Amaholo azonyuka ngo-4.5% emayini iSibanye-Stillwater
WUBONISWA MOHALE
ZIZOWUSONGA kahle unyaka izisebenzi zemayini iSibanye-Stillwater emva kokuthi izinyunyana zivumelene nomqashi ukuthi imali inyuke ngo-4.5%.
Lesi sivumelwano ngeseminyaka emithathu, okusho ukuthi sizoqala ngomhlaka-1 wangoJulayi kulo nyaka size siphele ngomhlaka-30 wangoJuni wango-2028.
Okhulumela inyunyana i-United Association of South Africa uNksz u-Abigail Moyo uthe zonke izisebenzi zizonyuselwa imali ngo-4.5% kodwa le mali izosho lukhulu kwizisebenzi ezihola kancane ezisesigabeni sesine kuya kwesesishiyagalombili ngoba uR4.5% wazo uwuR800.
Uthe abavukuzi, ama-artisan nezinduna abawu-4.5% bazoba ngaphansi kukaR800 ngonyaka wokuqala. Ngonyaka wesibili imali izonyuka ngo-4.8% kuwo wonke umuntu noma uR900 kwabahola kancane, kuthi ngowesithathu inyuke ngo-5.0% noma uR1 000 kwabahola kancane.
UNksz uMoyo uqhube wathi abahola kancane bakhushulelwe kakhudlwana kunabahola kangconywana ukuze kwehle igebe lamaholo phakathi kwabahola kakhulu nabahola kancane.
Khonamanjalo, izingxoxo zamaholo phakathi kwe-Eskom, iSolidarity, iNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) neNational Union of Mineworkers zifinyelele kwangqingetshe.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/05/abashayeli-bamabhanoyi-eflysa-babuyele-emsebenzini/
Lezi zingxoxo ziqale ngomhlaka-25 wangoNovemba, zaphela ngomhlaka-27 wangoNovemba ngaphansi kweso leCentral Bargaining Forum kanti zizoqhubeka ngoJanuwari.
Umkhulumeli weNumsa uNkk uPhakamile Hlubi-Majola uthe i-Eskom ayizange yamukele izimfuno zezinyunyana kanti beyinyunyana bebefuna amaholo anyuke ngo-15% kubeyisivumelwano sonyaka kodwa i-Eskom yathi ingakwazi ukuwanyusa ngo-3.5% kubeyisivumelwano seminyaka emithathu. I-Eskom ibalule ukuthi ekubekile kungaphezu kwesikali samandla emali.
I-Numsa ibifuna nesibonelelo sezindlu sibewuR7 000, esezimoto ifuna sinyuke ngoR4 000, umqashi akhokhe u-80% wesibonelelo se-medical aid kuthi izisebenzi zikhokhe u-20%. Ifuna imali yokuhlala.“Lezi zimfuno zizifanele izisebenzi ngoba zisebenze kanzima ukufeza izinhlelo ze-Eskom njengoba ikwaze ukwenza inzuzo ewuR16 billion futhi kulindeleke ukuthi ibewuR16bn ngonyaka ozayo, ibewuR21bn ngo-2027 bese iba wuR35bn ngo-2028. Ugesi awusacimi kanti okhona manje uwu-64%. Sizoqhubeka nokulwela izisebenzi ukuze zithole izimfuno zazo,” kusho uNkk uHlubi-Majola.

