebhange imali ezofakwa kulona. 

Kusukela mhlaka-8 wangoDisemba amakhasimende athole i-SMS azoya emagatsheni eFNB aseduze nawo. Amakhasimende anikwe kuze kubewu-2028 ukufuna imali yawo njengoba sekuqale lolu hlelo. 

UmGcinimafa uzoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni waKwaZulu-Natali nophiko lweBhange lomBuso elilawula ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lokukhokha imali luhamba kahle.

Ababeboleke imali eThala kuthiwe kufanele baqhubeke nokuyikhokha kwi akhawunti yase-Absa ethi 4067762302.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page